Skip to Content

"nabezizwe"

18 occurrences in ZUL

1 kwabaseThesalonika 2:16

besivimbela ukukhuluma nabezizwe ukuba basindiswe, ukuze bagcwalise njalo izono zabo; kepha ulaka selufinyelele phezu kwabo ngokupheleleyo. Uthando lukaPawulu aluguqukile

2 kuThimothewu 4:17

kodwa iNkosi yangimela , yangipha amandla ukuba intshumayelo ipheleliswe ngami , nabezizwe bonke bezwe ; ngase ngikhululwa emlonyeni wengonyama.

AmaHubo 106:35

kepha bahlangana nabezizwe, bafunda imisebenzi yabo.

IsAmbulo 11:9

Abanye kubantu nabemindeni nabezilimi nabezizwe bayakuzibona izidumbu zabo izinsuku ezintathu nenxenye , bengavumi ukuba izidumbu zabo zifakwe ethuneni.

IzEnzo 11:1

Kepha abaphostoli nabazalwane abaseJudiya bezwa ukuthi nabezizwe balamukele izwi likaNkulunkulu.

IzEnzo 11:18

Bathi ukuzwa lokho , bathula, badumisa uNkulunkulu , bathi: Kanti uNkulunkulu unike nabezizwe ukuphendukela ekuphileni. Amakholwa ase-Antiyokiya athiwa amaKristu

IzEnzo 14:27

Kwathi ukuba bafike , balibutha ibandla , balanda ngakho konke uNkulunkulu akwenzile ngabo nokuthi uvulele nabezizwe isango lokukholwa.

IzEnzo 15:17

ukuze abaseleyo babantu kanye nabezizwe bonke bayifune iNkosi, elibizwe phezu kwabo igama lami, isho iNkosi ekwenza lokhu,

IzEnzo 21:25

Kepha maqondana nabezizwe abakholwayo sesilobile sanquma ngokuthi mabazilonde kokuhlatshelwe izithombe , negazi, nokuqumbeleneyo, nobufebe.

IzEnzo 4:27

Ngokuba ngempela oHerode, noPontiyu Pilatu, kanye nabezizwe, nabantu bakwa-Israyeli bayihlanganyela kulo muzi iNceku yakho engcwele uJesu owamgcobayo

KwabaseGalathiya 2:12

Ngokuba bengakafiki abanye ababevela kuJakobe , wayedla nabezizwe ; kepha kuthe ukuba kufike bona , wamonyuka, wazahlukanisa nabo , esaba abokusoka.

KwabaseRoma 9:21

Nokuba akanamandla yini umbumbi ebumbeni ukwenza ngesigaxa sisinye isitsha esinye esihloniphekayo nesinye esingahloniphekiyo na? Nabezizwe bayakukhethwa ngomusa kaNkulunkulu

NgokukaMathewu 5:47

Futhi uma nibingelela abafowenu b odwa, nenza lukhulu luni na ? Abenzi njalo nabezizwe na?

U-Isaya 56:6

Nabezizwe abazihlanganisa noJehov a ukumkhonza uJehova nokulithanda igama likaJehov a ukuba babe yizinceku zakh e bonke abaligcina isabatha , bangaloni, nababambelela esivumelwaneni sami,

U-Obadiya 1:11

Ngosuku owema kude ngalo , ngosuku abafokazi abasusa ngalo imfuyo yakhe, nabezizwe bangena ngamasango akhe , benza inkatho ngeJerusalema, nawe wawunjengomunye wabo.

ULevitikusi 20:24

Kepha ngishilo kini ukuthi : Niyakulidla ifa lezwe labo , ngininike lona libe ngelenu, izwe elichichima ubisi nezinyosi , nginguJehova onahlukanisile nabezizwe.

ULevitikusi 20:26

Niyakuba ngcwele kimi , ngokuba mina Jehova ngingcwele ; nginahlukanisile nabezizwe ukuba nibe ngabami.

UNehemiya 9:2

Inzalo ka -Israyeli yayizahlukanisa nabezizwe bonke , yayimi ivuma izono zayo nokona kwawoyise.