Skip to Content

"lukajehova"

30 occurrences in ZUL

2 iziKronike 28:11

Ngalokho ngizweni , nibuyise abathunjwa enibathumbile kubafowenu , ngokuba ulaka olushisayo lukaJehova luphezu kwenu.

2 iziKronike 32:26

Kepha lapho uHezekiy a esezithoba ekukhukhumaleni kwenhliziyo yakhe , yena nabakhileyo eJerusalema , ulaka lukaJehova alubehlelanga emihleni kaHezekiya.

AmaHubo 145:21

Umlomo wami uy akukhuluma udumo lukaJehova, inyama yonke ibonge igama lakhe elingcwele kuze kube phakade.

U-Amose 5:17

nakuzo zonke izivini kuyakuba khona ukukhala , ngokuba ngiyakudlula phakathi kwakho, usho uJehova. Usuku lukaJehova

U-Amose 5:18

Wo kinina enifisa usuku lukaJehova ! Luyakunisizani usuku lukaJehova ? Lungubumnyama, alusikho ukukhanya.

U-Amose 5:20

Lungubumyama usuku lukaJehova , alusikho ukukhanya , nesigayegaye okungekho kuso ukukhazimula.

U-Isaya 13:6

Klewulani, ngokuba usuku lukaJehova lusondele ; njengencithakalo evela kuSomandla luyafika.

U-Isaya 13:9

Bheka, usuku lukaJehova luyeza , lunonya, lunokufutheka, lunokuvutha kolaka, ukuba lwenz ize umhlaba, luchithe izoni zawo kuwo.

U-Isaya 2:5

Wena ndlu kaJakobe, woza sihambe ekukhanyeni kukaJehova. Usuku lukaJehova

U-Isaya 58:13

Uma ulubuyisa unyawo lwakho kulo isa batha, ukuze ungenzi umsebenzi wakho ngosuku lwami olungcwele, ulibize isabatha ngokuthi intokozo , nolungcwele lukaJehova ngokuthi lunodumo , uludumise, ungahambi ngezindlela zakho, ungawuqhubi umsebenzi wakho, ukhulume ize,

U-Obadiya 1:15

Ngokuba usuku lukaJehova lusondel e ezizweni zonke ; njengokwenza kwakho kuyakwenziwa kanjalo kuwe ; izenzo zakho ziyakubuyela ekhanda lakho.

UDuteronomi 15:2

Nansi indlela yoyekelo: Yilowo nalowo otshelekileyo uyakuyekela lokho akutshelekile umakhelwane wakhe ; akayikukubiza kumakhelwane wakhe nakumfowabo, ngokuba uyekelo lukaJehova lumenyezelwe.

UHezekeli 13:5

Anenyukelanga ezikhaleni , anibiyelanga nokubiyela indlu yakwa -Israyeli ukuba ime ekulweni ngosuku lukaJehova.

UHezekeli 30:3

Ngokuba usuku luseduze , usuku lukaJehova luseduze ; luyakuba lusuku lwamafu nesikhathi sabezizwe.

UJeremiya 25:37

nezibaya ezithuleyo ziqediw e ngenxa yokufutheka kolaka oluvuthayo lukaJehova.

UJeremiya 4:8

Ngalokho bhincani izindwa ngu zamasaka , nikhale, nihewule, ngokuba ulaka oluvuthayo lukaJehova alubuyanga kithi.

UJoweli 1:15

Hawu lolo suku ! Ngokuba us uku lukaJehova lusondele , lufika njengokuchitha kuvela kuSomandla.

UJoweli 2:1

Bethani icilongo eSiyoni , nihlabe umkhosi entabeni yami engcwele; mabathuthumele bonke abakhe ezweni , ngokuba luyeza usuku lukaJehova , ngokuba lusondele;

UJoweli 2:11

UJehova uzwakal isa izwi lakhe phambi kwempi yakhe , ngokuba ibandla lakhe likhulu kakhulu , nowenza izwi lakhe unamandla ; yebo, usuku lukaJehova lukhulu, luyesabeka kakhulu; ngubani ongaluthwala na?

UJoweli 2:31

Ilanga liyakuphenduka ubumnyama , inyanga ibe yigazi , lungakafiki usuku olukhulu nolwesabekayo lukaJehova.

UJoweli 3:14

Yizixuku ngezix uku esigodini sokwahlulela , ngokuba usuku lukaJehova lusondele esigodini sokwahlulela.

UMalaki 4:5

Bhekani, ngiyakuthuma kini u -Eliya umprofethi, lungakafiki usuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo.

UMika 7:9

Ngiyakuthwala ulaka lukaJehova , ngokuba ngonile kuye , aze amele indaba yami, angenzele ukwahlulelwa , angiphumisele ekukhanyeni , ngibone ukulunga kwakhe.

UNumeri 11:33

Inyama isekhona phakathi kwamazinyo abo , ingakahlafunwa, ulaka lukaJehova lwavuthela abantu , uJehova wabashaya abantu ngokufa okukhulu kakhulu.

UZakariya 14:1

Bheka, luyeza usuku lukaJehova , lapho impango yakho iyakwahlukaniswa phakathi kwakho.

UZefaniya 1:14

Usuku olukhulu lukaJehova luseduze; luseduze, lushesha kakhulu; umsindo wosuku lukaJehova uyababa, neqhawe liyahhewula khona.

UZefaniya 1:18

Nasiliva labo nago lide labo akuyikuba namandla okubophul a ngosuku lwentukuthelo lukaJehova , kepha umhlaba wonke uyakudliwa ngumlilo womhawu wakh e, ngokuba uyakuqeda , yebo, aqede ngokuzumayo bonke abakhileyo ezweni.

UZefaniya 1:7

Thula phambi kobu so beNkosi uJehova , ngokuba usuku lukaJehova luseduze; uJehova ulungisile umhlatshelo , ungcwelisile abamenyiweyo bakhe.

UZefaniya 2:2

isimiso singakazali lolo suku ludlula njengamakhob a lungakanehleli ulaka oluvuthayo lukaJehova, lungakafiki phezu kwenu usuku lolaka lukaJehova.

UZefaniya 2:3

Funani uJehova nina nonke bathobekileyo bomhlab a enisebenzile ukwahlulela kwakhe ; funani ukulunga ; funani ukuthobeka ; mhlawumbe niyakusitshekelwa ngosuku lolaka lukaJehova.