Skip to Content

"lenu"

52 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 12:11

Manje ubaba wanithwesa ijoka elisindayo , mina ngiyakwenezela ejokeni lenu; ubaba wanishaya ngeziswebhu, mina ngiyakunishaya ngawofezela.

1 AmaKhosi 12:14

yakhuluma kubo njengesiluleko sezinsizwa ngokuthi : Ubaba walenza ijoka lenu lasinda , mina ngiyakwenezela ejokeni lenu ; ubaba wanishaya ngeziswebhu, mina ngiyakunishaya ngawofezela.

1 kwabaseKorinte 8:9

Qaphelani kodwa , funa leli lungelo lenu libe yisikhubekiso kwababuthakathaka.

1 kwabaseThesalonika 1:3

sikhumbula ngokungayeki isenzo senu sokukholwa , nomsebenzi wothando, nokukhuthazela kwethemba lenu eliseNkosini yethu uJesu Kristu phambi kukaNkulunkulu noBaba wethu,

1 uSamuweli 12:1

USamuweli wathi kuye wonke u-Israyeli: Bhekani, ngilalele izwi lenu kukho konke enikushiloyo kimi, ngibekile inkosi phezu kwenu.

2 iziKronike 10:11

Manje ubaba wanithwesa ijoka elisindayo , mina ngiyakwenezela ejokeni lenu; ubaba wanishaya ngeziswebhu, mina ngawofezela.

2 iziKronike 10:14

yakhuluma kubo njengesiluleko sezinsizwa ngokuthi : Ubaba walenza ijo ka lenu lasinda , mina ngiyakwenezela kulo ; ubaba wanishaya ngesiswebhu , mina ngawofezela.

2 kwabaseKorinte 1:14

njengalokho nisiqondile okwenxenye ukuthi siyiqholo lenu , njengalokhu nani ningelethu ngosuku lweNkosi yethu uJesu. UPawulu uchasisa isizathu sokungafiki kwakhe eKorinte

AbAhluleli 9:2

Ake nikhulume ezindlebeni zabo bonke abantu baseShekemi, nithi: Yikuphi okuhle kini ukuba onke amadodana kaJerubali angabantu abangamashumi ayisikhombisa anibuse nokuba nibuswe n gumuntu munye na ? Khumbulani ukuthi mina ngiyithambo lenu nenyama yenu.

EkaJakobe 2:2

Ngokuba uma kungena esinagogeni lenu umuntu onendandatho yegolide nezingubo ezicwebezelayo, kungene nompofu onezingubo ezimbi,

EkaJakobe 5:3

igolide lenu nesiliva kugwalile , nokugwala kwakho kuyakuba ngufakazi ngakini, kudle inyama yenu njengomlilo . Niqongelele ingcebo ezinsukwini zokuphela.

IzEnzo 18:6

Kwathi benqaba , behlambalaza, wathintitha izingubo zakhe , wathi kubo : Igazi lenu malibe phezu kwamakhanda enu; mina anginacala; kusukela manje ngizakuya kwabezizwe.

NgokukaLuka 11:39

Yayisithi iNkosi kuye : Manje-ke nina baFarisi nihl ambulula ingaphandle lenkezo nesitsha, kepha ingaphakathi lenu ligcwele ukuphanga nokubi.

NgokukaLuka 12:7

Kodwa nezinwele zekhanda lenu zibaliwe zonke . Maningesabi; nidlula imizwilili eminingi.

NgokukaLuka 21:18

Akuyikulahleka nalunwele lwekhanda lenu.

NgokukaLuka 22:53

Benginani imihla ngemihla ethempelini, anelulanga zandla kimi ; kepha lokhu kuyihora lenu namandla obumnyama. Ukuphika kukaPetru (Math. 26:69; Mark. 14:66; Joh. 18:1, 25)

NgokukaLuka 6:22

Nibusisiwe, nxa abantu benizond a nanxa benicwasa , benithuka, belilahla igama lenu ngokungathi libi ngenxa yeNdodana yomuntu.

