Skip to Content

"moya"

18 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 10:5

nokudla kwasetafuleni lakhe , nokuhlala kwezinceku zakhe , nokuma kwezikhonzi zakhe , nezambatho zazo , nabaphathizitsha bakhe , nomnikelo wakhe wokushiswa owanikela ngawo endlini kaJehova , akwabe kusabakho moya kuyo.

1 kaJohane 4:3

lowo moya ongamvu mi uJesu akasiye okaNkulunkulu; lowo ungowomphikukristu enizwe ngaye ukuthi uyeza , nakalokhu usefikile ezweni.

1 kwabaseKorinte 12:11

Kepha konke lokho kusetshenzwa nguyena lowo Moya munye, ebabela yilowo nalowo ngokwakhe njengokuthanda kwakhe.

1 kwabaseKorinte 12:13

Ngokuba ngaMoya munye thina sonke sabhapathizwa sibe mzimba munye, noma singabaJuda noma singamaGreki , noma siyizigqila noma singabakhululekileyo; thina sonke saphuziswa Moya munye.

1 kwabaseKorinte 12:4

Kepha kukhona iziphiwo zomusa ezahlukeneyo, kepha nguye lowo Moya.

1 kwabaseKorinte 12:8

Ngokuba omunye uphiwa ngoMoya izwi lokuhlakanipha , kepha omunye izwi lokwazi ngaye lowo Moya,

1 kwabaseKorinte 12:9

omunye ukukholwa kuye lowo Moya, omunye iziphiwo zokuphulukisa kuye uMoya munye,

2 iziKronike 9:4

nokudla kwasetafuleni lakhe , nokuhlala kwezinceku zakhe , nokuma kwezikhonzi zakhe , nezambatho zazo , kanye nabaphathizitsha nezambatho zabo, nesikhwelo sakhe akhuphukela ngaso endlini kaJehova , akwabe kusabakho moya kuyo.

2 kwabaseKorinte 4:13

Lokhu sinawo lo moya wokukholwa , njengokulotshiweyo ukuthi : Ngakholwa, ngakho ngakhuluma, nathi siyakholwa, ngakho-ke siyakhuluma,

IsAmbulo 7:1

Emva kwalokho ngabona izingelosi ezine zimi emagumbini omane omhlaba, zibamba imimoya emine yomhlaba , ukuze kungavunguzi moya emhlabeni , naselwandle, nakowodwa umuthi.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:16

Vuka, moya wasenyakatho , uze wena Ningizimu , uphephethe ensimini yami, ukuze amakha ayo athaphuke; othandiweyo wami makangene ensimini yakhe, adle izithelo zayo ezinqabileyo.

IzAga 1:23

Buyani ngokusola kwami ; bhekani, ngiyakuthulula u moya wami phezu kwenu, nginazise amazwi ami.

KwabaseRoma 8:16

Yena lowo Moya ufakaza kanye nomoya wethu ukuthi singabantwana bakaNkulunkulu.

NgokukaMarku 5:8

Ngokuba wathi kuye: Phuma kulo muntu, moya ongcolileyo.

NgokukaMarku 9:25

UJesu esebona ukuthi isixuku sigijimela ndawonye , wamkhuza umoya ongcolileyo, wathi kuye: Wena moya oyisimungulu nesithulu ngiyakuyala mina, ngithi: Phuma kuye, ungabe usangena kuye.

UHezekeli 37:9

Wayesethi kimi : Profetha kuwo umoya , profetha, ndodana yomuntu , uthi kuwo umoya: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Woza, moya, uvele emimoyeni yomine, uphefumulele laba ababuleweyo ukuba baphile.

UJeremiya 15:9

Owazala abayisikhombisa usedangele , waphuma u moya; ilanga lakhe lishonile kuse semini ; ujabhile, wayangaza; insali yabo ngiyakuyinikela enkembeni ngaphambi kwezitha zabo, usho uJehova. Ukukhala kukaJeremiya

UJobe 41:16

Zisondelene esinye kwesinye, kungangeni moya phakathi kwazo.