Skip to Content

"kwahlangana"

5 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 18:7

U-Obadiya esendleleni, bheka, kwahlangana naye u -Eliya, wambona, wawa ngobuso, wathi: Wena uyinkosi yami u-Eliya na?

IzEnzo 16:16

Kwathi siya endaweni yokukhuleka , kwahlangana nathi intombazana enomoya wobungoma, eyayitholela abaniniyo inzuzo enkulu ngokubhula.

NgokukaLuka 17:12

Esangena emzaneni othile , kwahlangana naye amadoda ayishumi anochoko, amela kude,

NgokukaMarku 5:2

Esephume emkhunjini , kwahlangana naye masinyane umuntu ovela emathuneni, enomoya ongcolileyo.

NgokukaMathewu 8:28

Kwathi esefikile ngaphesheya ezweni lamaGadara , kwahlangana naye ababili abakhwelwe ngamademoni , bephuma emathuneni , beyizidlova ezinkulu ngangokuba kwakungedlule muntu ngaleyo ndlela.