"kwesango"
24 occurrences in ZUL
Kwathi esaphatha umphongolo kaNkulunkulu , wawa nyovane esihlalweni sakhe ngaseceleni kwesango , kwaphuka intamo yakhe , wafa, ngokuba wayengumuntu omdala, esinda. Wayebahlulele abakwa-Israyeli iminyaka engamashumi amane.
Base bemdedela nxazombili , waya ekungeneni kwesango lamahhashi endlini yenkosi; bambulala khona.
Emva kwalokho wakha ugange olungaphandle komuzi kaDavide ngasentshonalanga kwaseGihoni esigodini kuze kube sekungeneni kweSango Lezinhlanzi; walihaqa i -Ofeli, waliphakamisa kakhulu ; wabeka izinduna ezinamandla emizini yonke ebiyelweyo yakwaJuda.
Yayisidabuka kakhulu inkosi , yakhuphukela ekamelweni elingaphezu kwesango, yakhala; isahamba yathi : Hhawu, ndodana yami Abisalomu , ndodana yami, ndodana yami Abisalomu ! Sengathi nga ngifile esikhundleni sakho, Abisalomu, ndodana yami, ndodana yami!
Yayisithi inkosi kubo : Okuhle emehlweni enu ngiyakukwenza . Inkosi yema ngaseceleni kwesango , bonke abantu baphuma ngamakhulu nangezinkulungwane.
U-Abineri esebuyele eHebroni , uJowabe wamchezukisela phakathi kwesango ukuba akhulume naye bebodwa , wamgwaza lapho esiswini waze wafa ngenxa yegazi lika-Asaheli umfowabo.
Ngosuku lwesabatha saphumela ngaphandle kwesango ngasemfuleni, lapho sathi babevama ukukhuleka khona ; sahlala phansi , sakhuluma kubo abesifazane ababebuthene.
Ngakho-ke naye uJesu , ukuze angcwelise abantu n gegazi lakhe , wahlupheka ngaphandle kwesango.
Kwaba njalo nakwelinye icele : ngalapha nangalapha kwesango legceke zazikhona izilenge eziyizingalo eziyishumi nanhlanu ; izinsika zazo zazintathu, nezinyawo zazo zazintathu.
waya naphambi kwesango lenkosi , ngokuba kwakungekho ongangena esangweni lenkosi embethe indwangu yamasaka.
UHathaki wayesehamba, waya kuMoridekayi esigcawini somuzi esasiphambi kwesango lenkosi.
Kusukela phambi kwesango ngasekungeneni kuze kube phambi kompheme wesango elingaphakathi kwakuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu.
Kwakukhona amafasitele avaliweyo , kuwo amakamelo nakuzo izinsika ngaphakathi kwesango nxazonke , kanjalo nakuyo imen gamo; kwakukhona amafasitele nxazonke ngaphakathi namasundu ezinsikeni.
Wayeselinganisa ububanzi kusukela phambi kwesango elingenzansi kuze kube phambi kwegceke elingaphakathi ngaphandle : yizingalo eziyik hulu ngasempumalanga nangasenyakatho.
Amatafula amane ayengalapha , namatafula amane ayengalapha eceleni kwesango, amatafula ayisishiyagalombili ababehlabela kuwo.
Ngaphandle kwesango elingaphakathi kwakukhona amakamelo abahlabeleli egcekeni elingaphakathi , eliseceleni kwesango lasenyakatho , libheke ngaseningizimu, elinye eliseceleni kwesango lasempumalanga , libheke ngasenyakatho.
Wayesengingenisa ngendawo yokungena eseceleni kwesango emakamelweni angcwele abapristi , abheke ngasenyakatho ; bheka, kwakukhona lapho indawo ngasemuva ngasentshonalanga.
Wathi kimi : Ndodana yomuntu , ake uphakamise amehlo akho ngendlela yasenyakatho. Ngase ngiwaphakamisa amehlo ami ngendl ela yasenyakatho; bheka, ngasenyakatho kwesango lase -altare lesi sithombe somhawu sasisentubeni.
kwathi ngesikhathi sokuvalwa kwesango lapho sekumnyama , amadoda aphuma; angazi ukuthi ayaphi lawo madoda ; sheshani niwaxoshe, ngokuba niyakuwafica.
Amadoda ase -Ayi abulala abantu abangamashumi amathathu nesithupha , abaxosha esuka phambi kwesango aze afika eShebarimi , ababulala emthambekeni; izinhliziyo zabantu zaphela amandla, zaba njengamanzi.
nangenhla kweSango lakwa -Efrayimi, naseSangweni Elidala, naseSangweni Lezinhlanzi, naseMbhoshongweni KaHananeli naseMbhoshongwe ni KaHameya, kwaze kwaba seSangweni Lezimvu; bema eSangweni Letilongo.
Phezu kweSango Lehhashi kwalungisa abapristi , kwaba yilowo nalowo malungana nendlu yakhe.
Bonke abantu babuthana njengomuntu munye esigcawini esasiphambi kweSango Lamanzi ; bakhuluma ku -Ezra, umbhali, ukuba alethe incwadi yomthetho kaMose, uJehova ayeyale ngawo u-Israyeli.
Wafunda kuwo phambi kwesigcawu esasiphambi kweSango Lamanzi , kusukela ekuseni kuze kube semini, phambi kwabesilisa nabesifazane nababe nengqondo yokuzwa; izindlebe zabantu bonke zalalela incwadi yomthetho.