Skip to Content

"malibe"

15 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 22:13

Isithunywa ebesihambile ukumbiza uMikhaya sakhuluma kuye , sathi: Bheka, amazwi abaprofethi mahle enkosini ngamlomo munye ; ngalokho izwi lakho malibe njengezwi lomunye wabo, ukhulume okuhle.

2 iziKronike 18:12

Isithunywa ebesihambile ukumbiza uMikhaya sakhuluma kuye, sathi: Bheka, amazwi abaprofethi mahle enkosini ngamlomo munye ; ngalokho izwi lakho malibe njengelinye labo, ukhulume okuhle.

2 uSamuweli 14:17

Yayisithi incekukazi yakho: Izwi lenkosi yami, inkosi, malibe ngelokuthula, ngokuba inkosi yami , inkosi, injengengelosi kaNkulunkulu ekuzweni okuhle nokubi; uJehova uNkulunkulu wakho makabe nawe.

2 uSamuweli 14:9

Owesifazane waseThekhowa wathi enkosini: Nkosi yami, nkosi, icala malibe phezu kwami naphezu kwendlu kababa, inkosi nesihlalo sayo sobukhosi kube msulwa.

2 uSamuweli 1:16

UDavide wathi kuye: Igazi lakho malibe phezu kwekhanda lakho , ngokuba umlomo wakho ufakazile ngawe , lapho uthi : Ngibulele ogcotshiweyo kaJehova. Isililo sikaDavide ngoSawule noJonathani

2 uSamuweli 7:26

Malibe likhulu igama lakho kuze kube phakade ukuze kuthiwe : U Jehova Sebawoti unguNkulunkulu ka -Israyeli, indlu yenceku yakho uDavide imiswe ngaphambi kwakho.

AmaHubo 69:22

Itafula labo malibe yisihibe phambi kwabo , libe lugibe kwabahlezi bezithulele.

IzEnzo 18:6

Kwathi benqaba , behlambalaza, wathintitha izingubo zakhe , wathi kubo : Igazi lenu malibe phezu kwamakhanda enu; mina anginacala; kusukela manje ngizakuya kwabezizwe.

KwabaseRoma 11:9

NoDavide uthi : Itafula labo malibe yisihibe nogibe , nesikhubekiso nempindiselo kubo,

NgokukaMathewu 27:25

Abantu bonke base bephendula bethi : Igazi l akhe malibe phezu kwethu naphezu kwabantwana bethu.

NgokukaMathewu 5:37

Kepha izwi lenu malibe ngokuthi : Yebo, yebo; qhabo, qhabo. Okudlula lokhu kuvela kokubi.

UDaniyeli 4:19

Khona uDaniyeli ogama lakhe lalinguBeliteshasari wamangala isikhashana , imicabango yakhe ya mesabisa. Inkosi yathatha yathi : Beliteshasari, iphupho nencazo makungakwesabisi . UBeliteshasari waphendula wathi : Nkosi, iphupho malibe kwabakuzondayo, nencazo yalo kuzo izitha zakho.

UJeremiya 51:35

Ubudlova engenzelwe bona mina nabayinyama yam i mabube phezu kweBabele, makasho njalo owakhileyo eSiyoni . Igazi lami malibe phezu kwabakhileyo eKalideya; malisho njalo iJerusalema.

UJobe 21:16

Bhekani, inhlanhla yabo ayisesandleni sabo ; icebo lababi malibe kude nami.

ULevitikusi 20:12

Uma umuntu elala nomalokazana wakhe , bobabili bobulawa nokubulawa; benzile ichilo; igazi labo malibe phezu kwabo.