NgokukaMarku 7:13

Izwi likaNkulunkulu nilenza libe yize ngesiko lenu enilivezileyo ; nokunye okuningi okunjalo niyakwenza.

NgokukaMarku 7:9

Wayesethi kubo: Yebo, nichitha umyalo k aNkulunkulu ukuba nigcine isiko lenu.

NgokukaMathewu 10:30

Kodwa kini zibaliwe nezinwele zonke zekhanda lenu.

NgokukaMathewu 15:3

Kepha waphendula , wathi kubo : Nani, yini ukuba neqe umyalo kaNkulunkulu ngenxa yesiko lenu na?

NgokukaMathewu 15:6

akayikwazisa uyise noma unina ; kanjalo nilenze laba yize izwi likaNkulunkulu ngesiko lenu.

NgokukaMathewu 5:37

Kepha izwi lenu malibe ngokuthi : Yebo, yebo; qhabo, qhabo. Okudlula lokhu kuvela kokubi.

U-Amose 4:10

Nganithumela isifo ngendlela yaseGibithe , ngazibulala izinsizwa zenu ngenkemba, ngathumba amahhashi enu , ngenza ukuba ukunuka kwekamu lenu kukhuphukele nasemakhaleni enu , kepha nokho anibuyelanga kimi , usho uJehova.

U-Isaya 58:4

Bhekani, nizilela ukulwa nokuphikisan a nokushaya n genqindi yobubi . Anisazili namuhla ukuze nilizwakalise izwi lenu phezulu.

U-Isaya 61:7

Esikhundleni sehlazo lenu niyakuphiwa ngokuphindweyo ; abadumeleyo, ukujabula kuyakuba yisabelo sabo ; ngalokho ezweni lakubo bayakudla ifa ngokuphindiweyo, intokozo engapheliyo ibe ngeyabo.

UDuteronomi 12:10

Kepha lapho niwela iJordani , nihlale ezweni uJehova uNkulunkulu wenu aninika lona libe yifa lenu, aniphumuze ezitheni zenu zonke nxazonke ukuba nihlale nilondekile,

UDuteronomi 1:45

Nabuye nakhala phambi kukaJehova , kepha uJehova akalalelanga izwi lenu, kanizwanga.

UDuteronomi 2:19

lapho ususondela m alungana nabantwana bakwa -Amoni, ungabakhathazi, ungalwi nabo, ngokuba angiyikukunika izwe labantwana bakwa -Amoni libe yifa lenu, lokhu ngibanikile lona abantwana bakwaLoti libe yifa labo.

UGenesise 17:11

Niyakusoka inyama yejwabu lenu, kube luphawu lwesivumelwano phakathi kwami nani.

UGenesise 47:23

UJosefa wayesethi kubantu : Bhekani, namuhla nginithengile nibe ngabakaFaro nina nezwe lenu ; nansi imbewu yenu , nize nihlwanyele emhlabathini.

UHezekeli 34:18

Kuncane kini yini ukuklaba edlelweni elihle nize ninyathele ngezinyawo zenu okuseleyo kwedlelo lenu , nokuphuza amanzi acwebileyo nize nidunge aseleyo ngezinyawo zenu na?

UHezekeli 47:14

Niyakulidla, kube yilowo nalowo , ngokuba ngasiphakamisa isandla sami ukulinika oyihlo; leli zwe liyakuba yifa lenu.

UHezekeli 47:22

Kuyakuthi nilahlukanise ngenkatho , libe yifa lenu nelabafokazi abagogobala phakathi kwenu nabazele abantwana phakathi kwenu . Bona bayakuba njengabokuzalwa ekhaya phakathi kwab antwana bakwa -Israyeli, badle kanye nani ifa phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli.

UHezekeli 9:5

Kwamanye washo ezindlebeni zami , wathi: Dabulani emzini emva kwayo , nibulale, iso lenu lingahawukeli, ningabi nabubele,

UJoshuwa 1:15

uJehova aze aphumuze abafowenu njengani , nabo badle izwe uJehova uNkulunkulu wenu abanika lona, andukuba nibuyele ezweni lefa lenu aninika lona uMose inceku kaJehova ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga , nilidle.

