Skip to Content

"nangokulunga"

9 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 3:6

USolomoni wathi : Wenzele inceku yakho uDavide ubaba umusa omkhulu njengokuhamba kwakhe phambi kwakho ngeqiniso , nangokulunga, nangobuqotho benhliziyo kuwe , wamgcinela futhi lowo musa omkhulu , wamnika indodana ukuba ihlale esihlalweni sakhe sobukhosi , njengokuba kunjalo namuhla.

1 kwabaseThesalonika 2:10

Nina ningofakazi , naye uNkulunkulu, bokuthi sahlala kanjani phakathi kwenu nina enikholwayo ngobungcwele, nangokulunga, nangokungasoleki,

KuThithu 2:12

uyasifundisa ukuba sidele ukungakholwa nezinkanuko zezwe , sihambe ngokuqonda, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulesi sikhathi samanje,

NgokukaJohane 16:8

Lapho esefikile yena , uyakuqondisa izwe ngesono , nangokulunga, nangokwahlulela:

NgokukaLuka 1:75

ngobungcwele nangokulunga phambi kwayo zonke izinsuku zethu.

U-Isaya 33:5

UJehova uphakeme , ngokuba uhlala phezulu ; uligcwalisile iSiyoni ngokwahlulela nangokulunga.

U-Isaya 9:7

Umbuso uyakuba mkhulu , ukuthula kungabi nakuphel a esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe , ukuze u qiniswe, usekelwe ngokwahlulela nangokulunga , kusukela manje kuze kube phakade . Ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakwenza lokhu. Intukuthelo kaNkulunkulu ngaku-Israyeli

UJeremiya 4:2

Uyakufunga ngeqiniso, nangokwahlulela, nangokulunga, ngokuthi: Kuphila kukaJehova, izizwe ziyakuzibusisa kuye, zizibonge kuye.

UZakariya 8:8

ngibahambise, bakhe phakathi kweJerusalema , babe ngabantu bami , mina ngibe nguNkulunkulu wabo ngeqiniso nangokulunga.