Skip to Content

"lwezikhali"

8 occurrences in ZUL

1 iziKronike 10:4

USawule wayesethi odibini lwezikhali zakhe : Hosha inkemba yakho , ungigwaze ngayo , funa labo abangasokile bafike , bangone. Kepha aluvumanga udibi lwezikhali zakh e, ngokuba lwesaba kakhulu . Ngalokho uSawule wayithatha inkemba, wawela phezu kwayo.

1 iziKronike 10:5

Udibi lwezikhali zakhe selubonile ukuthi uSawule ufile , lwawela nalo phezu kwenkemba, lwafa.

1 uSamuweli 14:13

UJonathani wakhuphuka ngezandla zakhe nangezinyawo zakhe , nodibi lwakhe emva kwakhe; bawa phambi kukaJonathani, nodibi lwezikhali zakhe lwababulala emva kwakhe.

1 uSamuweli 14:14

Lokho kuceka kokuqala abakwenzayo uJonathani nodibi lwezikhali zakhe kwakungabantu kungathi amashumi amabili ebangeni elingathi inxenye ye - eka lensimu.

1 uSamuweli 14:17

USawule wayesethi kubantu ababe naye : Balani manje, nibone ukuthi ngubani omukile kithi . Babala, bheka, uJonathani nodibi lwezikhali zakhe babengekho.

1 uSamuweli 16:21

UDavide waf ika kuSawule , wema phambi kwakhe ; wamthanda kakhulu , waba ludibi lwezikhali zakhe.

1 uSamuweli 31:4

USawule wayesethi odibini lwezikhali zakhe : Hosha inkemba yakho , ungigwaze ngayo , funa labo abangasokile bafike , bangigwaze, bangone. Kepha aluvumanga udibi lwezikhali zakhe, ngokuba lwesaba kakhulu . Ngalokho uSawule wayithatha inkemba, wawela phezu kwayo.

1 uSamuweli 31:5

Udibi lwezikhali zakhe selubonile ukuthi uSawule ufile , lwawela nalo phezu kwenkemba yalo, lwafa kanye naye.