Skip to Content

"nabangane"

18 occurrences in ZUL

2 uSamuweli 3:8

U-Abineri wathukuthela kakhulu ngenxa yalawo mazwi ka -Ishi Bosheti , wathi: Ngiyikhanda lenja engeyakwaJuda na ? Namuhla ngiyayenzela indlu kaSawule uyihlo umusa , abafowabo nabangane bayo , angikunikelanga esandleni sikaDavide; nokho ungibeka icala namuhla ngalowo wesifazane.

AbAhluleli 11:37

Yathi kuyise: Mangenzelwe lokhu: ngiyeke izinyanga ezimbili ukuba ngiye , ngehlele ezintabeni, ngililele ubuntombi bami, mina nabangane bami.

AbAhluleli 11:38

Wathi: Hamba. Wayimukisa izinyanga ezimbili ; yamuka yona nabangane bayo, yalilela ubuntombi bayo ezintabeni.

AmaHubo 122:8

Ngenxa yabafowethu nabangane bethu ngizakuthi manje : Makube khona ukuthula kuwe.

IzEnzo 10:24

Ngangomuso bangena eKesar iya. UKorneliyu wayebalindele esebizile izihlobo nabangane bakhe abakhulu.

NgokukaLuka 21:16

Yebo, niyakukhashelwa nangabazali , nabafowenu, nezihlobo, nabangane; abanye benu bayakubulawa yibo.

U-Ezra 4:23

Lapho impinda yencwadi yenkosi u -Aritahishashita isifundiwe phambi kwawoRehumi noShimshayi umbhali nabangane babo , bashesha baya eJerusalema kubaJuda, babathiya ngezikhwepha nangamandla.

U-Ezra 5:3

Ngasona leso sikhathi kwafika kubo uThathenayi, umbusi phesheya koMfula, noShethati Bozenayi , nabangane babo , basho kanje kubo , bathi: Ngubani owaniyaleza ukwakha le ndlu nokuqeda lolu gange na?

U-Ezra 5:6

Nansi impinda yencwadi uThathenayi , umbusi waphesheya koMfula , noShethari Bozenayi , nabangane bakhe ama -Afarisaki ayengaphesheya koMfula abayithuma kuDariyu inkosi;

U-Ezra 6:13

Khona uThathenayi umb usi waphesheya koMfula , noShethari Bozenayi , nabangane babo benza kanjalo ngesineke sonke , ngokuba uDariyu inkosi wayethumele.

U-Ezra 6:6

Ngalokho, Thathenayi, mbusi phesheya koMfula , nawe Shethari Bozenayi nabangane benu ama -Afarisaki abangaph esheya koMfula , manibe kude nalapho;

U-Isaya 1:23

Izikhulu zakho ziyizihlubuki nabangane bamasela; bonke bathanda izipho, balandela imivuzo; abahluleli izintandane, nendaba yomfelokazi ayifinyeleli kubo.

UDaniyeli 2:13

Isimemezelo saphuma sokuthi abahlakaniphileyo babeyakubulawa ; bamfuna uDaniyeli nabangane bakhe ukuba babulawe.

UDaniyeli 2:18

ukuba bacele umusa kuNkulunkulu wasezulwini ngale mfihlakalo , ukuze uDaniyeli nabangane bakhe bangabhubhi kanye nabanye abahlakaniphileyo baseBabele.

UJobe 32:3

Ulaka lwakhe lwavuthela nabangane bakhe abathathu , ngokuba noma bengafumananga impendulo, bamlahla nokho uJobe.

UJobe 35:4

Ngizakukuphendula mina ngamazwi, wena nabangane bakho.

UJobe 42:7

Kwathi lapho uJehova esekhulumile lawo mazwi kuJobe, uJehova wathi ku- Elifazi umThemani : Intukuthelo yami iyavuthela wena nabangane bakho ababili, ngokuba anikhulumanga okulungileyo ngami njengenceku yami uJobe.

UZakariya 3:8

Ake uzwe , Joshuwa, mpristi omkhulu , wena nabangane bakho abahlala phambi kwakho , ngokuba bangabantu abayisibonakaliso : bhekani, ngiyakuveza inceku yami, uHlumela.