Skip to Content

"nangegolide"

8 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 20:7

Inkosi yakwa-Israyeli yayisibiza onke amalunga ezwe , yathi: Ake niqaphele, nibone ukuthi lowo muntu ufuna okubi , ngokuba wathumela kimi ngawomkami, nangabantwana bami , nangesiliva lami , nangegolide lami , angimnqabelanga.

1 AmaKhosi 9:11

uHiramu inkosi yaseTire owayemsizile uSolomoni ngemisedari nangemisayipuresi nangegolide njengokufisa kwakhe konke wanikwa yinkosi uSolomoni imizi engamashumi amabili ezweni laseGalile.

1 iziKronike 28:14

nangegolide isisindo segolide lezinto zo nke zezinkonzo ngezinkonzo , nangezinto zonke zesiliva isisindo sazo, zonke izinto zezinkonzo ngezinkonzo;

1 kuThimothewu 2:9

Ngokunjalo nabesifazane mabagqoke izingubo ezifaneleyo, bazihlobise ngokuhlonipha nokuqonda , kungabi ngezinwele ezalukiweyo , nangegolide, nangamaparele, nangezambatho ezinemali eningi,

U-Ezra 1:4

Bonke abaseleyo, nakuziphi izindawo lapho begogobele khona , mabasizwe ngabantu bendawo yabo ngesiliva, nangegolide, nangempahla, nangezinkomo kanye nomnikelo wesihle wendlu kaNkulunkulu eseJerusalema.

U-Ezra 1:6

Bonke ababazungezayo basekela izandla zabo ngezitsha zesiliva , nangegolide, nangempahla, nangezinkomo, nangamagugu, kanye nakho konke okwanikelwa ngakho ngenhliziyo.

UHezekeli 27:22

Abathengi baseSheba naseRama babe ngabathengi bakho , benana impahla yakho ngawo onke amakha aphambili , nangawo onke amatshe anqabileyo , nangegolide.

UJeremiya 10:4

Bawenza ube muhle ngesiliva nangegolide , bawubethela ngezipikili nangezando ukuba ungazamazami.