Skip to Content

"nangokuba"

34 occurrences in ZUL

1 iziKronike 10:13

Wafa kanjalo -ke uSawule ngesiphambeko sakhe aphambuka ngaso kuJehova ngenxa yezwi likaJehova angaligcinanga nangokuba kade eyile ukubhula konedlozi ukuba abuze kuye,

1 kaJohane 2:21

Anginilobelanga ngokuba ningalazi iqiniso , kodwa ngokuba niyalazi nangokuba akukho manga avela eqinisweni.

1 uSamuweli 22:17

Inkosi yathi kuzo izigijimi ezazimi ngakuyo : Sondelani, nibulale abapristi bakaJehova, ngokuba nesandla sabo sinaye uDavide nangokuba bazi ukuthi uDavide wabaleka , bengakwambulelanga kimi . Kepha izinceku zenkosi azivumanga ukwelula isandla sazo ukuba zisukele abapristi bakaJehova.

2 AmaKhosi 19:28

Ngenxa yokubhovumula kwakho ngami , nangokuba ukuzidla kwakho kwenyukele ezindlebeni zami, ngiyakubeka ingwegwe yami emakhaleni akho netomu lami emlonyeni wakho, ngikubuyise ngendlela oweza ngayo.

2 iziKronike 5:13

nalapho abaphethe amacilongo nabahlabeleli bezwakalisa kanyekanye izwi linye lokudumisa nokubonga uJehova , nanxa bekhalisa amacilongo namasimbali nezinto zokubethwa , bedumisa uJehova ngokuba muhle nangokuba umusa wakhe umi phakade, khona indlu yagcwaliswa yifu , yona le ndlu kaJehova,

2 iziKronike 7:3

Lapho a bantwana bakwa -Israyeli bebona ukwehla komlilo , nenkazimulo kaJehova iphezu kwendlu , bakhothama phansi ngobuso phezu kwendawo egandaywe ngamatshe , bakhuleka, babonga uJehova , ngokuba muhle nangokuba umusa wakhe umi phakade.

2 uSamuweli 12:6

uyakulibuyisa ixhukazana, liphindwe kane, ngokuba enze lokho nangokuba wayengenasihawu.

AbAhluleli 6:30

Base bethi abantu bomuzi kuJowashi : Khipha indodana yakho ukuba ife , ngokuba ilibhidlizile i -altare likaBali nangokuba imgawul ile u -Ashera owayengakulo.

NgokukaJohane 2:25

nangokuba engaswele nobani amfakazele ngomuntu ; wayekwazi yena okuphakathi komuntu.

NgokukaLuka 19:11

Kuthe ukuba bakuzwe lokho , weleka walandisa umfanekiso , ngokuba ebeseduze neJerusalema nangokuba bebethi umbuso kaNkulunkulu uzakubonakala masinyane.

NgokukaMarku 4:6

Kwathi ukuba liphume ilanga , yahamuka; nangokuba ingenampande , yabuna.

NgokukaMathewu 13:6

Kodwa seliphumile ilanga, yahwamuka; nangokuba ingenampande, yabuna.

U-Eksodusi 17:7

Waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iMasa neMeriba ngenxa yokuphikisana k wabantwana bakwa-Israyeli, nangokuba bemlinga uJehova , bethi: Ukhona yini uJehova phakathi kwethu noma qha? Ukulwa no-Amaleki

U-Ezra 9:13

Ngasemva kwakho konke okufike phezu kwethu ngenxa yezenzo zethu ezimbi, nangecala lethu elikh ulu, nangokuba wena Nkulunkulu wethu awusijezisanga ngokufanele izono zethu , wasinika isigaba sabasindileyo njengalesi,

U-Isaya 37:29

Ngenxa yokubhovumula kwakho ngami , nangokuba ukuzidla kwakh o kwenyukele ezindlebeni zami, ngiyakufaka ingwegwe yami emakhaleni akh o netomu lami emlonyeni wakho, ngikubuyise ngendlela oweza ngayo.

U-Isaya 65:16

ukuze kuthi ozibusisa emhlaben i azibusise kuNkulunkulu weqiniso , nofunga emhlabeni , afunge uNkulunkulu weqiniso , ngokuba izinhlupheko zakuqala zikhohlakele nangokuba zisithele emehlweni ami. Izulu elisha nomhlaba omusha

UDuteronomi 23:4

ngokuba abanihlangabezanga ngesinkwa nangamanzi endleleni ekuphumeni kwenu eGibithe , nangokuba baqasha ukuba kumelane nawe uBileyamu indodana kaBeyori wasePethori laseMesopotamiya ukuba akuqalekise.

