Skip to Content

"lendodana"

11 occurrences in ZUL

1 kaJohane 3:23

Yilo umyalo wakhe ukuba sikholwe egamen i leNdodana yakhe uJesu Kristu, sithandane, njengokuba asinika umyalo.

1 kaJohane 5:13

Nginilobele lokho , ukuze nazi ukuthi ninokuphila okuphakade nina enikholwa egameni leNdodana kaNkulunkulu.

IzAga 30:4

Ngubani owenyukele ezulwini, wabuye wehla na? Ngubani oqoqele umoya ezandleni zakhe na? Ngubani obophile amanzi engutsheni yakhe na? Ngubani omisile yonke imikhawulo yomhlaba na ? Ngubani igama lakhe , ngubani igama lendodana yakhe, uma ulazi, na?

KwabaseRoma 1:9

Ngokuba uNkulunkulu, engimkhonza emoyeni wami ngevangeli leNdodana yakhe, ungufakazi wami wokuthi ngokungaphezi ngiyanikhumbula

NgokukaJohane 3:18

Okholwa yiyo kahlulelwa; ongakholwa usahlulelwe, lokhu engakholwanga egameni leNdodana ezelwe yodwa kaNkulunkulu.

NgokukaJohane 5:25

Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini : Isikhathi siyeza , sesikhona namanje , lapho abafileyo beyakulizwa izwi leNdodana kaNkulunkulu ; abezwayo bayakuphila.

U-Eksodusi 4:25

USipora wayesethatha insengetsha, wanquma ijwabu lendodana yakhe , waliphonsa ngasezinyaweni zakhe, wathi: Impela ungumyeni wegazi kimi.

UGenesise 16:15

UHagari wamzalela u -Abrama indodana ; u-Abrama waqamba igama lendodana yakhe ayizalayo uHagari ngokuthi u-Ishmayeli.

UGenesise 21:3

U-Abrahama waqamba igama lendodana yakhe azalelwe yona , ayizalelwe nguSara, ngokuthi u-Isaka.

UGenesise 27:27

Wasondela wamanga , wahogela iphunga lezingubo zakhe , wambusisa wathi: Bheka, iphunga lendodana yam i linjengephunga lensimu ebusisiwe nguJehova.

UGenesise 4:17

UKayini wamazi umkakhe ; wakhulelwa, wazala u -Enoke. Wakha umuzi , wawuqamba igama lokuthi u-Enoke ngegama lendodana yakhe.