Skip to Content

"kwasebusheni"

17 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 18:12

Kuyakuthi sengisukile kuwe , uMoya kaJehova akuyise lapho ngingazi khona, nanxa sengifika ukuba ngimtshele u -Ahabi, yena angakufumani , uyakungibulala; kepha mina nceku yakho ngiyamesaba uJehova kwasebusheni bami.

1 uSamuweli 12:2

Manje bhekani , inkosi iyahamba phambi kwenu ; mina sengimdala , ngiyimpunga; nanka amadodana ami a kini; ngihambile phambi kwenu kwasebusheni bami kuze kube namuhla.

1 uSamuweli 17:33

USawule wathi kuDavide: Awunamandla okuya kulowo mFilisti, ulwe naye, ngokuba ungumfana nje, yena eyindoda yempi kwasebusheni bakhe.

2 uSamuweli 19:7

Ngalokho suka , ukhulume kahle ezincekwini zakho , ngokuba ngifunga uJehova ngithi, uma ungaphumi, akuyikusala muntu kuwe ngalobu busuku; lokhu kuyakuba kubi kuwe kunakho konke okubi okukwehlele kwasebusheni bakho kuze kube namuhla.

AmaHubo 129:1

Bangihluphile kaningi kwasebusheni bami, makasho njalo u-Israyeli.

AmaHubo 71:17

Nkulunkulu, ungifundisile kwasebusheni bami ; ngizilandile izimangaliso zakho kuze kube manje.

IzEnzo 26:4

Inkambo yami kwasebusheni eyaba sesizweni sakithi naseJerusalema kwasekuqaleni bonke abaJuda bayayazi,

NgokukaLuka 18:21

Kepha wathi: Konke lokho ngikugcinile kwasebusheni bami.

NgokukaMarku 10:20

Kepha wathi kuye: Mfundisi, konke lokho ngikugcinile kwasebusheni bami.

U-Isaya 47:12

Yima manje neziphonso zakho nobuningi bamalumbo akh o okhandlekile kukho kwasebusheni bakho ; mhlawumbe uyakusizakala , mhlawumbe uyakubanga uvalo.

U-Isaya 47:15

Ziyakuba njalo kuwe izinto okha ndleke kuzo , zihambisene nawe kwasebusheni bakho; seziyakuzulazula, kube yileyo naleyo ngendlela yayo , ekusindisayo ingabikho.

UGenesise 46:34

anothi: Izinceku zakho zingabantu bemfuyo kwasebusheni bethu kuze kube manje, thina nawobaba, ukuze nihlale ezweni laseGosheni , ngokuba wonke umalusi wezimvu uyanengeka kwabaseGibithe.

UGenesise 8:21

UJehova wezwa iphunga elimnandi ; uJehova wathi enhliziyweni yakhe : Angisayikuphinda ngiqalekise umhlaba ngenxa yabantu, ngokuba imicabango yomuntu mibi kwasebusheni bakhe ; angisayikuphinda ngibhubhise konke okuphilayo, njengalokho ngenzile.

UJeremiya 22:21

Ngakhuluma kuwe usenenhlanhla, kepha wathi: Angizwa. Lokhu kuyindlela yakho kwasebusheni bakho ukuthi awulizwa izwi lami.

UJeremiya 3:24

UBosheti uqedile umshikashika wawobaba kwasebusheni bethu , izimvu zabo, nezinkomo zabo, namadodana abo, namadodakazi abo.

UJeremiya 48:11

UMowabi ugciniwe kwasebusheni bakhe , uphumulile enhleseni yakhe , kathululwanga ezitsheni ngezitsha, akayanga ekuthunjweni ; ngalokho ukuzwakala kwakhe kuhlala kuye, nephunga lakhe aliguquki.

UJobe 31:18

hhayi, ikhulele kimi kwasebusheni bami njengakuyise ; kwasesizalweni sikamame ngangingumholi wabafelokazi