Skip to Content

"lwesithathu"

48 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 12:12

UJerobowamu nabantu bonke base befika kuRehobowamu ngosuku lwesithathu njengokusho kwenkosi, ithi: Buyelani kimi ngosuku lwesithathu.

1 AmaKhosi 3:18

Kwathi ngosuku lwesithathu sengibelethile , lo wesifazane wabeletha naye ; sasindawonye, kwakungekho mfokazi nathi endlini , kuyithina sobabili kuphela.

1 kwabaseKorinte 15:4

nokuthi wembelwa , nokuthi wavuswa kwabafileyo ngosuku lwesithathu njengokwemibhalo,

1 uSamuweli 20:5

UDavide wathi kuJonathani : Bheka, kusasa iyakwethwasa inyanga ; angifanele ukuphu tha ukuhlala nenkosi ekudleni , kepha ngivumele ukuba ngihambe, ngicashe endle kuze kube sosukwini lwesithathu ngakusihlwa.

1 uSamuweli 30:1

Kwathi uDavide nabantu bakhe sebefikile eSikilagi ngosuku lwesithathu , ama-Amaleki ayengenele eNingizimu naseSikilagi, alichitha iSikilagi, alishisa ngomlilo,

2 AmaKhosi 20:5

Buya, uthi kuHezekiya umholi wabantu bami : U sho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo , uthi: Ngizwile umkhuleko wakho , ngibonile izinyembezi zakho ; bheka, ngiyakukuphilisa; ngosuku lwesithathu uyakwenyukela endlini kaJehova.

2 AmaKhosi 20:8

Wayesethi uHezekiya ku-Isaya: Siyakuba yini isibonakaliso sokuthi uJehova uyangiphilisa nokuthi ngiyakwenyukela endlini kaJehova ngosuku lwesithathu na?

2 iziKronike 10:12

UJerobowamu nabantu bonke ba se befika kuRehobowamu ngosuku lwesithathu njengokusho kwenkosi ithi: Buyelani kimi ngosuku lwesithathu.

2 uSamuweli 1:2

kwathi-ke ngosuku lwesithathu , bheka, kwaphuma umuntu ekamu likaSawule, izingubo zakhe ziklebhukil e, enomhlabathi ekhanda , wawa phansi ekufikeni kwakhe kuDavide, wakhuleka.

AbAhluleli 20:30

Abantwana bakwa-Israyeli bakhuphuka ukulwa nabantwana bakwaBenjamini ngosuku lwesithathu , bazihlelela ukulwa neGibeya njengakwezinye izikhathi.

IsAmbulo 6:5

Kuthe selivula uphawu lwesithathu, ngezwa isidalwa sesithathu sithi: Woza! Ngase ngibona , bheka, nanto ihhashi elimnyama nohlezi phezu kwalo ephethe isilinganiso ngesandla sakhe.

IzEnzo 10:40

Lowo uNkulunkulu wamvusa ngosuku lwesithathu , wamnika ukuba abonakale,

IzEnzo 18:22

esefikile eKesariya wakhuphuka wabingelela ibandla; wehlela e-Antiyokiya. Ukuqala kohambo lwesithathu; u-Apholo use-Efesu

NgokukaJohane 2:1

Kwathi ngosuku lwesithathu kwakukhona umshado eKhana laseGalile ; wayekhona lapho unina kaJesu.

NgokukaLuka 13:32

Wathi kubo : Hambani nithi kuleyo mp ungushe: Bheka, ngikhipha amademoni, ngiphulukise abagulayo namuhla nakusasa , kuthi ngosuku lwesithathu ngipheleliswe.

NgokukaLuka 18:33

bayishaye, bayibulale; kepha ngosuku lwesithathu izakuvuka.

NgokukaLuka 24:21

Thina-ke besethemba ukuthi nguye ozakuhlenga u -Israyeli; kodwa phezu kwalokho konke sekulusuku lwesithathu lezo zinto zenzekile.

NgokukaLuka 24:46

Wathi kubo : Kulotshiwe kanje ukuthi uzakuhlupheka uKristu , avuke kwabafileyo ngosuku lwesithathu,

NgokukaLuka 24:7

ethi: INdodana yomuntu imelwe ukukhashelwa ezandleni zabantu abayizoni, ibethelwe, ivuke ngosuku lwesithathu.

NgokukaLuka 9:22

wathi: INdodana yomuntu imelwe ukuhlupheka ngokuningi , ilahlwe ngamalunga nabapristi abakhulu nababhali , ibulawe, ivuswe ngosuku lwesithathu.

NgokukaMathewu 16:21

Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukubonisa abafundi bakhe ukuba umelwe ukuya eJerusalema, ahlushwe ngokuningi ngamalunga nangabapristi abakhulu nababhali, abulawe, kepha avuswe ngosuku lwesithathu.

NgokukaMathewu 17:23

bazakuyibulala, kepha ngosuku lwesithathu izakuvuswa . Badabuka kakhulu.

