Skip to Content

"kwesikhathi"

9 occurrences in ZUL

2 uSamuweli 20:5

Wayesehamba u-Amasa ukubutha uJuda, kepha walibala phezu kwesikhathi asinqunyelweyo.

AbAhluleli 14:8

Emva kwesikhathi wabuya ukuba amthathe, waphambuka ukuyobona isidumbu sengonyama ; bheka, kwakukhona iqulo lezinyosi esidumbini sengonyama kanye noju.

AbAhluleli 15:1

Kodwa kwathi emva kwesikhathi, ngesikhathi sokuvuna ukolweni, uSamsoni wahambela umkakhe enezinyane lembuzi ; wathi: Ngiyakungena kumkami ekamelweni. Kepha uyise kavumanga ukuba angene.

IzEnzo 27:14

Kepha emva kwesikhathi esingeside kwavuka kwehla kulo umoya oyisivunguvungu othiwa i-Ewurakiloni;

IzEnzo 5:7

Kwathi emva kwesikhathi esingaba ngamahora amathathu kwangena nomkakhe, engakwazi okwenzakeleyo.

KumaHeberu 4:7

uyanquma futhi usuku oluthile oluthiwa Namuhla , esho ngoDavide emva kwesikhathi esingaka njengokushiwo kuqala ukuthi : Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe, ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu.

KwabaseGalathiya 4:4

kepha lapho sekufikile ukuphelela kwesikhathi , uNkulunkulu wathuma iNdodana yakhe, izelwe ngowesifazane, izelwe phansi komthetho,

NgokukaLuka 1:8

Kwathi-ke esayenza inkonzo yobupristi phambi kukaNkulunkulu njengokuhlelwa kwesikhathi sesigaba sakubo,

NgokukaMathewu 25:19

Kepha emva kwesikhathi eside yafika inkosi yalezo zinceku , yalandisana nazo.