UDuteronomi 7:8

kepha ngokuba uJehova enithanda nangokuba ebeyakugcina isifungo asifungela oyihlo uJehova unikhiphile ngesandla esinamandla , wanihlenga endlini yezigqila esandleni sikaFaro inkosi yaseGibithe.

UDuteronomi 9:28

funa izwe owasikhipha kulo lithi : Lokhu uJehova wayengenamandla okubangenisa ezweni abathembise lona nangokuba waba zonda, ubakhiphile ukuba ababulale ehlane.

UDuteronomi 9:5

Akungokulunga kwakho noma ngobuqotho benhliziyo yakho ungena ulidle izwe lazo , kepha kungobubi balezo zizwe uJehova uNkulunkulu wakho azixosha phambi kwakho nangokuba eyakuliqinisa izwi uJehova alifunge la oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.

UGenesise 33:11

Mawusamukele isibusiso sami esilethwa kuwe , ngokuba uNkulunkulu ungenzele umusa nangokuba nginakho konke . Wamcindezela; wasamukela- ke.

UHezekeli 13:10

Ngokuba, yebo, ngokuba bedukisile abantu bami ngokuthi: Ngukuthula, kungekho ukuthula, nangokuba lapho kwakhiwa ugange, bheka, balunameka ngodaka olungavuthiwe,

UHezekeli 24:13

Ngokungcola kobufebe bakho nangokuba ngikuhlambululile ungahlanjululwanga kodwa awusayikuhlanjululwa ekungcoleni kwakho , ngize nganelise ukufutheka kwami kuwe.

UHezekeli 34:8

Kuphila kwami , isho iNkosi uJehova , impela ngenxa yokuba izimvu zami zaba yimpango , nangokuba izimvu zami zaba ngukudla kwazo zonke izilwane zasendle , lokhu umalusi engekho , nangokuba abelusi bami bengafunanga izimvu zami , abelusi bezibonelela bon a, bengazalusi izimvu zami,

UHezekeli 36:18

Ngase ngithulula ukufutheka kwami phezu kwabo ngenxa yegazi ababelichithe ezweni, nangokuba babelingcolisile ngezithombe zabo.

UHezekeli 39:28

Bayakwazi ukuthi nginguJehova uNk ulunkulu wabo ngokubathumba kwami phakathi kwezizwe , nangokuba ngababutha ezweni lakubo ; angisayikushiya muntu wabo khona;

UJeremiya 30:14

Zonke izithandwa zakho zikukhohliwe , azisakufuni, ngokuba ngikushayile ngokushaywa kwezitha, ngokulaywa kononya , ngenxa yobuningi bokona kwakho, nangokuba izono zakho zandile.

UJeremiya 30:15

Ukhalelani ngokulimala kwakh o ukuthi ubuhlungu bakho abunakuphulukiswa na? Ngenxa yobuningi bokona kwakho nangokuba izono zakho zandile ngenze lokho kuwe.

UJeremiya 44:23

Ngokuba niyishisile impepho nangokuba nonile kuJehova , ningalilalelanga izwi likaJehova , ningahambanga ngomthetho wakhe , nangezimiso zakhe , nangobufakazi bakhe, ngalokho le ngozi ihlangabezene nani njenganamuhla.

UJobe 31:25

uma ngithokozile , ngokuba imfuyo yami inkul u nangokuba isandla sami sithole okuningi;

UJoshuwa 10:2

besaba kakhulu , ngokuba iGibeyoni lalingumuzi omkhulu njengomunye wemizi yamakhosi nangokuba lalilikhulu kune -Ayi, onke amadoda alo engamaqhawe.

UJoshuwa 7:15

Kuyakuthi othathwayo enokuqalekisiweyo ashiswe ngomlilo , yena nakho konke anakho, ngokuba eqile isivumelwano sikaJehova nangokuba esebenzile ubuwula kwa-Israyeli.

ULevitikusi 26:43

Izwe liyakushiywa yibo , lithokoze ngamasabatha alo , lisahlezi lichithekile, lingenabo; bayakwamukela isijeziso sobubi b abo, ngokuba, yebo, ngokuba balahla izahlulelo zami nangokuba umphefumulo wabo wanengwa yizimiso zami.

URuthe 2:13

Wathi: Mangifumane umusa emehlweni akho, nkosi, ngokuba ungiduduzile nangokuba ukhulume kahle kuyo incekukazi yakho , noma ngingenjengenye yezincekukazi zakho.