Skip to Content

"nacala"

13 occurrences in ZUL

1 kwabaseKorinte 1:8

yena oyakuniqinisa nani kuze kube sekupheleni, ningabi nacala ngosuku lweNkosi yethu uJesu Kristu.

1 kwabaseThesalonika 5:23

Kepha uNk ulunkulu wokuthula , yena uqobo , makaningcwelise ngokupheleleyo, kulondolozwe umoya wenu wonke nomphefumulo nomzimba, kungabi nacala ekufikeni kweNkosi yethu uJesu Kristu.

1 uSamuweli 26:9

UDavide wathi ku -Abishayi: Ungambulali, ngokuba ngubani ongelul ela isandla sakhe kogcotshiweyo kaJehova, angabi nacala, na?

2 iziKronike 19:10

Yonke imibango efika kini ivela kubafowenu abahlala emizini yabo phakathi kwegazi negazi, noma phakathi komthetho nomyalo, noma phakathi kwezimiso nezahlulelo , niyakubaxwayisa ngayo ukuba bangabi nacala kuJehova, nehlelwe yintukuthelo nina nabafowenu; yenzani njalo, aniyikuba nacala.

KwabaseKolose 1:22

nokho manje usebuyisene nani emzimbeni wenyama yayo ngokufa ukuba animise ningcwele, ningenasisihla nacala phambi kwakhe,

KwabaseRoma 13:8

Ningabi nacala lani nakubani , kuphela elokuthandana ; ngokuba othanda omunye uwugcwalisile umthetho.

NgokukaMathewu 12:5

Futhi anifundanga yini emthethweni ukuthi ngesabatha abapristi bayalona isabatha ethempelini, bangabi nacala, na?

UDaniyeli 6:22

UNkulunkulu uthumil e ingelosi yakhe , wavimba imilomo yezingonyama, azingilimazanga, ngokuba kwafunyanwa kimi ukungabi nacala phambi kwakhe; naphambi kwakho, nkosi, angenzanga okubi.

UDaniyeli 6:4

Khona abongameli nezikhulu base befuna ukuthola utho ngoDaniyeli oluqondene nombuso, kepha abatholanga lutho nacala kuye , ngokuba wayethembekile; akutholwanga siphosiso nacala kuye.

UDuteronomi 21:8

Thethelela, Jehova, abantwana bakho u-Israyeli obahlengileyo, ungavumeli igazi elinge nacala phakathi kwabantu bakho u -Israyeli, bese bethethelelwa igazi lelo.

UGenesise 44:10

Yathi: Kalokhu makube njengamazwi enu ; lowo ezakutholakala kuye makabe yisigqila sami, nina ningabi nacala.

UJoshuwa 2:19

Kuyakuthi yilowo nalowo ophumela ngaphandle kweminyango yendlu yakho, igazi lakhe libe sekhanda lakhe , thina singabi nacala ; kodwa lowo okuwe endlini , igazi lakhe liyakuba sekhanda lethu , uma si bekwa isandla kuye.

UJoshuwa 2:20

Kepha uma uveza obala le ndaba yethu , asiyikuba nacala ngesifungo sakho osifungise sona.