Skip to Content

"lakini"

40 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 11:22

UFaro wathi kuye : Uswele ntoni lapha kimi ukuba ufune ukuya ezweni lakini na? Wathi: Lutho, kepha mangivunyelwe impela ukuba ngihambe.

1 uSamuweli 6:5

Niyakwenza imifanekiso yamathumba enu nemifanekiso yamagundane enu alonayo izwe , nimnike uNkulunkulu ka -Israyeli udumo ; mhlawumbe uyakusenza lula isandla sakhe phezu kwenu , naphezu kwawonkulunkulu benu, naphezu kwezwe lakini.

2 AmaKhosi 18:32

ngize ngifike , nginiyise ezweni elinjengezwe lakini , izwe lamabele nelewayini, izwe lesinkwa nelezivini , izwe leminqumo nezinyosi , ukuba niphile, ningafi. Futhi ningamlaleli uHezekiya , lapho e niyenga ngokuthi : UJehova uyakusophula.

2 uSamuweli 24:13

UGadi wayesefika kuDavide , wamtshela, wathi kuye : Kufike kuwe yini iminyaka eyisikhombisa yendlala ezweni lakini, noma ubalekele izitha zakho izinyanga ezintathu zisakuxosha, noma kube khona izinsuku ezintathu zesifo ezweni lakini na ? Manje cabanga , ubone ukuthi yiliphi izwi engiyakulibuyisela kongithumileyo.

2 uSamuweli 7:23

Yisiphi isizwe nesisodwa emhlabeni esinjengabantu bakho u -Israyeli, uNkulunkulu ayakuzihlengela bona ukuba babe ngabantu bakhe , azenzele igama, anenzele nina izinto ezinkulu, alenzele izwe lakini izinto ezesabekayo phambi kwabantu bakho owazihlengela bona eGibithe ezizweni nakubo onkulunkulu bazo, na?

IzEnzo 7:3

wathi kuye : Phuma ezweni lakini nasezihlotsheni zakho , uye ezweni engizakukukhombisa lona.

NgokukaLuka 4:23

Wathi kubo : Nempela niyakusho kimi lesi saga sokuthi : Nyanga, zelaphe wena. Lokho esikuzwile kwenziwa eKapernawume, kwenze nalapha ezweni lakini.

U-Eksodusi 23:26

Akuyikuba khona ophunzayo noyinyumba ezweni lakini ; ngiyakuliphelelisa inani lezinsuku zakho.

U-Eksodusi 23:33

Abayikuhlala ezweni lakini, funa bakwenze ukuba wone kimi, ngokuba uma ubakhonza onkulunkulu babo, kuyakuba lugibe kuwe.

U-Isaya 1:7

Izwe lakini liyihlane , imizi yenu ishisiwe ngomlilo , umhlabathi w enu udliwa ngabafokazi phambi kwenu, kuyihlane njengokuchitha kwabafokazi.

U-Isaya 36:17

ngize ngifike , nginiyise ezweni elinjengezwe lakini , izwe lamabele nelewayini, izwe lesinkwa nelezivini.

U-Isaya 62:4

Awusayikuthiwa Oshiyiweyo , nezwe lakini alisayikuthiwa iNcithakalo , kepha uyakubizwa ngokuthi Ontokozo yami ikuye , nezwe lakini ngokuthi Oganileyo, ngokuba uJehova uyathokoza ngawe, nezwe lakini lendile.

UDuteronomi 11:14

ngiyakuninika imvula yezwe lakini ngesikhathi sayo , imvula yokuqala nemvula yamuva, ukuba ubuthe amabele akho , newayini lakho, namafutha akho.

UDuteronomi 15:11

Ngokuba ompofu akasoze aphela ezweni ; ngakho-ke ngiyakuyala ngithi : Womvulela nokumvulela umfowenu isandla sakho , abaswelayo bakho nabampofu bakho ezweni lakini.

UDuteronomi 15:7

Uma kukhona kuwe ompofu , omunye wabafowenu , phakathi kwelithile lamasango ezweni lakini uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona , awuyikuyenza lukhuni inhliziyo yakho , ungamvaleli umfowenu ompofu isandla sakho,

UDuteronomi 19:10

ukuba igazi elingenacala lingachithwa phakathi kwezwe lakini akunika lona uJehova uNkulunkulu wakho libe yifa lakho, bese kuba yigazi phezu kwakho.

UDuteronomi 21:23

isidumbu sakhe asiyikuhlala bonke ubusuku emthini , kepha wommbela nokummbela ngalona lolo suku , ngokuba ophanyekiweyo uqalekisiwe nguNkulunkulu, ukuba ungalingcolisi izwe lakini akunika lona uJehova uNkulunkulu wakho libe yifa lakho.

