Skip to Content

"lobu"

13 occurrences in ZUL

1 iziKronike 17:19

Jehova, ngenxa yenceku yakho nanjengokwenhliziyo yakho wenzile konke lokho okukhulu ukuba kwaziswe bonke lobu bukhulu.

2 AmaKhosi 6:33

Esakhuluma nawo , bheka, inkosi yehlela kuye ; yathi: Bheka, lobu bubi buvela kuJehova; ngisamhlalelelani uJehova na?

2 uSamuweli 13:12

Yena wathi kuye : Qha, mnewethu, ungangiphoqi, ngokuba akufanele ukuba kwenziwe kanjalo kwa-Israyeli; ungenzi lobu buwula.

2 uSamuweli 13:16

Yena wayesethi kuye: Lobu bubi bokungixosha bukhulu kunalokho okunye okwenze kimi. Kepha akavumanga ukumlalela.

AbAhluleli 19:23

Ixhegu, umninindlu, laphumela kubo , lathi kubo : Hhayi, bafowethu, ngiyanicela, ningenzi okubi okungako; lokhu lo muntu engenile endlini yami, ningenzi lobu buwula.

AbAhluleli 20:12

Izizwe zakwa-Israyeli zathuma abantu emindenini yonke yakwaBenjamini , zathi: Ububi buni lobu obenziwe phakathi kwenu na?

AbAhluleli 20:3

Abantwana bakwaBenjamini bezwa ukuthi abantwana bakwa -Israyeli babenyukele eMispa. Bathi abantwana bakwa-Israyeli: Sitsheleni ukuthi lobu bubi benziwa kanjani na?

U-Isaya 30:13

ngalokho lobu bub i buyakuba njengokomf antu lapho sekuzakuwa , kuvokomele ogangeni oluphakemeyo , ukudilika kwalo kufike ngokuzumayo ngokuphazima kweso.

UJona 1:7

Bathi, kwaba yilowo nalowo kumngane wakhe : Wozani senze inkatho, sazi ukuthi kungenxa kabani lobu bubi buphezu kwethu . Base benza inkatho ; inkatho yamudla uJona.

UJona 1:8

Base bethi kuye : Ake usitshele ukuthi kungenxa kabani lobu bubi buphezu kwethu. Umsebenzi wakho uyini ? Uvelaphi? Liphi izwe lakini , ungowasiphi isizwe na?

UNumeri 22:19

Ngalokho ake nihlale nani lapha lobu busuku , ukuze ngazi ukuthi uJehova useyakukhulumani kimi futhi.

UNumeri 22:8

Wathi-ke kuwo: Hlalani lapha lobu busuku, nginibuyisele izwi, njengalokhu uJehova eyakukhuluma kimi. Izikhulu zakwaMowabi zahlala-ke kuBileyamu.

URuthe 3:13

Hlala lobu busuku ; kuyakuthi ekuseni , uma ekuhlenga , kulungile, makakuhlenge; kepha uma engathandi ukukuhlenga , mina ngiyakukuhlenga, kuphila kukaJehova; lala kuze kuse.