Skip to Content

"kwetende"

21 occurrences in ZUL

2 uSamuweli 6:17

Bawungenisa umphongolo kaJehova , bawubeka endaweni yawo phakathi kwetende uDavide alimisele wona ; uDavide wanik ela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula phambi kukaJehova.

AmaHubo 27:5

Ngokuba uyangithukusa edokodweni lakh e ngosuku lokuhlupheka , angicashise ekusithekeni kwetende lakhe, angiphakamisele edwaleni.

U-Eksodusi 26:9

Wohlanganisa izilenge eziyisihlanu ngokwazo , nezilenge eziyisithupha ngokwazo, isilenge sesithupha siphindwe phambi kwetende.

U-Eksodusi 29:10

Uyisondeze inkunzi ngaphambi kwetende lokuhlangana ; u-Aroni namadodana akhe babeke izandla zabo enhloko yenkunzi.

U-Eksodusi 40:30

Wabeka umcengezi phakathi kwetende lokuhlangana ne -altare, wathela kuwo amanzi okugeza.

U-Eksodusi 40:7

Ubeke umcengezi phakathi kwetende lokuhlangana ne-altare, uthele amanzi kuwo.

UJobe 29:4

yebo, njengasezinsukwini zokuvuthwa kwami , lapho ubuhlobo bukaNkulunkulu babuphezu kwetende lami;

UJoshuwa 7:21

Ngabona empangweni ingubo enhle yaseShineyari , namashekeli angamakhulu amabili esiliva, nesigaxa segolide esinesisindo esing amashekeli angamashumi ayisihlanu , ngakufisa, ngakuthatha; bheka, kuthukusiwe emhlabathini phakathi kwetende lami, nesiliva liphansi kwakho.

UJoshuwa 7:23

Zakukhipha phakathi kwetende , zakuyisa kuJoshuwa nakubo bonke abantwana bakwa-Israyeli, bakubeka phansi phambi kukaJehova.

ULevitikusi 14:8

Oyakuhlanjululwa makahlanze izingubo zakhe , aphucule zonke izinwele zakhe, ageze ngamanzi , ahlambuluke; emva kwalokho uyakungena ekamu , kepha ahlale ngaphandle kwetende lakhe izinsuku eziyisikhombisa.

ULevitikusi 3:13

abeke isandla sakhe enhloko yayo, ayihlabe ngaphambi kwetende lokuhlangana, amadodana ka-Aroni afafaze i-altare nxazonke ngegazi layo.

ULevitikusi 3:8

abeke isandla sakhe enhloko yomnikelo wakhe , awuhlabe ngaphambi kwetende lokuhlangana , amadodana ka -Aroni afafaze i -altare nx azonke ngegazi lawo.

ULevitikusi 4:14

lapho isono abone ngaso sesaziwe , ibandla liyakunikela ngeduna libe ngumnikelo wesono, lililethe phambi kwetende lokuhlangana.

ULevitikusi 9:5

Baletha-ke lokho uMose aku yalayo phambi kwetende lokuhlangana , nenhlangano yonke yasondela, yema phambi kukaJehova.

UNumeri 12:10

Ifu lasuka phezu kwetende ; bheka, uMiriyamu wayesenochoko , enjengeqhwa; u-Aroni wambheka uMiriyamu; bheka, wayenochoko.

UNumeri 16:43

OMose no-Aroni bafika ngaphambi kwetende lokuhlangana.

UNumeri 18:2

Nabafowenu, isizwe sakwaLevi , isizwe sikayihlo , sondela nabo ukuba bahlanganiswe nawe , bakukhonze; kepha wena namadodana akho kanye nawe niyakuba ngaphambi kwetende lobufakazi.

UNumeri 19:4

u-Eleyazare umpristi uyakuthabatha igazi laso ngomunwe wakhe , afafaze kasikhombisa ngaphambi kwetende lokuhlangana ngegazi laso,

UNumeri 3:38

Labo ab amisa phambi kwetabernakele ngasempumalanga , ngaphambi kwetende lokuhlangana ngasekuphumeni kwelanga , bayakuba ngoMose no - Aroni namadodana akhe, begcina inkonzo yendlu engcwele, begcina imfanelo yabantwana bakwa-Israyeli; umfokazi osondelayo uyakubulawa.

UNumeri 3:7

Bayakugcina izimfanelo zakho nezimfanelo zenhlangano yonke phambi kwetende lokuhlangana ukwenza inkonzo yetabernakele.

UNumeri 8:9

Uyakuletha amaLevi phambi kwetende lokuhlangana , ubuthe yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli,