"lwabo"
56 occurrences in ZUL
U-Amasiya wayeseyahlukanisa impi ebifike kuye ivela kwa -Efrayimi ukuba iye ekhaya ; ngalokho ulaka lwabo lwavuthela kakhulu uJuda , babuyela ekhaya bevutha ulaka.
bebathembisa inkululeko , kanti bona uqobo lwabo bayizigqila zokubhubha; ngokuba lokho umuntu ahlulwa yikho uyisigqila sakho.
Wayesebehlisela abantu ngasemanzini ; uJehova wathi kuGideyoni : Bonke abaxhapha amanzi ngolimi lwabo njengokuxhapha kwenja babeke bodwa , kanjalo nabo bonke abaguqa ngamadolo ukuba baphuze.
O wena ndlu ka -Aroni, themba kuJehova; yena ulusizo lwabo nesihlangu sabo.
Nina enimesabayo uJehova thembani kuJehova; yena ulusizo lwabo nesihlangu sabo.
Israyeli, themba kuJehova; yena ulusizo lwabo nesihlangu sabo.
ngabe sebesigwinyile ekuvutheni kolaka lwabo kithina;
Bayalola ulimi lwabo njengenyoka ; isihlungu samabululu siphansi kwezindebe zabo. Sela
Bachithe, Nkosi, uphambanise ulimi lwabo , ngokuba ngibonile ubudlwangudlwangu nokuxabana emzini.
Umphefumulo wami uphakathi kwezingonyama ; ngilala kwabavutha umlilo, abantwana babantu abamazinyo abo ayimikhonto nemicibisholo , abalulimi lwabo luyinkemba ebukhali.
Ngokuba alikho iqiniso emlonyeni wabo ; izibilini zabo zingukonakala : umphimbo wabo uyithuna elivulekileyo; bayathopha ngolimi lwabo.
abalola ulimi lwabo njengenkemba , bakhombe imicibisholo yabo engamazwi ababayo
Bayakuwiswa, baficwe lulimi lwabo ; bonke abababonayo bayonikina ikhanda.
Umlomo wabo bawup hakamisela ezulwini ; ulimi lwabo luhambela emhlabeni.
Kepha bamthopha ngomlomo wabo, baqamba amanga kuye ngolimi lwabo;
Abezizwe bashone phansi egebeni abalenzileyo ; unyawo lwabo lubhajwe esihibeni abasifihlileyo.
Ukukhonza okumhlophe okungenabala phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo nokuzigcina kungabi yicala lokwezwe.
Nabo uqobo lwabo bamnqoba ngegazi leWundlu nangezwi lobufakazi babo, futhi abakuthandanga ukuphila kwabo kwaze kwaba sekufeni.
ngokuba usuku olukhulu lolaka lwabo selufikile; ngubani-ke onamandla okuma na?
kepha yena ongabalwa ozalweni lwabo uthathile okweshumi ku -Abrahama, wambusisa lowo onezithembiso.
abakuphela kwabo ngukubhujiswa , abankulunkulu wabo yisisu , nodumo lwabo lusehlazweni labo, abangabanaka okomhlaba.
Woyihlaba inqama , uthabathe igazi layo , ulibhece esicutshini sendlebe yokunene ka -Aroni, nasesicutshini sendlebe yokunene yamadodana akhe , nasesithupheni sesandla sabo sokunene, nakuqukula wonyawo lwabo lokunene, ufafaze i-altare nxazonke ngegazi.
Abalobi benkosi babizwa ngaleso sikhathi ngenyanga yesithathu, eyinyanga kaSivani, ngolwamashumi amabili nantathu lwayo ; kwalotshwa njengakho konke uMoridekayi ayala ngakho abaJuda , nawothulasizwe, nababusi, nezikhulu zezifunda , kusukela e -Indiya kuze kufike eKushe , izifunda eziyikhulu namashumi amabili nesikhombisa , izifunda ngezifunda njengokubhala kwazo , nezizwe ngezizwe njengolimi lwazo , nabaJuda njengokubhala kwabo nanjengolimi lwabo.
Nampa abakhuphuka eTheli Mela , naseTheli Harisha , naseKherubi, nase- Adani, nase-Imeri, kepha babengenakusho izindlu zawoyise nozalo lwabo ukuba babengabakwa-Israyeli yini:
Ngokuba abapristi namaLevi babezihlambululile kanyekanye ; bonke babehlambulukile; bahlabela bonke abathunjwa iphasika , nabafowabo abapristi, bazihlabela nabo uqobo lwabo.
Ezitaladini zabo bayabhinca indwangu yamasaka , nasophahleni lwabo nasezigcawini zabo bayaklewula bonke, bamululeka izinyembezi.
Bayakuphela amandla , babe namahloni ngeKushe ithemba labo nangeGibithe udumo lwabo.
Awuyikubona abantu abanobudlova , abantu abanokukhuluma okujulileyo ongenakukuzwa, nabalulimi lwabo olukwitizayo kungekho ongaluqonda.
Izinyathi ziwa kanye nazo , nezinkunzana kanye nezinkunzi ; izwe labo liyakugcwala igazi, nothuli lwabo luyakunona ngamanoni.
