Skip to Content

"nabapristi"

55 occurrences in ZUL

1 iziKronike 13:2

UDavide wathi kulo lonke ibandla lakwa -Israyeli: Uma kukuhle kini , uma kuvela kuJehova uNkulunkulu wethu, masihlakazeke sithumele kubafowethu abasele ezweni lonke lakwa -Israyeli kanye nabapristi namaLevi emizini yabo enamadlelo ukuba babuthane kithi,

1 iziKronike 23:2

Wabutha zonke izikhulu zakwa-Israyeli kanye nabapristi namaLevi.

1 iziKronike 9:2

Abakhileyo kuqala emafeni abo emizini yabo babe ngu -Israyeli, nabapristi, namaLevi, namaNethini.

2 AmaKhosi 10:11

UJehu wayesebulala bonke a baseleyo bendlu ka -Ahabi eJizreyeli , nabo bonke abakhulu bakhe , nabazana naye , nabapristi bakhe , waze wangamshiyela noyedwa owasalayo.

2 AmaKhosi 23:2

Inkosi yenyukela endlini kaJehova, bonke abantu bakwaJuda nabo bonke abakhileyo eJerusalema benayo, kanye nabapristi nabaprofethi, yebo, abantu bonke, abancane nabakhulu, yafunda ezindlebeni zabo onke amazwi encwadi yesivumelwano ebifunyenwe endlini kaJehova.

2 AmaKhosi 23:4

Inkosi yayisiyala uHilikiya umpristi omkhulu , nabapristi besigaba sesibili , nabalindimnyango ukukhipha ethempelini likaJehova zonk e izinto ezazenzelwe oBali , no-Ashera, nebandla lonke lasezulwini , yazishisa ngaphandle kweJerusalema emasimini aseKidroni , yayisa umlotha wazo eBethele.

2 iziKronike 13:12

Futhi bhekani , uNkulunkulu unathi , uyinhloko yethu , kanye nabapristi abaphethe amacilongo okuhlaba umkhosi ukuba bawakhalise ngani ; bantwana bakwa -Israyeli, ningalwi noJehova uNkulunkulu wawoyihlo , ngokuba aniyikuphumelela.

2 iziKronike 29:26

AmaLevi ayesema ephethe izinto zokubethwa zikaDavide , ekanye nabapristi bephethe amacilongo.

2 iziKronike 29:34

Abapristi babe yingcosana nje , babengenakuhlinza yonke iminikelo yokushiswa; abafowabo amaLevi base bebasiza , waze waphela umsebenzi , nabapristi baze bazingcwelisa , ngokuba amaLevi ayelungele ngezinhliziyo kunabapristi ukuba azingcwelise.

2 iziKronike 30:21

Abantwana bakwa-Israyeli ababe khona eJerusalema bawugubha umkhosi wesinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa ngokuthokoza okukhulu; amaLevi nabapristi bamdumisa uJehova imihla ngemihla ngezinto zokubethwa ezizwakalayo kuJehova.

2 iziKronike 30:25

Lonke ibandla lakwaJuda kanye nabapristi namaLevi , nalo lonke ib andla elaphuma ku -Israyeli, nabafokazi abaphuma ezweni lakwa -Israyeli behlezi kwaJuda, bathokoza.

2 iziKronike 34:30

Inkosi yakhuphukela endlini kaJehova kanye nabo bonke abantu bakwaJuda nabakhileyo eJerusalema , nabapristi, namaLevi, nabantu bonke, abakhulu nabancane, wafunda ezindlebeni zabo onke amazwi encwadi yesivumelwano ebifunyenwe endlini kaJehova.

2 iziKronike 35:14

Ngasemuva azilungiselela wona nabapristi, ngokuba abapristi, amadodana ka-Aroni, babesekunikeleni iminikelo namanoni kwaze kwaba sebusuku ; ngalokho amaLevi azilungiselela wona nabapristi, amadodana ka-Aroni.

2 iziKronike 35:18

Alenziwanga iphasika elinjengalelo kwa -Israyeli kusukela emihleni kaSamuweli umprofethi , nawo onke amakhosi akwa -Israyeli awenzanga iphasika elinjengalelo elenziwa nguJosiya, nabapristi, namaLevi, naye wonke uJuda no-Israyeli owayekhona, kanye nabakhileyo eJerusalema.

2 iziKronike 35:8

Izikhulu zakhe zabanika abantu , nabapristi, namaLevi iminikelo yesihle . OHilikiya, noZakariya, noJehiyeli, abaphathi bendlu kaNkulunkulu, babanika abapristi amawundlu ayizinkulungwa ne ezimbili namakhulu ayisithupha nezinkabi ezingamakhulu amathathu, kube ngokweminikelo yephasika.

