Skip to Content

"lweshumi"

30 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 12:32

UJerobowamu wagubha umkhosi ngenyanga yesishiyagalombili ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga njengomkhosi wakwaJuda , wenyukela e - altare; wenze njalo eBethele ukuba ahlabele amathole awenzileyo ; wabeka eBethele abapristi bezindawo eziphakemeyo azenzileyo.

1 AmaKhosi 12:33

Wayesenikela e -altare alenzileyo ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesishiyagalombili, inyanga abeyinqumile ngokwakhe nje ; wenzela abantwana bakwa-Israyeli umkhosi, wenyukela e-altare ukushisa impepho.

2 iziKronike 29:17

Baqala ukungcwelisa ngolokuqala lwenyanga yokuqala ; ngosuku lwesishiyagalombili lwenyanga bafika emphemeni kaJehova , bayingcwelisa indlu kaJehova ngezinsuku eziyisishiyagalombili ; ngosuku lweshumi nesithupha lwenyanga yokuqala baqeda.

IzEnzo 27:33

Kwathi sekuzakusa , uPawulu wabancenga bonke ukuba badle , wathi: Namuhla kulusuku lweshumi nane nilindile, nihlezi nizila, ningadli lutho.

U-Eksodusi 12:18

Ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nane ngakusihlwa niyakudla isinkwa esingenamvubelo , kuze kufike usuku lwamashumi amabili nanye lwenyanga ngakusihlwa.

U-Eksodusi 12:6

niyakuligcina kuze kube sosukwini lweshumi nane l waleyo nyanga; ibandla lonke lenhlangano yakwa-Israyeli liyakulihlaba ngakusihlwa.

U-Eksodusi 16:1

Basuka e -Elimi; ibandla lonke labantwana bakwa -Israyeli lafika ehlane laseSini eliphakathi kwe -Elimi neSinayi ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesibili emva kokuphuma ezweni laseGibithe.

U-Esteri 3:12

Kwase kubizwa abalobi benkosi nge nyanga yokuqala ngosuku lweshumi nantathu lwayo , kwalotshwa njengakho konke uHamani ayala angakho othulasizwe benkosi , nababusi ababephethe izifunda ngezifunda , nezikhulu zezizwe ngezizwe , izifunda ngezifunda njengokubhala kwazo , nezizwe ngezizwe njengolim i lwazo ; kwalotshwa egameni lenkosi u -Ahashiveroshi, kwanamathiselwa ngendandatho yenkosi.

U-Esteri 9:1

Ngenyanga yeshumi nambili eyinyanga ka -Adari ngosuku lweshumi nantathu lwayo , lapho kusond ela izwi lenkosi nomthetho wayo ukuba kwenziwe, ngosuku izitha zabaJuda ezazethembile ngalo ukubusa phezu kwabo nokho kwaguqulwa ukuze abaJuda babuse phezu kwababazondayo.

U-Esteri 9:15

AbaJuda ababe seShushani babuth ana nangosuku lweshumi nane lwenyanga ka-Adari, babulala abantu abangamakhulu amathathu eShushani , kepha ababekanga izandla zabo empangweni.

U-Esteri 9:17

Lokho kwakungosuku lweshumi nantathu lwenyanga ka -Adari; ngosuku lweshumi nane lwayo baphumula , balwenza lwaba lusuku lwedili nolokuthokoza.

U-Esteri 9:21

ukumisa ukuba bagcine usuku lweshumi nane lwenyanga ka -Adari nosuku lweshumi nanhlanu lwayo iminyaka yonke

UGenesise 7:11

ngomnyaka wamakhulu ayisithupha wokuhamba kuka Nowa ngenyanga yesibili ngosuku lweshumi nesikhombisa lwenyanga , ngalona lolo suku imithombo yonke yotwa yabhoboka, namafasitele asezulwini avuleka.

UGenesise 8:4

Ngenyanga yesikhombisa ngosuku lweshumi nesikhombisa enyangeni umkhumbi wema ezintabeni zase-Ararati.

UHezekeli 45:21

Ngenyanga yokuqala , ngosuku lweshumi nane lwenyanga , niyakuba nephasika, umkhosi wezinsuku eziyisikhombisa , kudliwe isinkwa esingenamvubelo.

UHezekeli 45:25

Ngenyanga yesikhombisa ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga emkhosini siyakwenza okunjengalezo zinsuku eziyisikhombisa , kunjengomnikelo wesono , nomnikelo wokushiswa , nomnikelo wempuphu , namafutha.

UJoshuwa 5:10

Abantwana ba kwa-Israyeli bamisa eGiligali , bagcina iphasika ngosuku lweshumi nane lwenyanga ngakusihlwa emathafeni aseJeriko.

ULevitikusi 23:34

Yisho kubantwana bakwa -Israyeli, uthi: Ngosuku lweshumi nanhlanu lwaleyo nyanga yesikhombisa kungumkhosi wamadokodo izinsuku eziyisikhombisa kuJehova.

ULevitikusi 23:39

Kepha ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesikhombisa, lapho senibuthile izithelo zezwe , anogcina umkhosi kaJehova izinsuku eziyisikhombisa; ngosuku lokuqala makube ngukuphumula okuzothileyo , nangosuku lwesishiyagalombili kube ngukuphumula okuzothileyo.

ULevitikusi 23:6

Ngosuku lweshumi nanhlanu lwaleyo nyanga kungumkhosi wesinkwa esingenamvubelo kuJehova ; niyakudla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa.

UNumeri 28:16

Ngenyanga y okuqala ngosuku lweshumi nane lwenyanga kuyiphasika likaJehova.

UNumeri 28:17

Ngosuku lweshumi nanhlanu lwaleyo nyanga kuyakuba ngumkhosi , kudliwe isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa.

UNumeri 29:12

Ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesikhombisa niyakuba nomhlangano ongcwele ; ningasebenzi msebenzi , nimgcinele uJehova umkhosi izinsuku eziyisikhombisa,

UNumeri 33:3

Basuka eRamsesi ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yokuqala; ngolwangakusasa emva kwephasika abantwana bakwa - Israyeli baphuma ngesandla esiphakemeyo emehlweni a bo bonke abaseGibithe,

UNumeri 7:66

Ngosuku lweshumi ngu -Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi, isikhulu sabantwana bakwaDani.

UNumeri 7:72

Ngosuku lweshumi nanye nguPa giyeli indodana ka -Okirani, isikhulu sabantwana bakwa-Asheri.

UNumeri 7:78

Ngosuku lweshumi n ambili ngu -Ahira indodana ka -Enani, isikhulu sabantwana bakwaNafetali.

UNumeri 9:11

ngenyanga yesibili ngosuku lweshumi nane ngakusihlwa bayakulenza ; bayakulidla nesinkwa esingenamvubelo nemifino ebabayo;

UNumeri 9:3

Ngosuku lweshumi nane lwaleyo nyanga ngakusihlwa niyakul igcina ngesikhathi salo esinqunyiweyo ; ngokwezimiso zalo zonke nangokwemithetho yalo anoligcina.

UNumeri 9:5

Balenza-ke iphasika ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nane ngakusihlwa ehlane laseSinayi ; njengakho konke uJehova amyala ngakho uMose, benze njalo-ke abantwana bakwa-Israyeli.