Skip to Content

"namakaledi"

9 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 25:25

Kepha kwathi ngenyanga yesikhombisa wafika u -Ishmayeli indodana kaNethaniya ka -Elishama wozalo lwenkosi , abantu abayishumi benaye , wamshaya uGedaliya waze wafa , kanye nabaJuda namaKaledi ayenaye eMispa.

U-Isaya 43:14

Usho kanje uJehova , uMhlengi wenu, oNgcwele ka-Israyeli, uthi: Ngenxa yenu ngithumele eBabele, ngiyakwehlisa bonke njengababaleki , namaKaledi ngemikhumbi yokujabula kwawo.

UDaniyeli 2:2

Yayisiyaleza inkosi ukuba kubizwe izanusi , nabathwebulayo, nabalumbi, namaKaledi ukuba bachazele inkosi amaphupho ayo . Bangena, bema phambi kwenkosi.

UDaniyeli 4:7

Zase zifika izanusi , nabathwebulayo, namaKaledi, nabahlola imihlola , ngabatshela iphupho, kepha abangazisanga incazelo yalo.

UDaniyeli 5:7

Inkosi yamemeza ngamandla ukuba kulethwe abathwebulayo , namaKaledi, nabahlola imihlola . Yayisikhuluma inkosi , yathi kwabahlakaniphileyo baseBabele: Ongafunda lo mbhalo , angitshele incazelo yawo uyakwembathiswa okububende , abe nomgexo wegolide entanyeni yakhe , abuse engowesithathu embusweni.

UJeremiya 21:4

Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakubuyisa izikhali zokulwa ezisezandleni zenu , enilwa ngazo nenkosi yaseBabele namaKaledi anivimbezelayo ngaphandle kogange , ngizibuthe phakathi nalo muzi.

UJeremiya 32:5

yona imyise uSedekiya eBabele , abe khona lapho ngize ngimhambele , usho uJehova; noma nilwa namaKaledi, aniyikuphumelela na?

UJeremiya 33:5

Bafika ukulwa namaKaledi, bazigcwalisa ngezidumbu zabantu engibabulele ngentukuthelo yami nangokufutheka kwami, nengifihlele lo muzi ubuso bami ngenxa yabo bonke ububi babo.

UJeremiya 41:3

U-Ishmayeli wabulala nabo bonke abaJuda ababe naye uGedaliya eMispa , namaKaledi, amadoda empi ayefunyanwa khona.