Skip to Content

"nangendlala"

19 occurrences in ZUL

IsAmbulo 6:8

Ngase ngibona, bheka, nanto ihhashi elimpofu nohlezi phezu kwalo , igama lakhe lalingukuFa , neHayidese lalandelana naye ; base benikwa amandla phezu kokwe sine komhlaba ukuba babulale ngenkemba , nangendlala, nangokufa, nangezilwane zomhlaba.

UHezekeli 5:12

Inxenye yesithathu yakho iyakufa ngesifo , baphele nangendlala phakath i kwakho; inxenye yesithathu iyakuwa ngenkemba nxazonke zakho , nenxenye yesithathu iyakuhlakazwa kuyo yonke imimoya , ngihoshe inkemba emva kwabo.

UHezekeli 6:11

Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Shaya ngesandla sakho , udubhuze ngonyawo lwakho, uthi: Maye, ngenxa yazo zonke izinengiso ezimbi zendlu yakwa-Israyeli! Ngokuba bayakuwa ngenkemba, nangendlala, nangesifo.

UJeremiya 14:12

Noma bezila ukudla, angiyikuzwa ukumemeza kw abo; noma benikela ngomnikelo wokushiswa nangowempuphu , angiyikuthokoza ngabo , kepha ngiyakubaqeda ngenkemba, nangendlala, nangesifo.

UJeremiya 14:15

Ngalokho usho kanje uJehova ngabaprofethi abaprofetha ngegama lami , ngingabathumanga, bathi: Akuyikubakho inkemba nendlala kuleli zwe , uthi: Ngenkemba nangendlala bayakuphela laba baprofethi.

UJeremiya 16:4

Bayakuba nokufa okwesabekayo, abayikulilelwa, abayikumbelwa; bayakuba ngumquba emhlabathini, baqedwe ngenkemba nangendlala , izidumbu zabo zibe ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasemhlabeni.

UJeremiya 21:9

Osala kulo muzi uyakufa ngenkemba , nangendlala, nangesifo, kepha ophumayo, aye kumaKaledi anivimbezelayo, uyakuphila, ukuphila kwakhe kube yimpango yakhe.

UJeremiya 27:13

Niyakufelani wena nabantu bakho ngenkemba , nangendlala, nangesifo, njengalokho uJehova ekhulumile ngesizwe esingayikuyikhonza inkosi yaseBabele, na?

UJeremiya 27:8

Kuyakuthi isizwe nombuso okungayikumkhonza ye na, uNebukadinesari, inkosi yaseBabele , kungabeki intamo yakho phansi kwejoka lenkosi yaseBabele, leso sizwe ngisijezise , usho uJehova , ngenkemba, nangendlala, nangesifo, ngize ngisiqede ngesandla sakhe.

UJeremiya 29:18

Ngiyakubalandela ngenkemba , nangendlala, nangesifo, ngibenze babe yingebhe emibusweni yonke yomhlaba , babe yisiqalekiso , nesimangaliso, nento encimfelwayo, nehlazo ezizweni zonke engibaxoshele kuzo,

UJeremiya 32:36

Ngalokho manje usho kanje uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli ngalo muzi enithi ngawo : U nikelwe esandleni senkosi yaseBabele ngenkemba , nangendlala, nangesifo, uthi:

UJeremiya 38:2

Usho kanje uJehova , uthi: Osele k ulo muzi uyakufa ngenkemba , nangendlala, nangesifo, kepha ophumela kumaKaledi uyakuphila , nokuphila kwakhe kuyakuba yimpango kuye, aphile.

UJeremiya 42:17

Kuyakuba njalo bonke abantu ababhekisa ubuso babo ukuya eGibithe ukuba bagogobale khona ; bayakufa ngenkemba , nangendlala, nangesifo, kungabikho kubo oyakusala , aphunyuke ebubini engiyakubehlisela phezu kwabo.

UJeremiya 42:22

Ngalokho yazini nokwazi ukuthi niyakufa ngenkemba , nangendlala, nangesifo endaweni enifisa ukuya kuyo ukuba nigogobale khona.

UJeremiya 44:12

Ngiyakuthatha insali yakwaJuda ebhekise ubuso bayo ukuba ingene ezweni laseGibithe ukuba igogobale khona , baphele bonke , bawe ez weni laseGibithe, baphele ngenkemba nangendlala , abakhulu nabancane bafe ngenkemba nangendlala , babe yisithuko , nesimangaliso, nesiqalekiso, nehlazo.

UJeremiya 44:13

Ngiyakubajezisa abahlala ezweni laseGibithe , njengalokho ngilijezisile iJerusalema, ngenkemba, nangendlala, nangesifo,

UJeremiya 44:18

Kepha selokhu sayeka ukushisela inkosikazi yezulu impepho nokuyithululela iminikelo yokuphuzwa , siswele konke , siqedwe ngenkemba nangendlala.

UJeremiya 44:27

Bheka, ngiyabalinda kube kubi , kungabi kuhle; bonke abantu bakwaJuda abasezweni laseGibithe bayakuphela ngenkemba nangendlala, baze baqedwe.

UJobe 30:3

Bondile ngokuswela nangendlala; baququda ugwadule oluyize, olwaluyilohle nakuqala.