Skip to Content

"nanye"

66 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 14:21

URehobowamu indodana kaSolomoni wabusa kwaJuda . URehobowamu wayeneminyaka engamashumi amane nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa , wabusa iminyaka eyishumi nesikhombisa eJerusalema , umuzi awukhethileyo uJehova ezizweni zonke zakwa-Israyeli ukuba abeke khona igama lakhe ; igama likanina lalinguNahama wabakwa-Amoni.

1 AmaKhosi 15:10

Wabusa iminyaka engamashumi amane nanye eJerusalema ; igama likanina lalinguMahakha indodakazi ka-Abisalomu.

1 AmaKhosi 16:23

Ngomnyaka wamashumi amathathu nanye ka-Asa inkosi yakwaJuda u-Omri waba yinkosi phezu kuka -Israyeli, wabusa iminyaka eyishumi nambili ; wabusa iminyaka eyisithupha eTirisa.

1 AmaKhosi 6:38

Ngomnyaka weshumi nanye ngenyanga kaBuli eyinyanga yesishiyagalombili indlu yaqedwa kukho konke okwayo ngayo yonke imithetho yayo. Wayelokhu akha iminyaka eyisikhombisa.

1 iziKronike 12:13

noJeremiya oweshumi, noMakibanayi oweshumi nanye.

1 iziKronike 24:12

neyeshumi nanye u-Eliyashibi, neyeshumi nambili uJakimi,

1 iziKronike 24:17

neyamashumi amabili nanye uJakini , neyamashumi amabili nambili uGamuli,

1 iziKronike 25:18

eyeshumi nanye u -Azareli, namadodana akhe nabafowabo , beyishumi nambili;

1 iziKronike 25:28

eyamashumi amabili nanye uHothiri , namadodana akhe nabafowabo , beyishumi nambili;

1 iziKronike 27:14

Eyeshumi nanye ngenyanga yeshumi nanye kwakunguBenaya umPirathoni wabantwana bakwa-Efrayimi; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.

2 AmaKhosi 14:23

Ngomnyaka weshumi nanhlanu ka -Amasiya indodana kaJowashi , inkosi yakwaJuda, uJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, waba yinkosi eSamariya, wabusa iminyaka engamashumi amane nanye.

2 AmaKhosi 22:1

UJosiya wayeneminyaka eyisishiyagalombili ekuqaleni kwakhe ukubusa , wabusa iminyaka en gamashumi amathathu nanye eJerusalema; igama likanina lalinguJedida indodakazi ka-Adaya waseBosikati.

2 AmaKhosi 23:36

UJehoyakimi wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa , wabusa iminyak a eyishumi nanye eJerusalema ; igama likanina lalinguZebida, indodakazi kaPhedaya waseRuma.

2 AmaKhosi 24:18

USedekiya wayeneminyaka engamashumi amabili nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema ; igama likanina lalinguHamithali, indodakazi kaJeremiya waseLibina.

2 AmaKhosi 25:2

Wawusuvinjezelwa umuzi kwaze kwaba ngumny aka weshumi nanye wenkosi uSedekiya.

2 AmaKhosi 9:29

Ngomnyaka weshumi nanye kaJoramu indodana ka-Ahabi u-Ahaziya waba yinkosi kwaJuda.

2 iziKronike 12:13

Inkosi uRehobowamu yayisiziqinisa -ke eJerusalema yabusa , ngokuba uRehobowamu wayeneminyaka engamashumi amane nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa ; wabusa iminyaka eyishumi nesikhombisa eJerusalema , umuzi uJehova awukhethileyo ezizweni zonke zakwa -Israyeli ukuba abeke khona igama lakhe; igama likanina lalinguNahama umAmonikazi.

2 iziKronike 16:13

U-Asa wayesela la koyise , wafa ngomnyaka wamashumi amane nanye wokubusa kwakhe.

2 iziKronike 34:1

UJosiya wayeneminyaka eyisishiyagalombili ekuqaleni kwak he ukubusa , wabusa iminyaka engamashumi amathathu nanye eJerusalema.

2 iziKronike 36:11

USedekiya wayeneminyaka engamashumi amabili nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema.

2 iziKronike 36:5

UJehoyakimi wayeneminyaka engamashumi amabi li nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa , wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema ; wenza okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakhe.

