Skip to Content

"kwezinsuku"

51 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 17:7

Kwathi ekupheleni kwezinsuku umfudlana washa , ngokuba yayingekho imvula ezweni. U-Eliya uyandisa impuphu namafutha

1 AmaKhosi 18:1

Kwathi emva kwezinsuku eziningi izwi likaJehova lafika ku -Eliya ngomnyaka wesithathu, lathi: Hamba uzibonakalise ku -Ahabi; ngiyakunisa imvula emhlabeni.

1 iziKronike 9:25

Abafowabo emizaneni yabo babeyakungena emva kwezinsuku eziyisikhombisa njalo izikhathi ngezikhathi ukuba babe nabo,

1 uSamuweli 25:38

Kwathi emva kwezinsuku eziyishumi uJehova wamshaya uNabali, wafa.

2 iziKronike 10:5

Wathi kubo: Buyelani kimi emva kwezinsuku ezintathu. Basuka-ke abantu.

2 iziKronike 21:15

wena wehlelw e yisifo esikhulu , isifo sezibilini , ukuze izibilini zakho ziphume ngesifo ekuhambeni kwezinsuku.

2 iziKronike 21:19

Kwathi ekuhambeni kwezinsuku ng esikhathi sokufika ekugcineni kweminyaka emibili , izibilini zakhe zaphuma kuye ngesifo sakhe , wafa ngobuhlungu obukhulu. Abantu bakhe abamshiselanga lutho njengokushiselwa kwawoyise.

IzEnzo 15:36

Emva kwezinsuku ezithile uPawulu wayesethi kuBarnaba : Ake sibuye , sihambele abazalwane emizini yonke ngaminye esashumayela kuyo izwi leNkosi, sibone ukuthi bahlezi kanjani.

IzEnzo 20:6

Kepha thina samuka ngomkhumbi eFilipi emva kwezinsuku zezinkwa ezingenamvubelo, safika kubo eTrowa ngezinsuku eziyisihlanu, sahlala khona izinsuku eziyisikhombisa. UPawulu uvusa u-Evitiku ekufeni

IzEnzo 21:26

Khona uPawulu wawathatha lawo madoda , ngangomuso wayesezihlambulula kanye nawo , wangena ethempelini , wabika ukuphela kwezinsuku zokuhlanjululwa, kuze kulethwe umnikelo ngenxa yawo onke. AbaJuda bavusa umsindo; uPawulu uyaboshwa

IzEnzo 24:1

Emva kwezinsuku eziyisihlanu umpristi omkhulu u-Ananiya wewuka kanye namalunga athile nommeli othile uTertulu ; laba bammangalela uPawulu kumbusi.

IzEnzo 24:11

futhi ungaqonda ukuthi akungaphezu kwezinsuku eziyishumi nambili ngikhuphukile ukuyokhuleka eJerusalema;

IzEnzo 25:1

Kwathi uFestu engenile esikhundleni , wasuka eKesariya emva kwezinsuku ezintathu, wenyukela eJerusalema;

IzEnzo 28:17

Kwathi emva kwezinsuku ezintathu wabizela ndawonye kuye abakhulu babaJuda; sebebuthene, wathi kubo : Madoda, bazalwame, noma mina ngingenzanga lutho oluphambene nesizwe namasiko awobaba , nokho ngasuswa eJerusalema ngiyisiboshwa, nganikelwa ezandleni zamaRoma;

KumaHeberu 7:3

engenayise, engenanina, engenaluzalo, engenakuqala kwezinsuku nakuphela kokuphila, kepha efaniswe neNdodana kaNkulunkulu , uhlala engumpristi njalonjalo.

NgokukaJohane 20:26

Emva kwezinsuku eziyisishiyagalombili abafundi bakhe babesendlini futhi, uTomase enabo . UJesu wafika iminyango ivaliwe , wema phakathi kwabo , wathi: Ukuthula makube kinina.

NgokukaJohane 4:43

Kepha emva kwezinsuku ezimbili waphuma lapho ukuya eGalile.

NgokukaLuka 15:13

Kwathi emva kwezinsuku ezingeziningi indodana encane yayisibutha konke, yamuka, yaya ezweni elikude , yachitha khona imfuyo yayo ihamba ngokonakala.

NgokukaLuka 2:46

Kwathi emva kwezinsuku ezintathu bamfumana ethempelini ehlezi phakathi kwabafundisi, ebezwa, ebabuza.

NgokukaMarku 10:34

bazakuyiklolodela, bayikhafulele ngamathe , bayishaye, bayibulale; kepha emva kwezinsuku ezintathu izakuvuka. UJesu ukhuza amadodana kaZebedewu (Math. 20:20)

NgokukaMarku 14:1

Emva kwezinsuku ezimbili kwaba khona iPhasika nomkhosi wesinkwa esingenamvubelo; abapristi abakhulu nababhali bafuna isu lokumbamba ngobuqili, bambulale.

NgokukaMarku 8:31

Khona waqala ukubafundisa ukuthi iNdodana yomuntu imelwe ukuhlupheka ngokuningi , ilahlwe ngamalunga nabapristi abakhulu nababhali, ibulawe, ivuswe emva kwezinsuku ezintathu.

NgokukaMarku 9:2

Emva kwezinsuku eziyisithupha uJesu wathatha oPetru , noJakobe, noJohane, wakhuphukela nabo entabeni ende bebodwa ; waphenduka esinye isimo phambi kwabo.

NgokukaMarku 9:31

ngokuba wabafundisa abafundi bakhe , wathi kubo : INdodana yomuntu ikhashelwa ezandleni zabantu , bazakuyibulala; kuthi isibulewe , izakuvuka emva kwezinsuku ezintathu.

