Skip to Content

"kwabathunjwa"

5 occurrences in ZUL

U-Ezra 1:11

Zonke izitsha zegolide nezesiliva zaziyizinkulungwane eziyisihlanu namakhulu amane. Zonke lezo uSheshebasari wazikhuphula ekukhushulweni kwabathunjwa eBabele ukuya eJerusalema.

U-Isaya 61:1

UMoya weNkosi uJehova uphezu kwami , ngokuba uJehova ungigcobil e ukuba ngishumayele izindaba ezinhl e kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo, nokumemezela ukukhululwa kwabathunjwa nokuvulelwa kweziboshwa itilongo,

UDuteronomi 21:11

ubone phakathi kwabathunjwa owesifazane omuhle onamathela kuye , uthanda ukumthatha abe ngumkakho,

UHezekeli 16:53

Ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabo , ukuthunjwa kweSodoma nokwamadodakazi alo , nokuthunjwa kweSamariya nokwamadodakazi alo , nokuthunjwa kwabathunjwa bakho phakathi kwawo

UHezekeli 1:1

Kwathi ngomnyaka wamashumi amathathu ngenyanga yesine ngolwesihlanu, ngiphakathi kwabathunjwa ngasemfuleni iKhebari , lavuleka izulu, ngabona imibono ngoNkulunkulu.