UJoshuwa 22:19

Kepha uma izwe lefa lenu lingcolile , welani, niye ezweni lefa likaJehova , lapho lihlala khona itabernakele likaJehova , nibe nefa phakathi kwethu ; kepha ningahlubuki uJehova , ningahlubuki futhi kithi ngokuzakhela i -altare ngaphandle kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wethu.

UJoshuwa 22:4

Manje uJehova uNkulunkulu wenu ubanikile abafowenu ukuphumula njengalokho ebekhuluma kubo ; ngalokho buyani , niye e matendeni enu ezweni lefa lenu aninika lona uMose inceku kaJehova ngaphesheya kweJordani.

UJoshuwa 6:10

UJoshuwa wayala abantu, wathi: Aniyikukhamuluka; ningalizwakalisi izwi lenu, kungaphumi gama emlonyeni wenu , kuze kufike usuku engiyakuthi ngalo kini: Khamulukani! Bese nikhamuluka.

UJoweli 3:4

Niyini kimi, nina Tire neSidoni , nayo yonke imikhawulo yaseFilistiya na ? Niyakungibuyisela utho na ? Uma ningibuyisela utho ngiyakushesha ngibuyisele masinyane phezu kwekhanda lenu izenzo zenu,

UJoweli 3:7

Bhekani, ngiyakubavusa endaweni enithengisile kuyo ngabo , ngibuyisele ekhanda lenu isenzo senu.

ULevitikusi 14:34

Kuyakuthi lapho senifikile ezweni laseKhanani engininika lona libe yifa lenu, ngifake isifo sochoko endlini yezwe eniliphiweyo,

ULevitikusi 23:32

Kuyakuba yisabatha lokuphumula okuzothileyo kini , nithobise imiphefumulo yenu ; ngolwesishiyagalolunye lwenyanga kusihlwa , kusukela kusihlwa kuze kube kusihlwa, anogcina isabatha lenu.

ULevitikusi 25:24

Ezweni lonke lefa lenu niyakuvuma ukuhlengwa kwezwe.

ULevitikusi 25:45

Futhi kubantwana babafokazi abagogobeleyo kini , kubona niyakuthenga nakwabomndeni wabo abakini ababazalile ezweni lakini, babe yifa lenu.

ULevitikusi 26:13

NginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe ukuba ningabi yizigqila zabo; ngaphulile izikeyi zejoka lenu, ngenza ukuba nihambe niluleme. Ukusongelwa kwabeqayo umthetho

ULevitikusi 26:19

Ngiyakwaphula ukuzidla kwamandla enu , ngenze iz ulu lenu libe njengensimbi, nomhlabathi wenu ube njengethusi.

UNumeri 18:26

Futhi uyakukhuluma kumaLevi , uthi kuwo : Nxa nithabatha kwabakwa - Israyeli okweshumi engininike khona kuvela kubo, kube yifa lenu , niyakunikela ngomnikelo wokuphakanyiswa kuJehova , okweshumi kokweshumi.

UNumeri 32:22

izwe linqotshwe phambi kukaJehova , khona ngasemuva niyakubuya, nibe ngabangenacala kuJehova naku -Israyeli, leli zwe libe yifa lenu phambi kukaJehova.

UNumeri 34:17

Lawa angamagama amadoda ayakwahlukanisela izwe libe yifa lenu : u- Eleyazare umpristi noJoshuwa indodana kaNuni.

UNumeri 34:18

Niyakuthabatha isikhulu sibe sinye kuleso naleso sizwe ukwahlukanisa izwe libe yifa lenu.

UNumeri 34:2

Yala abantwana bakwa -Israyeli, uthi kubo: Nxa nifika ezweni laseKhanani lokhu kuyizwe eliyakuba yifa lenu, izwe laseKhanani ngokwemikhawulo yalo --