NgokukaMathewu 20:19

bayikhaphele kwabezizwe ukuba iklolodelwe , ishaywe, ibethelwe esiphambanweni; kepha ngosuku lwesithathu izakuvuswa. UJesu ukhuza amadodana kaZebedewu (Mark. 10:35)

NgokukaMathewu 27:64

Ngakho yala ukuba iliba ligcinwe kuze kube lusuku lwesithathu ukuba abafundi bakhe bangaze bafike bamebe, bathi kubantu: Uvukile kwabafileyo; kuthi inkohliso yokugcina ibe mbi kuneyokuqala.

U-Eksodusi 19:11

babe sebelungile ngosuku lwesithathu ; ngokuba ngosuku lwesithathu uJehova uyakwehlela entabeni yaseSinayi emehlweni abantu bonke.

U-Eksodusi 19:15

Wayesethi kubantu : Anoba senilungile ngosuku lwesithathu ; ningasondeli kowesifazane.

U-Eksodusi 19:16

Kwathi ngosuku lwesithathu sekusile, kwaba khona ukuduma nokunyazima kombani, nefu elinzima phezu kwentaba, nezwi lecilongo elizwakala kakhulu; bonke abantu abasekamu bathuthumela.

U-Eksodusi 28:19

uhla lwesithathu lube yihiyakinte, ne-agathe, ne-amethiste;

U-Eksodusi 39:12

uhla lwesithathu lwaba yihiyakinte, ne-agathe, ne-amethiste;

U-Esteri 5:1

Kwathi ngosuku lwesithathu u -Esteri wembatha ingubo yobukhosi , wema egcekeni elingaphakathi lendlu yenkosi malungana nendlu yenkosi ; inkosi yayihlezi esihlalweni sayo sobuk hosi endlini yobukhosi malungana nomnyango wendlu.

U-Ezra 6:15

Yaqedwa leyo ndlu ngosuku lwesithathu lwenyanga ka -Adari ngomnyaka wesithupha wokubusa kukaDariyu inkosi.

UGenesise 1:13

Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesithathu.

UGenesise 22:4

Ngosuku lwesithathu u -Abrahama waphakamisa amehlo akhe , wayibona indawo isekude.

UGenesise 31:22

Ngosuku lwesithathu uLabani watshelwa ukuthi uJakobe ubalekile.

UGenesise 34:25

Kwathi ngosuku lwesithathu bese nobuhlungu , amadodana amabili kaJakobe, oSimeyoni noLevi, abanewabo bakaDina, bathatha, kwaba yilowo nalowo inkemba yakhe, bahlasela umuzi ngesibindi, babulala bonke abesilisa.

UGenesise 40:20

Kwathi ngosuku lwesithathu , usuku lokuzalwa kukaFaro , wazenzela izinceku zakhe zonke idili , waphakamisa ikhanda lenduna yabaphathizitsha nelenduna yabaphekizinkwa phakathi kwezinceku zakhe.

UGenesise 42:18

Wayesethi kubo uJosefa ngosuku lwesithathu : Yenzani lokhu , niphile, ngokuba ngiyamesaba uNkulunkulu.

UHoseya 6:2

Uyakusiphilisa ngezinsuku ezimbili , asivuse ngosuku lwesithathu, siphile phambi kwakhe.

UJoshuwa 9:17

Abantwana bakwa -Israyeli b ase besuka , bafika emizini yabo ngosuku lwesithathu; imizi yabo yayiyiGibeyoni , neKefira, neBeroti, neKiriyati Jeharimi.

ULevitikusi 19:6

Uyakudliwa ngosuku lokunikela kwenu nangakusasa ; uma kusele okuthile kuze kube lusuku lwesithathu, kuyakushiswa ngomlilo.

ULevitikusi 19:7

Uma kudliwa nokuncane ngosuku lwesithathu , kuyisinengiso; awuyikwamukeleka;

ULevitikusi 7:17

kepha okusele enyameni yomhlatshelo ngosuku lwesithathu kuyakushiswa ngomlilo.

ULevitikusi 7:18

Uma inyama yomhlatshelo weminikelo yakhe yokuthula idliwa ngosuku lwesithathu, ayiyikwamukeleka, ingabalelwa kuye owanikela ngayo ; iyakunengeka, nomuntu oyidlayo uyakuthwala ububi bakhe.

UNumeri 19:12

Uyakuziphothula ngawo ngosuku lwesithathu , nangosuku lwesikhombisa uyakuhlambuluka; kepha uma engaziphothuli ngosuku lwesithathu , akayikuhlambuluka ngosuku lwesikhombisa.

UNumeri 19:19

umuntu ohlambulukileyo amfafaze ongcolileyo ngosuku lwesithathu nangosuku lwesikhombisa , amphothule ngos uku lwesikhombisa , ahlanze izingubo zakhe, ageze ngamanzi, ahlambuluke ngakusihlwa.

UNumeri 29:20

Ngosuku lwesithathu : izinkunzi eziyishumi nanye , nezinqama ezimbili , nezimvu zamaduna eziyishumi nane ezinomnyaka munye ezingenasici,

UNumeri 31:19

Misani ngaphandle kwekamu izinsuku eziyisikhombisa ; yilowo nalowo obulele umuntu , nalowo othintile obuleweyo , makaziphothule ngosuku lwesithathu nangosuku lwesikhombisa, nina nabathunjwa benu.

UNumeri 7:24

Ngosuku lwesithathu ngu -Eliyabe indodana kaHeloni , isikhulu sabantwana bakwaZebuloni.