Skip to Content

"nceku"

34 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 18:12

Kuyakuthi sengisukile kuwe , uMoya kaJehova akuyise lapho ngingazi khona, nanxa sengifika ukuba ngimtshele u -Ahabi, yena angakufumani , uyakungibulala; kepha mina nceku yakho ngiyamesaba uJehova kwasebusheni bami.

1 AmaKhosi 1:26

Kodwa mina , mina nceku yakho , noSadoki umpristi , noBenaya indodana kaJehoyada, nenceku yakho uSolomoni, kasimemanga.

1 iziKronike 17:23

Manje, Jehova, izwi olikhulumile nge nceku yakho nangendlu yayo kuze kube phakade maliqiniswe, wenze njengokukhuluma kwakho.

1 uSamuweli 25:8

Buza izinsizwa zakho , ziyakukutshela; ngalokho izinsizwa mazithole umusa emehlweni akho, ngokuba sifikile ngosuku oluhle ; ake unike izi nceku zakho nendodana yakho uDavide okungafunyanwa esandleni sakho.

2 AmaKhosi 6:17

U-Elisha wakhuleka , wathi: Jehova, ake uvule amehlo ayo ukuba ibone . UJehova wavula-ke amehlo aleyo nceku , yabona; bheka, intaba yayigcwele amahhashi nezinqola zomlilo nxazonke zakhe u-Elisha.

2 uSamuweli 13:18

Wayenengubo enemibala , ngokuba amadodakazi enkosi ayeyizintombi ayegqoka izingubo ezinjalo . Leyo nceku yayisimkhiphela phandle , yahluthulela emnyango emva kwakhe.

2 uSamuweli 9:6

UMefibosheti indodana kaJonathani kaSawule wafika kuDavide , wawa ngobuso, wakhuleka. UDavide wathi : Mefibosheti. Wathi: Nansi i nceku yakho.

NgokukaLuka 12:43

Ibusisiwe leyo nceku okuyakuthi inkosi yayo , nxa ifika , iyifumane yenze njalo.

NgokukaLuka 12:45

Kepha uma leyo nceku ithi enhliziyweni yayo : Inkosi yami ilibele ukufika , iqale ukushaya abafana namantombazana, idle, iphuze, idakwe,

NgokukaLuka 12:46

inkosi yaleyo nceku iyakufika ngosuku engayibhekile ngalo nangomzuzu engawaziyo, iyinqumanqume, iyabele nabangakholekile.

NgokukaLuka 12:47

Njalo-ke leyo nceku ebiyazi intando yenkosi yayo ingalungiselanga , ingenzanga ngokwentando yayo, iyakushaywa imivimbo eminingi;

NgokukaLuka 16:13

Akukho nceku engakhonza amakhosi amabili , ngokuba kokunye iyakuzonda enye , ithande enye , noma ibambelele kwenye , iyeyise enye . Ningeze nakhonza uNkulunkulu noMamona.

NgokukaLuka 19:17

Wathi kuyo : Kuhle-ke, nceku enhle ; lokhu ufunyanwe uthembekile kokuncinyane, uzakubusa phezu kwemizi eyishumi.

NgokukaLuka 19:22

Wathi kuyo : Ngizakukwahlulela ngomlomo wakho wena nceku embi . Ubuwazi u kuba ngingumumtu olukhuni , ngithabatha engingakubekanga , ngivuna engingakuhlwanyelanga;

NgokukaMathewu 18:27

Inkosi yaleyo nceku inesihe yayikhulula, yayithethelela icala.

NgokukaMathewu 18:28

Kepha kwathi isiphuma leyo nceku , yafumana enye yezinceku ezikanye nayo enecala kuyo lawodenariyu abayikhulu , yayibamba, yayiklinya, yathi: Khokha icala lakho.

NgokukaMathewu 18:32

Khona inkosi yayo yayibiza , yathi kuyo : Nceku embi , lonke lelo cala ngikuthethelele lona ngokuba wangincenga;

NgokukaMathewu 24:46

Ibusisiwe leyo nceku, okuyakuthi kufika inkosi yayo, iyifumane yenze njalo.