IsAmbulo 1:6

nowasenza sibe ngumbuso nabapristi kuNkulunkulu uYise , kuye makube yinkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.

IsAmbulo 5:10

wabenza babe ngumbuso nabapristi kuNkulunkulu wethu , babuse emhlabeni.

IsiLilo 2:20

Bheka, Jehova, ubone ukuthi wenzile kanjalo kubani . Abesifazane bayakudla yini izithelo zabo , izingane eziphathiweyo kahle, na? Abaprofethi nabapristi bayakubulawa endlini engcwele yeNkosi, na?

IzEnzo 5:24

Kwathi ukuba induna yethempeli nabapristi abakhulu bezwe lawo mazwi , basambatheka ngawo ngokuthi kungaba yini lokho na?

NgokukaJohane 18:35

UPilatu waphendula wathi: Kanti ngingumJuda yini mina na? Isizwe sakini nabapristi abakhulu bakunikezele kimi; wenzeni na?

NgokukaLuka 20:19

Ababhali nabapristi bafuna ukumbamba khona lapho, kepha besaba abantu, ngokuba bazi ukuthi uwukhulumile lo mfanekiso ngabo.

NgokukaLuka 22:4

Wasuka wakhuluma nabapristi abakhulu nezinduna ngokuthi angamkhaphela kanjani kubo.

NgokukaLuka 22:66

Kwathi sekusile, kwabuthana amalunga abantu nabapristi abakhulu nababhali, bamyisa emphakathini wabo,

NgokukaLuka 9:22

wathi: INdodana yomuntu imelwe ukuhlupheka ngokuningi , ilahlwe ngamalunga nabapristi abakhulu nababhali , ibulawe, ivuswe ngosuku lwesithathu.

NgokukaMarku 15:31

Kanjalo nabapristi abakhulu bambhinqa bebodwa kanye nababhali , bathi: Wasindisa abanye, angezisindise yena.

NgokukaMarku 8:31

Khona waqala ukubafundisa ukuthi iNdodana yomuntu imelwe ukuhlupheka ngokuningi , ilahlwe ngamalunga nabapristi abakhulu nababhali, ibulawe, ivuswe emva kwezinsuku ezintathu.

NgokukaMathewu 27:41

Kanjalo nabapristi abakhulu bambhinqa kanye nababhali namalunga, bathi:

U-Eksodusi 19:22

Nabapristi abasondela kuJehova mabazingcwelise , funa uJehova abadumele.

U-Ezra 1:5

Kwase kusuka izinhloko zawoyise bakwaJuda noBenjamini , nabapristi, namaLevi, bonke abamoya wabo uNkulunkulu ayewuvusile ukuba bakhuphuke bakhe indlu kaJehova eseJerusalema.

U-Ezra 7:13

Ngikhipha isimemezelo sok uthi bonke abantu bakwa -Israyeli, nabapristi babo, namaLevi embusweni wami, abafuna ukuya eJerusalema, bangahamba nawe,

U-Ezra 7:7

Kwakhuphuka nabanye abantwana bakwa -Israyeli, nabapristi, namaLevi, nabahlabeleli, nabalindisango, namaNethini, baya eJerusalema ngomnyaka wesikhombisa ka-Aritahishashita inkosi.

U-Ezra 8:15

Ngababutha emfuleni oya e -Ahava; samisa khona izinsuku ezintathu; ngabheka abantu nabapristi , angifumananga khona noyedwa wamadodana kaLevi.

U-Ezra 9:1

Kwathi sekuphelile lokho , izikhulu zasondela kimi , zathi: Abantu bakwa- Israyeli nabapristi namaLevi abazahlukanisanga nabantu bezizwe nezinengiso zabo, ezamaKhanani, namaHeti, namaPherizi, namaJebusi, nama-Amoni, nabakwaMowabi, nabaseGibithe, nama-Amori.

U-Ezra 9:7

Kusukela ezinsukwini zawobaba kuze kube namuhla sinecala elikhulu ; ngenxa yezono zethu sanikelwa thina namakhosi ethu nabapristi bethu ezandleni zamakhosi abezizwe enkembeni , nasekuthunjweni, nasekuphangweni, nasemahlonini obuso njenganamuhla.

UDuteronomi 27:9

UMose nabapristi bamaLevi bakhuluma kuwo wonke u -Israyeli, bathi: Thula, ulalele, Israyeli: namuhla sewuyisizwe sikaJehova uNkulunkulu wakho.

UHoseya 4:4

Makungabikho ophikisana nomunye , asole omunye ; nokho abantu bakho bayakuphikisana nabapristi.