Abampofu nabaswelayo bafuna amanzi , kepha awakho , nolimi lwabo luphele ukoma ; mina Jehova ngiyakubaphendula , mina Nkulunkulu ka - Israyeli angiyikubashiya.
Ngeyami impindiselo nembuyisel o ngesikhathi sokushelela konyawo lwabo, ngokuba usuku lwabo lwengozi selusondele , izinto abazilungiselweyo ziyakuphuthuma.
Busisa, Jehova, amandla akhe, uyamukele imisebenzi yezandla zakhe; sicila ukhalo lwabo abamvukelayo, nolwabamzondayo, ukuba bangaphindi bavuke.
Base bethi omunye komunye : Wozani, ake senze izitini , sizishisise. Izitini zaba ngamatshe abo, nebitume laba ludaka lwabo.
Wozani sehle , siye ukusanganisa ulimi lwabo ukuba bangezwani , kube yilowo nalowo ulimi lomunye.
Ungangeni emkhandlwini wabo, mphefumulo wami; ungahlangani nebandla labo, nhliziyo yami , ngokuba ngolaka lwabo babulala abantu ; ngobudlova babo basika izinkabi umsipha.
Makuqalekiswe ulaka lwabo , ngokuba lwalunamandla, nentukuthelo yabo, ngokuba yayinonya ; ngizakubahlukanisa kwaJakobe , ngibasakaze kwa - Israyeli.
Isimo sobuso bawo, bona babungubuso engabubona ngasemfuleni iKhebari, ukubonakala kwabo , yebo, bona uqobo lwabo ; yilelo nalelo lahamba ngokuqonda kobuso balo.
Bonke abantu bezwe bayakubembela , kube ludumo lwabo ngosuku engiyakukhazimuliswa ngalo, isho iNkosi uJehova.
Ngokuba awuthunywa kubantu abankulumo yabo ilukhuni nolimi lwabo lungaqondakali, kepha endlini yakwa-Israyeli,
kungekubantu abaningi abankulumo yabo ilukhuni nolimi lwabo lungaqondakali, ongawezwa amazwi abo . Impela uma bengikuthume kubo , bona babeyakukuzwa.
Bayakuba nezigqoko zelineni emakhanda abo , babe namabhulukwe elineni okhalweni lwabo, bangabhinci okujulukisayo.
Njengokwanda kwabo , kanjalo b ona kimi ; udumo lwabo ngiyakulwenana ngehlazo.
Ngiyakuhamba, ngibuyele endaweni yami , baze bazithwese icala labo , bafune ubuso bami; osizini lwabo bayakungifunisisa.
Bayabuyela, kepha hhayi kongaPhezulu , bafana nomnsal o ogejayo ; izikhulu ziyakuwa ngenkemba ngenxa yolaka lolimi lwabo . Lokhu kuyakuba yinhlekiso yabo ezweni laseGibithe.
Isizwe sike senana ngawonkulunkul u abangesibo onkulunkulu na ? Kepha abantu bami benanile udumo lwabo ngokungenakusiza.
Inkosi yaseBabele izwile udumo lwabo , izandla zayo zaba buthakathaka ; usizi luyibambile, nemihelo njengeyobelethayo.
Bagobela umnsalo wolimi lwabo amanga , abaqinelanga iqiniso ezweni ; kepha basuka kokubi, baya kokubi; mina-ke abangazi, usho uJehova.
Ulimi lwabo lungumcibisholo obulalayo , lukhuluma inkohliso; bakhuluma kahle ngomlomo wabo kumakhelwane wabo , kepha ezinhliziyweni bayamqamekela.
izwi labakhulu lathuliswa; izilimi zabo zanamathela olwangeni lwabo.
Wayeseletha amadodana ka -Aroni, uMose walibheca igazi esicutshini sendlebe yabo yokunene, nasesithupheni sesandla sabo sokunene, nakuqukula wonyawo lwabo lokunene; uMose wafafaza i-altare ngegazi nxazonke.
Abacebileyo bawo bagcwele ubudlova , nabakhileyo kuwo bakhuluma amanga, nolimi lwabo lunenkohliso emlonyeni wabo.
Lapho bethandela njengameva , benjengabaminzileyo ophuzweni lwabo , bayakuqedwa nokuqedwa njengamabibi omileyo.
Nampa abakhuphuka eTheliMela, naseTheli Harisha , naseKherubi, nase- Adoni, nase-Imeri, kepha bebengenakusho izindlu zawoyise nozalo lwabo ukuba babe ngabakwa-Israyeli yini:
Izwi lokukhala kwabelusi ! ngokuba udumo lwabo luyachithwa ; izwi lokubhonga kwamabhongo ezingonyama ! ngokuba ubuhle beJordani buyaqothulwa. Abelusi bakwa-Israyeli
Yikho okuyakuba ngukushaya uJehova ayakushaya ngakho bonke abantu abalwe neJerusalema : inyama yab o iyakudleka besemi ngezinyawo zabo , namehlo abo ayakuphelela ezikhoxeni zawo , ulimi lwabo ludleke emlonyeni wabo.
Uthando lwabo , nokuzonda kwabo , nomhawu wabo sekuphel ile, futhi abasenaso isabelo nanini kukho konke okwenziwa phansi kwelanga.