UDuteronomi 24:14

Awuyikucindezela inceku eqashi weyo empofu neswelayo , noma ingowabafowenu noma ingowabafokazi abasezweni lakini phakathi kwamasango akho;

UGenesise 12:1

UJehova wathi ku -Abrama: Phuma ezweni lakini , nasezihlotsheni zakho , nasendlini kayihlo, uye ezweni engiyakukukhombisa lona.

UHezekeli 36:24

Ngiyakunithabatha ezizweni, nginibuthe emazweni onke, nginiyise ezweni lakini.

UHezekeli 37:14

Ngiyakuwufaka uMoya wami kini , nize niphile , nginibeke ezweni lakini , nazi ukuthi mina Jehova ngikhulumile, ngakwenza, usho uJehova. Izinti ezimbili

UJeremiya 27:10

ngokuba baprofetha amanga kini ukuba nisuswe kude nezwe lakini , nginixoshe, niphele.

UJeremiya 42:12

Ngiyakuniphatha ngobubele ukuba inihawukele, inibuyisele ezweni lakini.

UJeremiya 44:22

UJehova wayengasenakuthwala okubi kwemisebenzi yenu nezinengiso zenu enizenzileyo; ngalokho izwe lakini seliyincithakalo , nesimangaliso, nesiqalekiso, kungekho owakhile kulo njenganamuhla.

UJeremiya 5:19

Kuyakuthi lapho nisho nithi: UJehova uNkulunkulu wenu wenzeleni kithi konke lok hu na ? usho kubo ukuthi : Njengalokho ningishiyile , nakhonza onkulunkulu babezizwe ezweni lakini , kanjalo niyakukhonza abezizwe ezweni elingesilo elenu.

UJona 1:8

Base bethi kuye : Ake usitshele ukuthi kungenxa kabani lobu bubi buphezu kwethu. Umsebenzi wakho uyini ? Uvelaphi? Liphi izwe lakini , ungowasiphi isizwe na?

ULevitikusi 19:33

Uma umfokazi egogobele kuwe ezweni lakini, aniyikumhlupha.

ULevitikusi 19:9

Nxa nivuna isivuno sezwe lakini , awuyikuvuna ngokupheleleyo emagumbini ensimu yakho, ungakhothozi umkhothozo wesivuno sakho.

ULevitikusi 22:24

Aniyikunikela kuJehova ngento etheniwe ng okukhandwa noma ngokuchotshozwa noma ngokudwengulwa noma ngokunqunywa ; ningenzi kanjalo ezweni lakini.

ULevitikusi 23:22

Nxa nivuna isivuno sezwe lakini , awuyikuvuna ngokupheleleyo emagumbini ensimu yakho , ungakhothozi umkhothozo wesivuno sakho ; uwushiyele abampofu nabafokazi; nginguJehova uNkulunkulu wakho.

ULevitikusi 25:45

Futhi kubantwana babafokazi abagogobeleyo kini , kubona niyakuthenga nakwabomndeni wabo abakini ababazalile ezweni lakini, babe yifa lenu.

ULevitikusi 25:9

Uyakuthuma izwi lecilongo elizwakala kakhulu ngolweshumi lwenyanga yesikhombisa; ngosuku lokubuyisana niyakuthuma izwi lecilongo ezweni lonke lakini.

ULevitikusi 26:1

Ningenzi izithombe , ningamisi izithombe ezibaziweyo noma insika ; ningabeki itshe elinemifanekiso ezweni lakini ukukhothamela kulo ; ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu.

ULevitikusi 26:20

Amandla enu ayakuchithwa ngeze, ngokuba izwe lakini aliyikuthela ukudla kwalo, nemithi yezwe ayiyikuthela izithelo zayo.

ULevitikusi 26:33

Nina-ke ngiyakunihlakazela ezizweni , ngihoshe inkemba emva kwenu , izwe lakini libe yincithakalo, nemizi yenu ibe yizwekufa.

ULevitikusi 26:5

Ukubhula kwenu kuyakufinyelela ekuvunweni kwemivini , ukuvunwa kwemivini kuyakufinyelela esikhathini sokulima ; niyakudla isinkwa senu , nisuthe, nihlale ezweni lakini nilondekile.

ULevitikusi 26:6

Ngiyakunika ukuthula ezweni , nilale phansi ningesatshiswa muntu ; ngiyakuqothula izilwane ezimbi ezweni , nenkemba ayiyikudabula ezweni lakini.

UNumeri 10:9

Nxa niphuma impi ezweni lakini ukuyokulwa nesitha esinicindezelayo , khona niyakuhlaba umkhosi ngamacilongo , nikhumbuleke phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu, nisindiswe ezitheni zenu.

UNumeri 22:13

UBileyamu wavuka ekuseni , wathi kuzo izikhulu zikaBalaki : Buyelani ezweni lakini, ngokuba uJehova uyangalela ukuba ngihambe nani.

UNumeri 34:12

umkhawulo wehlele eJordani , uphume ngaseLwandle Lukasawoti ; lokho kuyakuba yizwe lakini ngokwemikhawulo yalo nxazonke.