IsAmbulo 21:20

esesihlanu yisaridonikisi, esesithupha yisardiyu, esesikhombisa yikrisolithe, esesishiyagalombili yibherile , esesishiyagalolunye yitopazi , eseshumi yikrisoprasi, eseshumi nanye yihiyakinte, eseshumi nambili yi-amethiste.

IsAmbulo 9:4

Kwathiwa kuso masingoni utshani bomhlaba , nanye into e luhlaza, nowodwa umuthi, kuphela labo bantu abangenalo uphawu lukaNkulunkulu emabunzini abo.

IzEnzo 1:26

Base bebenzela inkatho; yadla uMathiya ; wabalwa kanye nabaphostoli abayishumi nanye.

IzEnzo 2:14

Wayesesukuma uPetru nabayishumi nanye , waphakamisa izwi lakhe, waphumisela wathi kubo : Madoda akwaJuda nani nonke enakhileyo eJerusalema, makwazeke lokhu kini, nibeke indlebe emazwini ami.

NgokukaLuka 24:33

Base besuka ngasona leso sikhathi , baphindela eJerusalema , bafumana abayishumi nanye nababe nabo behlangene ndawonye,

NgokukaLuka 24:9

Base bebuya ethuneni , babika konke lokho kwabayishumi nanye nakubo bonke abanye.

NgokukaMarku 16:14

Ngasemuva wabonakala kwabayishumi nanye behlezi ekudleni , wabasola ngokungakholwa kwabo nangobulukhuni benhliziyo yabo , ngokuba bengakholwanga yilabo abambonileyo esevukile.

NgokukaMathewu 20:6

Esephuma ngehora leshumi nanye wafumana abanye bemi , wathi kubo : Nimeleni lapha usuku lonke ningenzi lutho na?

NgokukaMathewu 20:9

Kuthe befika abehora leshumi nanye , kwaba yilowo nalowo wamukela udenariyu.

NgokukaMathewu 28:16

Kepha abafundi abayishumi nanye baya eGalile kuleyo ntaba uJesu ayebayalele yona;

U-Eksodusi 12:18

Ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nane ngakusihlwa niyakudla isinkwa esingenamvubelo , kuze kufike usuku lwamashumi amabili nanye lwenyanga ngakusihlwa.

U-Eksodusi 26:7

Wenze izilenge ngoboya bezimbuzi , zibe yitende phezu kwetabernakele , uzenze zibe yizilenge eziyishumi nanye.

U-Eksodusi 26:8

Ubude bezi lenge bube yizingalo ezingamashumi amathathu , ububanzi bezilenge bube yizingalo ezine, lezi zilenge eziyishumi nanye zilingane.

U-Eksodusi 36:14

Wazenza izilenge ngoboya bezimbuzi, zibe yitende phezu kwetabernakele ; wazenza izilenge eziyishumi nanye.

U-Eksodusi 36:15

Ubude besilenge babuyizingalo ezingamashumi amathathu , nobubanzi bezilenge babuyizingalo ezine ; izilenge eziyishumi nanye zazinesilinganiso sinye.

U-Ezra 2:26

abantwana baseRama naseGeba : ngamakhulu ayisithupha namashumi amabili nanye;

U-Ezra 2:69

zanikelela isikhwama somsebenzi njengokwamandla azo amadarike ayizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nanye egolide , namamane ayizinkulungwane eziyisihlanu esiliva, nezambatho zabapristi eziyikhulu.

UDaniyeli 10:13

Kepha isikhulu sasembusweni wasePheresiya samelana nam i izinsuku ezingamashumi amabili nanye , kepha bheka, uMikayeli, omunye wezikhulu zokuqala, weza ukungisiza, noma kade ngishiyiwe ngedwa khona namakhosi asePheresiya.

UDuteronomi 1:2

kuyizinsuku eziyishumi nanye ukusuka eHorebe ngendlela yasentabeni yaseSeyiri ukuya eKadeshi Barineya.

UDuteronomi 1:3

Kwathi ngomnyaka wamashumi amane ngenyanga yeshumi nanye ngolokuqala lwenyanga uMose wakhuluma kubantwana bakwa -Israyeli njengakho konke uJehova amyale ngakho ukuba akukhulume kubo,

UGenesise 32:22

Wavuka ebusuku, wathatha omkakhe ababili, nezincekukazi zakhe ezimbili, nabantwana bakhe abayishumi nanye, wawela ezibukweni elithiwa iJaboki.

