Skip to Content

"kwehini"

9 occurrences in ZUL

U-Eksodusi 29:40

Kanye nelinye iwund lu wonikela ngokweshumi kwempuphu ecolekileyo , ixovwe nokwesine kwehini lamafutha agxotshiweyo , nokwesine kwehini lewayini, kube ngumnikelo wokuphuzwa.

ULevitikusi 23:13

Umnikelo wawo wempuphu woba ngokweshumi okubili kwempuphu ecolekileyo, exovwe namafutha, umnikelo womlilo kuJehova , ube yiphunga elimnandi, nomnikelo wawo wokuphuzwa woba ngokwesine kwehini lewayini.

UNumeri 15:4

khona-ke onikela ngomnikelo wakhe woletha kuJehova umnikelo wempuphu wokweshumi kwempuphu ecolekileyo exovwe nokwesine kwehini lamafutha;

UNumeri 15:5

newayini libe ngumnikelo wokuphuzwa, okwesine kwehini ngemvana inye , wolilungisela umnikelo wokushiswa noma umhlatshelo.

UNumeri 15:6

Kepha inqama uyakuyilungisela okweshumi okubili kwempuphu ecolekileyo exovwe nokwesithathu kwehini lamafutha, kube ngumnikelo wempuphu;

UNumeri 15:7

uyakunikela okwesithathu kwehini lewayini libe ngumnikelo wokuphuzwa nephunga elimnandi kuJehova.

UNumeri 28:14

Umnikelo wabo wokuphuzwa uyakuba yinxenye yehini lewayini ngenkunzi, nokwesithathu kwehini ngenqama , nokwesine kwehini ngemvu ; lokhu kungumnikelo wokushiswa wezinyanga zonke kuzo zonke izinyanga zomnyaka.

UNumeri 28:5

kanye nokweshumi kwe -efa lempuphu ecolekileyo ibe ngumnikelo wempuphu, exovwe nokwesine kwehini lamafutha agxotshelweyo.

UNumeri 28:7

Umnikelo wawo wokuphuzwa uyakuba ngokwesine kwehini ngemvu inye ; endaweni engcwele uyakuthululela uJehova umnikelo wokuphuzwa wophuzo olunamandla.