Skip to Content

"namagquma"

10 occurrences in ZUL

AmaHubo 148:9

nani zintaba namagquma onke, nani mithi ethelayo nayo yonke imisedari,

AmaHubo 72:3

Izintaba ziyakuletha ukuthula kubantu; kanjalo namagquma, ngokulunga.

IzAga 8:25

Zingakasekelwa izintaba, namagquma engakabikho, ngazalwa,

NgokukaLuka 3:5

Izigodi zonke ziyakugqitshwa , zonke izintaba namagquma kuyakwehliswa; kuqonde izinsongansonga, nemigoxigoxi ibe yizindlela ezilelezekile;

U-Isaya 40:12

Ngubani olinganise amanzi ngentende yesandla sakhe , walinganisa izulu ngeminwe eyeluliweyo , wahlanganisa uthuli esilinganisweni , walinganisa izintaba ngezikalo namagquma ngezisindo, na?

U-Isaya 40:4

Zonke izigodi ziyakuphakanyiswa , zonke izintaba namagquma kuyakwehliswa; amagebhugebhu ayakuhlelenjwa , nemigoxigoxi iyakuba yithafa.

U-Isaya 42:15

Ngiyakwenza ize izintaba namagquma , ngomise yonke imifino ya wo, ngenze imifula ibe yiziqhingi, ngenze amachibi ukuba ashe.

U-Isaya 54:10

Yebo, izintaba zingamuka , namagquma angasuswa , kepha umusa wami awuyikumuka kuwe , nesivumelwano sami sokuthula asiyikususwa , usho uJehova okuhawukelayo.

U-Isaya 55:12

Ngokuba niyakuphuma ngokuthokoza , niholwe ngokuthula; izintaba namagquma kuyakuqhumuka ngokuhlabelela phambi kwenu , nemithi yonke yasendle iyakushaya ihlombe.

UHabakuki 3:6

Uyema, uzamazamisa umhlaba ; ubuka, uthuthumelisa izizwe ; izintaba zaphakade ziyahlakazwa, namagquma amandulo akhothama yizindlela zakhe zaphakade.