Skip to Content

"kwekamu"

40 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 11:11

Kwathi ngangomuso uSawule waviva abantu ngezigaba ezintathu ; bafika phakathi kwekamu ngomlindo wokusa , babulala abakwa-Amoni, laze lashisa ilanga; kwathi abaseleyo bahlakazeka, akusalanga kubo ababili bendawonye.

AmaHubo 78:28

Wakwehlisa phakathi kwekamu labo naphakathi kwezindlu zabo.

KumaHeberu 13:11

Ngokuba izidumbu zalezo zilwane ezigazi lazo lingeniswa ngumpristi omkhulu endaweni engcwele ngenxa yezono zishiswa ngaphandle kwekamu.

KumaHeberu 13:13

Masiphumele kuye ngaphandle kwekamu, sithwale ihlazo lakhe.

U-Amose 4:10

Nganithumela isifo ngendlela yaseGibithe , ngazibulala izinsizwa zenu ngenkemba, ngathumba amahhashi enu , ngenza ukuba ukunuka kwekamu lenu kukhuphukele nasemakhaleni enu , kepha nokho anibuyelanga kimi , usho uJehova.

U-Eksodusi 29:14

Kepha inyama yenkunzi, nesikhumba sayo, nomswani wayo, uyakukushisa ngomlilo ngaphandle kwekamu; kungumnikelo wesono.

U-Eksodusi 33:7

UMose wayevama ukulithatha itende , walimisa ngaphandle kwekamu , libe kude nekamu , walibiza ngokuthi itende lokuhlangana . Kwathi bonke abamfunayo uJehova baphuma, baya etendeni lokuhlangana elalingaphandle kwekamu.

UDuteronomi 23:10

Uma ekhona phakathi kwenu umuntu ongahlambulukile ngenxa yokumehleleyo ebusuku , uyakuphumela ngaphandle kwekamu , angangeni phakathi kwekamu,

UDuteronomi 23:12

Makube khona indawo ngaphandle kwekamu , lapho uyakuphumela khona ukuya ngaphandle,

UDuteronomi 23:14

ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyahamba phakathi kwekamu ukukophula nokunikela izitha zakho phambi kwakho ; ngalokho ikamu lakho liyakuba ngcwele ukuba angaboni into engcolileyo kuwe, akufulathele. Izigqila ezibalekileyo, nezifebe, nenzalo

UDuteronomi 23:8

Abantwana besizukulwane sesithathu abazalwa yibo bayakungena ebandleni likaJehova. Ukuhlanzeka kwekamu*

UDuteronomi 2:14

Izinsuku esahamba ngazo sisuka eKadeshi Barineya saze sawela umfula iZeredi zaziyiminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili , kwaze kwaphela isizukulwane samadoda empi phakathi kwekamu , njengalokho uJehova afunga kuwo.

UDuteronomi 2:15

Futhi isandla sikaJehova sasimelene nawo ukuwachitha phakathi kwekamu, aze aphela.

UJoshuwa 1:11

Dabulani phakathi kwekamu, niyale abantu, nithi: Zilungiseleni umphako, ngokuba emva kwezinsuku ezintathu niyakuwela leli Jordani , ningene ukuba nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wenu aninika lona ukuba nilizuze. Isiyalezo sikaJoshuwa ukuba izizwe zasempumalanga zisize ukunqoba izwe elingasentshonalanga kweJordani

UJoshuwa 3:2

Kwathi emva kwezinsuku ezintathu izinduna zadabula phakathi kwekamu.

UJoshuwa 6:23

Izinsizwa ezaziyizinhloli zangen a, zamkhipha uRahabi , noyise, nonina, nabafowabo, nabo bonke anabo , zakhipha bonke abomuzi wakhe , zababeka ngaphandle kwekamu lakwa-Israyeli.

ULevitikusi 10:4

UMose wabiza oMishayeli no-Elisafani amadodana ka-Uziyeli, uyisekazi ka- Aroni, wathi kubo : Sondelani, nibasuse abafowenu ngaphambi kwendlu engcwele, nibakhiphele ngaphandle kwekamu.

ULevitikusi 10:5

Base besondela , babasusa bembethe amabhantshi abo , babakhiphela ngaphandle kwekamu, njengalokho eshilo uMose.

ULevitikusi 13:46

Zonke izinsuku isifo sisekuye uyakuba ngongcolile; ungcolile; uyakuhlala yedwa; indawo yokuhlala kwakhe iyakuba ngaphandle kwekamu.

ULevitikusi 16:27

Inkunzi yomnikelo wesono nempongo yomnikelo wesono , elangeniswa igazi lazo ukwenza ukubuyisana endaweni engcwele , ziyakukhishelwa ngaphandle kwekamu , kushiswe ngomlilo izikhumba zazo nenyama yazo nomswani wazo.

ULevitikusi 17:3

Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa -Israyeli ohlaba inkunzi noma imvana noma imbuzi ekamu, noma eyibulala ngaphandle kwekamu,

ULevitikusi 24:14

Mkhiphele ngaphandle kwekamu lowo othukile; bonke abamuzwa mababeke izandla zabo ekhanda lakhe , inhlangano yonke imkhande ngamatshe.

ULevitikusi 24:23

UMose wakhuluma-ke kubantwana bakwa-Israyeli; bamkhiphela othukileyo ngaphandle kwekamu , bamkhanda ngamatshe . Abantwana bakwa -Israyeli benza njengalokho uJehova emyalile uMose.

ULevitikusi 4:12

yebo, yonke inkunzi uyakuyikhiphela ngaphandle kwekamu , ayiyise endaweni ehlambulukileyo lapho uthululwa khona umlotha.

ULevitikusi 4:21

Uyakuyikhiphela inkunzi ngaphandle kwekamu , ayishise, njengalokho wayishisa inkunzi yokuqala: lokhu kungumnikelo wesono webandla.

ULevitikusi 6:11

Abesekhumula izambatho zakhe , embathe ezinye izambatho , akhiphele umlotha ngaphandle kwekamu endaweni ehlambulukileyo.

ULevitikusi 8:17

Kepha inkunzi nesikhumba sayo , nenyama yayo , nomswani wayo , wakushisa ngomlilo ngaphandle kwekamu , njengalokho uJehova emyalile uMose.

ULevitikusi 9:11

Inyama nesikhumba wakushisa ngomlilo ngaphandle kwekamu.

UNumeri 11:31

Kwavuka umoya ovela kuJehova , waletha izigwaca zivela ngaselwandle , waziwisa ngasekamu kungathi ibanga losuku ngalapha nebanga losuku ngalapha kwekamu nxazonke , nokuphakama phezu komhlaba kungathi izingalo ezimbili.

UNumeri 11:9

Nxa amazolo elala phezu kwekamu ebusuku, imana lawela phezu kwawo.

UNumeri 12:14

UJehova wathi kuMose : Uma uyise ebemkhafulele ebusweni , ubengebe namahloni izinsuku eziyisikhombisa na? Makavalelwe ngaphandle kwekamu izinsuku eziyisikhombisa; ngasemva kwalokho uyakubuye angeniswe.

UNumeri 12:15

UMiriyamu wavalelwa ngaphandle kwekamu izinsuku eziyisikhombisa ; abantu abahambanga, waze wabuyiswa uMiriyamu.

UNumeri 15:35

UJehova wathi kuMose : Lowo muntu wobulawa nokubulawa ; yonke inhlangano iyakumkhanda ngamatshe ngaphandle kwekamu.

UNumeri 15:36

Yonke inhlangano yamkhiphela ngaphandle kwekamu , yamkhanda ngamatshe, wafa, njengalokho uJehova emyalile uMose. Isimiso sezinsephe ezingutsheni zabakwa-Israyeli

UNumeri 19:3

nisinike u -Eleyazare umpristi , yena asikhiphel e ngaphandle kwekamu , sihlatshwe phambi kwakhe;

UNumeri 19:9

Umuntu ohlambulukileyo uyakubutha umlotha wesithole , awubekele ngaphandle kwekamu endaweni ehlambulukileyo , ugcinelwe inhlangano yabantwana bakwa -Israyeli kube ngamanzi okuphothula ; kungumnikelo wesono.

UNumeri 31:13

OMose, no-Eleyazare umpristi, nazo zonke izikhulu zenhlangano baphuma ukubahlangabeza ngaphandle kwekamu.

UNumeri 31:19

Misani ngaphandle kwekamu izinsuku eziyisikhombisa ; yilowo nalowo obulele umuntu , nalowo othintile obuleweyo , makaziphothule ngosuku lwesithathu nangosuku lwesikhombisa, nina nabathunjwa benu.

UNumeri 5:3

nikhiphe abesilisa nabesifazane , nibakhiphele ngaphandle kwekamu ukuba bangangcolisi ikamu engihlala phakathi kwalo.

UNumeri 5:4

Abantwana bakwa-Israyeli benze njalo, babakhiphela ngaphandle kwekamu; njengalokho uJehova ekhulume kuMose , benze njalo -ke abantwana bakwa - Israyeli. Isijeziso sokuphambana noJehova