Skip to Content

"nabadala"

7 occurrences in ZUL

IsiLilo 2:21

Balele phansi ezitaladini, abasha nabadala. Izintombi zami nezinsizwa zami ziwile ngenkemba . Wababulala ngosuku lwentukuthelo yakho , wabulala ungahawukelanga.

U-Eksodusi 10:9

UMose wathi : Siyakuhamba nabasha bethu , nabadala bethu , namadodana ethu, namadodakazi ethu , nezimvu zethu , nezinkomo zethu , ngokuba sinomkhosi kaJehova.

U-Esteri 3:13

Izincwadi zathunywa ngesandla sezigijimi ezifundeni zonke zenkosi ukuba kuchithwe, kubulawe, kubhujiswe abaJuda bonke, abasha nabadala, izingane nabesifazane, ngalusuku lunye , ngolweshumi nantathu lwenyanga yeshumi nambili eyinyanga ka-Adari, impahla yabo ibe yimpango.

U-Isaya 20:4

kanjalo inkosi yase -Asiriya iyakumukisa abathunjwa baseGibithe nabaxoshiweyo baseKushe , abasha nabadala , behamba ze , bengafakile nazicathulo, izinqe zabo zihlubuliwe, kube yihlazo laseGibithe.

UJeremiya 31:13

Khona intombi iyakuthokoza ekusineni , nezinsizwa nabadala kanyekanye; ngiyakuphendula ukukhala kwab o kube ngukujabula , ngibaduduze, ngibathokozise, bangabe besaba nosizi.

UJobe 32:9

Abakhulu abahlakaniphile, nabadala abaqondi ukwahlulela.

UJoshuwa 6:21

Baqalekisa konke okusemzini , isilisa nesifazane , abasha nabadala , nezinkabi, nezimvu, nezimbongolo, ngosiko lwenkemba.