UJeremiya 13:13

Uyakusho kubo, uthi: U sho kanje uJehova , uthi: Bheka, ngiyakugcwalisa ngokudakwa bonke abakhileyo kuleli zwe, namakhosi ahlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide , nabapristi, nabaprofethi, nabo bonke abakhileyo eJerusalema.

UJeremiya 23:11

Ngokuba nabaprofethi nabapristi abanaNkulunkulu ; nasendlini ngifumene okubi kwabo, usho uJehova.

UJeremiya 2:26

Njengesela linamahloni, lapho selifunyenwe, kanjalo indlu yakwa -Israyeli iyakuba namahloni, bona kanye namakhosi abo , nezikhulu zabo, nabapristi babo, nabaprofethi babo

UJeremiya 32:32

ngenxa yakho konke okubi kwabantwana bakwa -Israyeli nabantwana bakwaJuda abakwenzileyo ukuba bangicunule , bona namakhosi abo , nezikhulu zabo , nabapristi babo , nabaprofethi babo , namadoda akwaJuda , nabakhileyo eJerusalema.

UJeremiya 34:19

ngisho izikhulu zakwaJuda , nezikhulu zaseJerusalema , nabathenwa, nabapristi, nabo bonke abantu bezwe ababedlula phakathi kwezinhlangothi zethole,

UJeremiya 6:13

Ngokuba kusukela kwabancane bab o kuya kwabakhulu bab o bayaphanga impango bonke, nabaprofethi nabapristi bonke baqamba amanga.

UJeremiya 8:10

Ngalokho abafazi babo ngiyakubanika abanye , namasimu abo kwabayakuwadla, ngokuba kusukela kwabancane kuya kwabakhul u bayaphanga impango bonke , nabaprofethi nabapristi bonk e baqamba amanga.

UJoshuwa 3:3

Zayala abantu, zathi: Nxa nibona umphongolo wesivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu nabapristi bamaLevi bewuthwala , niyakusuka endaweni yenu, niwulandele.

UJoshuwa 4:11

Kwathi lapho bonke abantu sebewelile baphelela , umphongolo kaJehova wawela kanye nabapristi emehlweni abantu.

UNehemiya 10:39

Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwaLevi babeyakukhuphulela umnikelo wamabele , newayini, namafutha emakamelweni, lapho kukhona izitsha zendlu engcwele , nabapristi abakhonzayo, nabalindisango, nabahlabeleli; besingenakuyishiya indlu kaNkulunkulu wethu.

UNehemiya 11:3

Nazi izinhloko zezwe ezazihlala eJerusalema ; kepha emizini yakwaJuda bahlala emizini yabo , kwaba yilowo nalowo efeni lakhe : abakwa-Israyeli, nabapristi, namaLevi, namaNethini, nabantwana bezinceku zikaSolomoni.

UNehemiya 12:22

AmaLevi abhalwa emihleni ka-Eliyashibi, noJoyada, noJohanani, noJaduwa njengezinhloko zawoyise kanye nabapristi ekubuseni kukaDariyu umPheresiya.

UNehemiya 12:41

nabapristi o -Eliyakimi, noMahaseya, noMiniyamini, noMikhaya, no- Eliyohenayi, noZakariya, noHananiya, bephethe amacilongo,

UNehemiya 2:16

Ababusi babengazi lapho ngangiye khona nengikwenzileyo ; futhi ngangingakabatsheli abaJuda , nabapristi, nabakhulu, nababusi, nabanye ababewenza umsebenzi.

UNehemiya 8:13

Ngosuku lwesibili kwabuthana izinhloko zawoyise babantu bonke , nabapristi, namaLevi ku-Ezra umbhali ukuba baqaphele amazwi omthetho.

UNehemiya 9:32

Ngalokho, Nkulunkulu wethu , Nkulunkulu omkhulu onamandla owesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa , yonke le nkathazo mayingabi ncane ebusweni bakho esificile thina , namakhosi ethu , nezikhulu zethu , nabapristi bethu, nabaprofethi bethu, nawobaba, nabo bonke abantu bakho , kusukela esikhathini samakhosi ase-Asiriya kuze kube namuhla.

UNehemiya 9:34

namakhosi ethu, nezikhulu zethu, nabapristi bethu, nawobaba abagcinanga umthetho wakho , kabalalelanga imiyalo yak ho nezixwayiso zakho obaxwayise ngazo.

UNehemiya 9:38

Ngenxa yakho konke lokho senza isivumelwano esiqinisileyo , sasiloba; kwanamatheliswa ngophawu yizikhulu zethu , namaLevi ethu , nabapristi bethu.

UZefaniya 1:4

Ngiyakwelula isandla sami phezu kukaJud a naphezu kwabo bonke abakhileyo eJerusalema , nginqume insali kaBali kule ndawo , negama labapristi bezithixo kanye nabapristi,