"nangokufutheka"
11 occurrences in ZUL
Khona uNebukadinesari wayaleza ngolaka nangokufutheka ukuba kulethwe oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego. Base beletha lawo madoda phambi kwenkosi.
uJehova wabasiphula ezweni lakubo ngolaka nangokufutheka nangentukuthelo enkulu, wabaphonsa kwelinye izwe njenganamuhla.
Kuphila kwami , isho iNkosi uJehova , impela ngesandla esinamandla , nangengalo eyeluliweyo, nangokufutheka okuthululiweyo ngiyakuba yinkosi phezu kwenu.
Ngiyakunikhipha phakathi kwabantu , nginibuthe emazweni lapho nihlakazekele khona ngesandla esinamandla , nangengalo eyeluliweyo , nangokufutheka okuthululiweyo,
Njengokuqoqwa kwesiliva nethusi nensimbi nomthofu nethini phakathi kwesithando ukuba kufuthwe umlilo phezu kwakho ukukuncibilikisa, kanjalo ngiyakunibutha ngentukuthelo yami nangokufutheka kwami , nginibeke khona, nginincibilikise.
ngalokho profetha ngezwe lakwa -Israyeli, uthi kuzo izintaba nakuwo amagquma, kuyo imifula nakuzo izigodi : Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Bhekani, ngikhulume ngomhawu wami nangokufutheka kwami , ngokuba nithwele ihlazo labezizwe.
Kuyakuba yihlazo , nesaga, nesifundiso, nesimangaliso kuzo izizwe ezikuhaqayo, lapho ngenza izahlulelo phakathi kwakho ngentukuthelo nangokufutheka nangezijeziso ezifuthayo. Mina Jehova ngikhulumile.
Mina ngiyakulwa nani ngesandla eseluliweyo, nangengalo enamandla , nangentukuthelo, nangokufutheka, nangolaka olukhulu.
Bheka, ngiyakubabutha emazweni onke lapho ngibaxoshele khona ngentukuthelo yam i, nangokufutheka kwami , nangolaka olukhulu , ngibabuyisele kule ndawo, ngibenze ukuba bahlale belondekile,
Bafika ukulwa namaKaledi, bazigcwalisa ngezidumbu zabantu engibabulele ngentukuthelo yami nangokufutheka kwami, nengifihlele lo muzi ubuso bami ngenxa yabo bonke ububi babo.
Ngolaka lwalo nangokufutheka kwalo liyagwinya umhlabathi ; alimi ngokukhala kwecilongo.