NgokukaMathewu 24:48

Kodwa uma leyo nceku embi ithi enhliziyweni yayo: Inkosi yami ilibele,

NgokukaMathewu 24:50

inkosi yaleyo nceku iyakufika ngosuku engayibhekile ngalo nangeho ra engalaziyo,

NgokukaMathewu 25:21

Inkosi yakhe yathi kuye: Kuhle, nceku enhle nethembekileyo, uthembekile ezintweni eziyingcosana ; ngizakukubeka phezu kokuningi ; ngena ekuthokozeni kwenkosi yakho.

NgokukaMathewu 25:23

Inkosi yakhe yathi kuye: Kuhle, nceku enhle nethembekileyo, uthembekile ezintweni eziyingcosana ; ngizakukubeka phezu kokuningi ; ngena ekuthokozeni kwenkosi yakho.

NgokukaMathewu 25:26

Kepha inkosi yakhe yaphendula , yathi kuye : Nceku embi nevilaphayo , ubukwazi ukuthi ngivuna lapha ngingahlwanyelanga khona , ngibutha lapha ngingafazanga khona, na?

NgokukaMathewu 25:30

Leyo nceku engasiziyo yiphonseni ebumnyameni obungaphandle ; lapho kuyakuba khona ukukhala ngokugedla amazinyo. Ukwahlulela kweNdodana yomuntu

U-Eksodusi 33:11

UJehova wakhuluma kuMose ubuso nobuso , njengalokhu umuntu ekhuluma nomhlobo wakhe . Wabuyela ekamu , kepha i nceku yakhe uJoshuwa indodana kaNuni, insizwa, ayiphumanga etendeni. UMose ucela ukubona inkazimulo kaJehova

U-Isaya 41:8

Kepha wena Israyeli, nceku yami, wena Jakobe engikukhethileyo, nzalo ka- Abrahama othandiweyo wami,

U-Isaya 44:1

Kepha yizwa manje, Jakobe, nceku yami, wena Israyeli engikukhethileyo.

U-Isaya 44:2

Usho kanje uJehova owakudalayo , wakubumba kwasesiwini, oyakukusiza, uthi: Ungesabi, Jakobe, nceku yami, wena Jeshuruni engikukhethileyo.

UDaniyeli 6:20

Kwathi isisondele emphandwini k uDaniyeli, yamemeza ngezwi elikhalayo ; inkosi yakhuluma , yathi kuDaniyeli : Daniyeli, wena nceku kaNkulunkulu ophilayo, uNkulunkulu wakho omkhonza njalo angakukhulula kuzo izingonyama na?

UGenesise 39:17

Wakhuluma kuyo wona lawa mazwi , wathi: Le nceku engumHeberu , osilethele yona, ize kimi ukuba idlale ngami;

UHagayi 2:23

Ngalolo suku , usho uJehova Sebawoti , ngiyakukuthatha, Zerubabele, nceku yami, ndodana kaSheyalitiyeli, usho uJehova, ngikwenze indandatho, ngokuba ngikukhethile, usho uJehova Sebawoti.

UJeremiya 30:10

Ungesabi wena Jakobe , nceku yami , usho uJehova , U ngapheli amandla, Israyeli, ngokuba bheka , ngiyakukusindisa usekude , nenzalo yakho ezweni lokuthunjwa kwayo; uJakobe uyakubuya, aphumule, agcineke, angesatshiswa muntu.

UJeremiya 46:27

Kepha unges abi wena Jakobe , nceku yami, ungapheli amandla , Israyeli, ngokuba bheka , ngiyakukusindisa usekude , nenzalo yakho ezweni lokuthunjwa kwayo; uJakobe uyakubuya, aphumule, agcineke, angesatshiswa muntu.

UJeremiya 46:28

Ungesabi wena Jakobe , nceku yami , usho uJehova , ngokuba nginawe , ngokuba ngiyakuqeda ngokupheleley o zonke izizwe engikuxoshele kuzo , kepha wena angiyikukuqeda ; kodwa ngiyakukulaya ngokwahlulela , ngingakwenzi ube ngongenacala.