Skip to Content

"lomfula"

8 occurrences in ZUL

U-Eksodusi 2:3

Engasenakuyithukusa wayithathela ibhokisi lebungu , walihuqa ngebitume nangekolitayi, wamfaka umfana kulo , walibeka emhlangeni ngasogwini lomfula.

UDaniyeli 12:5

Ngase ngibona mina Daniyeli ; bheka, kwakumi abanye ababili , omunye ogwini lomfula nganeno, omunye ogwini lomfula ngaphesheya.

UDuteronomi 2:36

Kusukela e -Aroweri elisosebeni lomfula i-Arinoni nasemzini osesigodini kuze kube kwaGileyadi akubangakho muzi owasahlula ngokuphakama ; uJehova uNkulunkulu wethu wayinikela yonke phambi kwethu;

UDuteronomi 2:37

izwe labantwana bakwa -Amoni nokho awusondelanga kulo , uhlangothi lomfula iJakobi , nemizi esezintabeni, nakuphi lapho uNkulunkulu wasenqabela khona.

UGenesise 41:17

UFaro wakhuluma kuJosefa , wathi: Ephusheni lami , bheka, ngangimi ogwini lomfula;

UGenesise 41:3

Nazo ezinye izithole eziyisikhombisa zenyuka emfuleni emva kwazo , zibukeka kabi, zondile; zema kwezinye izithole ogwini lomfula.

UHezekeli 47:6

Wathi kimi : Ndodana yomuntu , usubonile na ? Wayesengihambisa, wangibuyisela osebeni lomfula.

UHezekeli 47:7

Sengibuyile, bheka, kwakukhona imithi eminingi kakhulu osebeni lomfula , ngalapha nangalapha.