UGenesise 37:9

Waphupha nelinye iphupho, wabalandisa lona abafowabo , wathi: Bhekani, ngiphuphe nelinye iphupho ; bhekani-ke ilanga nenyanga nezinkanyezi eziyishumi nanye kwangikhothamela.

UGenesise 8:13

Kwathi ngomnyaka wamakhulu ayisithupha nanye ngenyanga yokuqala ngolokuqala lwenyanga amanzi abeseshile emh labeni; uNowa wasusa uphahla lomkhumbi, wabona, bheka, ubuso bomhlaba base bomile.

UHagayi 2:1

Ngenyanga yesikhombisa ngolwamashumi amabili nanye lweny anga izwi likaJehova lafika ngesandla sikaHagayi umprofethi, lathi:

UHezekeli 26:1

Kwathi ngomnyaka weshumi nanye ngolo kuqala lwenyanga izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

UHezekeli 30:20

Kwathi ngomnyaka weshumi nanye ngenyanga yokuqala ngolwesikhombisa lwenyanga lafika kimi izwi likaJehova, lathi:

UHezekeli 31:1

Kwathi ngomnyaka weshumi nanye ngenyanga yesithathu ngolokuqala lwenyanga lafika kimi izwi likaJehova, lathi:

UHezekeli 40:49

Ubude bompheme babuyizingalo ezingamashumi amabili , nobubanzi buyizingalo eziyishumi nanye ngasezinyathelweni okwakukhushukelwa ngazo kulo; kwakukhona nezibonda ngasezinsikeni, esinye ngalapha nesinye ngalapha.

UJeremiya 1:3

lafika futhi ezinsukwini zikaJehoyakimi indodana kaJosiya , inkosi yakwaJuda, kuze kube sekupheleni komnyaka weshumi nanye kaSedekiya indodana kaJosiya , inkosi yakwaJuda , kuze kube sekuthunjweni kweJerusalema ngenyanga yesihlanu.

UJeremiya 39:2

ngomnyaka weshumi nanye kaSedekiya ngenyanga yesine ngolwesishiyagalolunye lwenyanga umuzi wafohlwa

UJeremiya 52:1

USedekiya wayeneminyaka engamashumi amabili nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema ; igama likanina lalinguHamuthali indodakazi kaJeremiya waseLibina.

UJeremiya 52:5

Wawusuvinjezelwa umuzi kwaze kwaba ngumnyaka weshumi nanye wenkosi uSedekiya.

UJoshuwa 12:24

inkosi yaseTirisa: inye; onke amakhosi ayengamashumi amathathu nanye.

UJoshuwa 15:51

neGosheni, neHoloni, neGilo, imizi iyishumi nanye nemizana yayo.

UNehemiya 7:30

amadoda aseRama naseGeba: ngamakhulu ayisithupha namashumi amabili nanye;

UNehemiya 7:37

abantwana baseLodi , naseHadidi, nase-Ono: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amabili nanye;

UNumeri 1:41

labo ababalwayo kubo , abesizwe sakwa-Asheri, babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanye namakhulu ayisihlanu.

UNumeri 26:51

Yilabo ababalwayo babantwana bakwa -Israyeli, izinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nanye namakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu.

UNumeri 29:20

Ngosuku lwesithathu : izinkunzi eziyishumi nanye , nezinqama ezimbili , nezimvu zamaduna eziyishumi nane ezinomnyaka munye ezingenasici,

UNumeri 2:16

Bonke ababalwayo bekamu lakwaRubeni babe yizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisihlanu nanye namakhulu amane namashumi ayisihlanu ngamabandla abo. Labo bayakusuka babe ngabesibili.

UNumeri 2:28

Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanye namakhulu ayisihlanu.

UNumeri 31:34

nezimbongolo eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nanye,

UNumeri 31:39

Izimbongolo zaziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu namakhulu ayisihlanu, intela kaJehova kuzo ingamashumi ayisithupha nanye.

UNumeri 7:72

Ngosuku lweshumi nanye nguPa giyeli indodana ka -Okirani, isikhulu sabantwana bakwa-Asheri.

UZakariya 1:7

Ngosuku lwamashumi amabili nane lwenyanga yeshumi nanye eyinyanga kaShebati ngomny aka wesibili kaDariyu izwi likaJehova lafika kuZakariya indodana kaBerekiya ka-Ido, umprofethi, lathi: