"kwentaba"
18 occurrences in ZUL
USawule wahamba ngalapha kwentaba , uDavide nabantu bakhe bahamba ngale kwentaba; uDavide washesha wahamba ngokumesaba uSawule , ngokuba uSawule nabantu bakhe bahaqa uDavide nabantu bakhe ukuba bababambe.
Izindawo eziphakem eyo ezaziphambi kweJerusalema , ngakwesokunene kweNtaba Yokonakala , uSolomoni inkosi yakwa -Israyeli ayezakhele u - Ashitaroti isinengiso samaSidoni , noKemoshi isinengiso sakwaMowabi , noMilkomu isinengiso sabantwana bakwa-Amoni, inkosi yazingcolisa.
UDavide nabantu bakhe bahamba ngendlela ; uShimeyi wahamba eceleni kwentaba malungana naye , wahamba ethuka , wamphonsa ngamatshe , wamthela ngothuli. OHushayi no-Ahithofeli
Bammbela emkhawulweni wefa lakhe eThimnati Heresi ezintabeni zakwa- Efrayimi ngasenyakatho kwentaba yakwaGahashi.
Esesondela ekwehleleni kweNtaba Yeminqumo , isixuku sonke sabafundi saqala ukuthokoza nokumdumisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu ngemisebenzi yonke yamandla esiyibonileyo,
Basukuma, bamxosha emzini, bamqhubela ekwengameni kwentaba umuzi wabo owakhiwe phezu kwayo, ukuze bamkhalakathelisele phansi.
Kwathi ngosuku lwesithathu sekusile, kwaba khona ukuduma nokunyazima kombani, nefu elinzima phezu kwentaba, nezwi lecilongo elizwakala kakhulu; bonke abantu abasekamu bathuthumela.
UMose wayesebakhipha abantu ekamu ukuba bahlangane noN kulunkulu; bema phansi kwentaba.
Sebesukile eRefidimi , befike ehlane laseSinayi , bamisa ehlane ; u-Israyeli wahlala khona phambi kwentaba.
UJehova wehlela phezu kwentaba yaseSinayi esiqongweni sentaba; uJehova wambiza uMose ukuba eze esiqongweni sentaba; uMose wakhuphuka-ke.
UMose wabhala onke amazwi kaJehova , wavuka ekuseni ngakusasa , walakha i -altare phansi kwentaba , nezinsika eziyishumi nambili njengokwezizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.
Kwathi esasondela ekamu, wabona ithole nokusina; ulaka lukaMose lwase luvutha, wazilahla izibhebhe ezandleni zakhe, wazaphula phansi kwentaba.
Nase nisondela , nema phansi kwentaba ; intaba yavutha umlilo kwaze kwaba phakathi kwezulu, inobumnyama, namafu, nesigayegaye.
kusukela entabeni yaseHalaki kwenyukela eSeyiri , yebo, naseBali Gadi esigodini saseLebanoni ngaphansi kwentaba yaseHermoni ; onke amakhosi abo wawathatha, wawagenca, wawabulala.
nezwe lamaGebali nalo lonke iLebanoni ngasempumalanga , kusukela eBali Gadi ngaphansi kwentaba yaseHermoni kuze kufike ekuyeni eHamati,
umkhawulo wajika usuka eBahala ngasentshonalanga , waya entabeni yaseSeyiri, wadlula waya eceleni kwentaba yaseJeharimi ngasenyakatho , eliyiKesaloni, wehlela eBeti Shemeshi, wadlula ngaseThimna;
umkhawulo wawusehlela ngasekupheleni kwentaba engaphambi kwesigodi sendodana kaHinomu esiyisigodi samaRefa ngasenyakatho; wehlela esigodini sikaHinomu eceleni kwamaJebusi ngaseningizimu, wehlela e-Eni Rogeli;
Bammbela emkhawulweni wefa lakhe eThimnati Sera elisezintabeni zakwa-Efrayimi ngasenyakatho kwentaba yakwaGahashi.