Skip to Content

"lokuphumula"

7 occurrences in ZUL

U-Eksodusi 16:23

Wathi kuzo : Lokhu kuyikho uJehova akukhulumileyo : kusasa kulusuku lokuphumula, isabatha elingcwele likaJehova ; yosani lokho eniyakukosa , nipheke lokho eniyakukupheka , nizibekele konke okuseleyo , kulondolozwe kuze kuse.

U-Eksodusi 31:15

Izinsuku eziyisithupha kosetshenzwa , kepha ngosuku lwesikhombisa kuyisabatha lokuphumula, lingcwele kuJehova: bonke abasebenza umsebenzi ngosuku lwesabatha bayakubulawa nokubulawa.

U-Eksodusi 35:2

Izinsuku eziyisithupha kosetshenzwa umsebenzi , kepha ngosuku lwesikhombisa kuyakuba kini usuku olungcwele, lube yisabatha lokuphumula likaJehova; bonke abenza umsebenzi ngalo bayakubulawa.

ULevitikusi 16:31

Kuyisabatha lokuphumula okuzothileyo kini ; anothobisa imiphefumulo yenu; kuyisimiso esiphakade.

ULevitikusi 23:3

Umsebenzi uyakwenziwa izinsuku eziyisithupha ; kepha ngosuku lwesikhombisa kuyisabatha lokuphumula okuzothileyo , umhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi ; kuyisabatha kuJehova ezindlini zenu zonke.

ULevitikusi 23:32

Kuyakuba yisabatha lokuphumula okuzothileyo kini , nithobise imiphefumulo yenu ; ngolwesishiyagalolunye lwenyanga kusihlwa , kusukela kusihlwa kuze kube kusihlwa, anogcina isabatha lenu.

ULevitikusi 25:4

kepha ngomnyaka wesikhombisa kuyakuba khona isabatha lokuphumula okuzothileyo kwezwe , isabatha kuye uJehova ; awuyikulima insimu ya kho, ungatheni isivini sakho.