NgokukaMathewu 17:1

Emva kwezinsuku eziyisithupha uJesu wa thatha oPetru , noJakobe, noJohane umfowabo, wakhuphukela nabo entabeni ende bebodwa.

NgokukaMathewu 26:2

Niyazi ukuthi emva kwezinsuku ezimbili kuyiPhasika ; iNdodana yomuntu izakukhashelwa ukuba ibethelwe esiphambanweni.

NgokukaMathewu 27:63

bathi: Nkosi, sikhumbula ukuthi lowo mkhohlisi esekhona wathi : Emva kwezinsuku ezintathu ngizakuvuka.

U-Isaya 24:22

Bayakubuthelwa ndawony e njengeziboshwa zibuthelwa emgodini , bavalelwe etilongweni, bajeziswe emva kwezinsuku eziningi.

UDaniyeli 12:13

Kepha hamba wena kuze kube sekupheleni ; usuphumulile uyakuma esabelweni sakho ngasekupheleni kwezinsuku.

UDaniyeli 1:15

Ngasekugcineni kwezinsuku eziyishumi ubuso babo babonakala bubuhle , babekhuluphele emzimbeni kunabo bonke abafana ababedla isabelo sokudla kwenkosi.

UDaniyeli 1:18

Ngasekugcineni kwezinsuku inkosi eyayishilo ukuthi bazakungeniswa ngazo, induna yabathenwa yabangenisa phambi kukaNebukadinesari.

UDaniyeli 4:34

Ngasekugcineni kwezinsuku mi na Nebukadinesari ngaphakamisa amehlo ami ezulwini , nomqondo wami wabuyela kimi , ngambonga oPhezukonke , ngamdumisa, ngamtusa yena ohlezi phakade . Ngokuba ukubus a kwakhe kungukubusa okuphakade , nombuso wakhe ungowezizukulwane ngezizukulwane;

UDuteronomi 9:11

Kwathi ngasekupheleni kwezinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane uJehova wanginika izibhebhe zombili z amatshe, izibhebhe zesivumelwano.

UGenesise 38:12

Emva kwezinsuku eziningi yafa indodakazi kaShuwa umkaJuda ; eseduduzekile uJuda wakhuphuka , waya kubo abagundi bezimvu zakhe eThimna, yena kanye nomhlobo wakhe uHira wase-Adulamu.

UGenesise 4:3

Kwathi emva kwezinsuku ezithile uKayini waletha kuJehova umnikelo wezithelo zomhlabathi.

UGenesise 7:10

Kwathi emva kwezinsuku eziyisikhombisa amanzi kazamcolo afika emhlabeni;

UGenesise 7:4

Ngokuba emva kwezinsuku eziyisikhombisa ngiyakunisa imvula emhlabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane , ngichithe ebusweni bomhlaba konke okuphilayo engikwenzileyo.

UGenesise 8:3

Amanzi ayesemuka njalo emhlabeni; emva kwezinsuku eziyikhulu namashumi ayisihlanu amanzi ancipha.

UGenesise 8:6

Kwathi emva kwezinsuku ezingamashumi amane uNowa wavula ifasitele lomkhumbi abelenzile.

UHezekeli 38:8

Emva kwezinsuku eziningi uyakubuthwa ; ngeminyaka yokugcina uyakungena ezweni elibuyiswe enkembeni , liqoqwe ezizweni eziningi , ezintabeni zakwa -Israyeli ezaziyincithakalo njalo , eselikhishiwe kubantu , bahlale belondekile bonke.

UHezekeli 3:16

Kwathi ekugcineni kwezinsuku eziyisikhombisa izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

UJeremiya 13:6

Kwathi ngasekugcineni kwezinsuku eziningi uJehova wathi kimi : Suka uye e-Ewufrathe, ulilande khona ibhande engakuyala ngalo ukuba ulifihle khona.

UJeremiya 42:7

Kwathi emva kwezinsuku eziyishumi izwi likaJehova lafika kuJeremiya.

UJobe 3:6

Ubusuku lobo isigayegaye masibubambe ; mabungajabuli phakathi kwezinsuku zomnyaka, bungangeni phakathi komumo wezinyanga.

UJoshuwa 1:11

Dabulani phakathi kwekamu, niyale abantu, nithi: Zilungiseleni umphako, ngokuba emva kwezinsuku ezintathu niyakuwela leli Jordani , ningene ukuba nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wenu aninika lona ukuba nilizuze. Isiyalezo sikaJoshuwa ukuba izizwe zasempumalanga zisize ukunqoba izwe elingasentshonalanga kweJordani

UJoshuwa 23:1

Kwathi emva kwezinsuku eziningi , lapho uJeho va esephumuzile u -Israyeli ezitheni zabo zonke nxazonke, uJoshuwa esemdala eneminyaka eminingi,

UJoshuwa 3:2

Kwathi emva kwezinsuku ezintathu izinduna zadabula phakathi kwekamu.

UJoshuwa 9:16

Kwathi emva kwezinsuku ezintathu sebesenzile isivumelwano nabo, bezwa ukuthi bangabakhelwane babo nokuthi bahlala phakathi kwabo.

UNehemiya 13:6

Kepha kukho konke lokh o ngangingekho eJerusalema, ngokuba ngomnyaka wamashumi amathathu nambili ka -Aritahishashita inkosi yaseBabele ngaya enkosini; nangasekugcineni kwezinsuku ngacela enkosini,

UNumeri 13:25

Base bebuya ekuhloleni iz we ngasekupheleni kwezinsuku ezingamashumi amane.

UmShumayeli 11:1

Thuma isinkwa sakho ebusweni bamanzi , ngokuba uyakusifuman a emva kwezinsuku eziningi.