Skip to Content

"musa"

9 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 3:6

USolomoni wathi : Wenzele inceku yakho uDavide ubaba umusa omkhulu njengokuhamba kwakhe phambi kwakho ngeqiniso , nangokulunga, nangobuqotho benhliziyo kuwe , wamgcinela futhi lowo musa omkhulu , wamnika indodana ukuba ihlale esihlalweni sakhe sobukhosi , njengokuba kunjalo namuhla.

2 uSamuweli 2:5

UDavide wayesethuma izithunywa kubantu baseJabeshi Gileyadi , wathi kubo: Manibusiswe nguJehova , ngokuba nenzile lowo musa kuyo inkosi yenu, uSawule, nammbela.

2 uSamuweli 2:6

Manje uJehova makanenzele umusa neqiniso , nami nginibuyisele lowo musa, ngokuba niyenzile leyo nto.

IsAmbulo 19:10

Ngase ngiwa phansi phambi kwezinyawo ukukhuleka kuyo. Yayisithi kimi: Musa; ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abaphethe ubufakazi bukaJesu; khuleka kuNkulunkulu. Ngokuba ubufakazi bukaJesu bungumoya wokuprofetha. UKristu uyalwa nesilo

IsAmbulo 22:9

Yayisithi kimi : Musa; ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abaprofethi nabagcina amazwi ale ncwadi; khuleka kuNkulunkulu.

Kwabase-Efesu 3:8

Mina engimncinyane kunabo bonke abangcwele ngaphiwa lowo musa wokushumayeza abezizwe ivangeli lengcebo kaKristu engaphenyekiyo

KwabaseRoma 5:2

okungaye sinokungena ngokukholwa kulo musa esimi kuwo , siyazibonga ekwethembeni inkazimulo kaNkulunkulu.

NgokukaMathewu 16:22

UPetru wayesemthatha, waqala ukumkhuza , wathi: Musa, Nkosi, lokho akusoze kwenziwa kuwe.

UGenesise 19:19

Bheka, inceku yakho ifumene u musa emehlweni akho , ungenzele ububele obukhulu ngokusindisa ukuphila kwami ; kepha mina angikwazi ukubalekela entabeni, funa ububi bungifice, ngife.