Skip to Content

"negazi"

28 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 21:19

Uyakukhuluma kuye ngokuthi: Usho kanje uJehova, uthi: Usubulele, wadla isizi na ? Bese wukhuluma kuye ngokuthi : U sho kanje uJehova , uthi: Endaweni lapho izinja zaxhapha khona igazi likaNa boti, izinja ziyakuxhapha negazi lakho, yebo, elakho.

1 kaJohane 1:7

kepha uma sihamba ekukhanyeni , njengalokhu yena uqobo esekukhanyeni, khona sinenhlanganyelo omunye nomunye , negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke.

1 kaJohane 5:8

uMoya, namanzi, negazi; labo abathathu bavumelana entweni inye.

1 kwabaseKorinte 11:27

Ngakho-ke lowo odla lesi sinkwa , aphuze lesi sitsha seNkosi ngokungafanele, unecala lomzimba negazi leNkosi.

1 kwabaseKorinte 15:50

Kepha ngisho lokhu , bazalwane, ukuthi inyama negazi akunakulidla ifa elingumbuso kaNkulunkulu; nokubola akulidli ifa elingukungaboli.

1 uSamuweli 14:32

Abantu batheleka empangweni , bathatha izimvu , nezinkabi, namankonyane, bakubulalela phansi; abantu bakudla kanye negazi.

2 AmaKhosi 9:26

lokuthi: Impela ngibone izolo igazi likaNaboti negazi lamadodana akhe , usho uJehova; ngiyakukuphindisela kulesi siqephu, usho uJehova. Ngalokho mthathe, umntshinge kulesi siqephu njengezwi likaJehova.

2 AmaKhosi 9:7

Uyakuchitha indlu ka -Ahabi inkosi yakho ukuba ngiphindisele igazi lezinceku zami abaprofethi negazi lezinceku zonke zikaJehova esandleni sika- Izebeli.

2 iziKronike 19:10

Yonke imibango efika kini ivela kubafowenu abahlala emizini yabo phakathi kwegazi negazi, noma phakathi komthetho nomyalo, noma phakathi kwezimiso nezahlulelo , niyakubaxwayisa ngayo ukuba bangabi nacala kuJehova, nehlelwe yintukuthelo nina nabafowenu; yenzani njalo, aniyikuba nacala.

AbAhluleli 9:24

ukuba ubudlo va obenziwe kuwo amadodana angamashumi ayisikhombisa kaJerubali bufike , negazi labo libekwe phezu kuka -Abimeleki umfowabo owababulala, naphezu kwabaseShekemi abaqinisa izandla zakhe ukuba abulale abafowabo.

IsAmbulo 17:6

Ngase ngibona owesifazane edakiwe yigazi labangcwele negazi lawofakazi bakaJesu. Kuthe lapho ngimbona, ngamangala ngokumangala okukhulu. Ingelosi iyawuchasisela umbono wesifebe nowesilo

IsAmbulo 8:7

Eyokuqala yayisibetha; kwase kuba khona isichotho nomlilo kuxutshaniswe negazi, kwaphonswa emhlabeni ; okwesithathu komhlaba kwasha kwaqothuka, nokwesithathu kwemithi kwasha kwaqothuka , nabo bonke utshani obuluhlaza basha baqothuka.

IzEnzo 15:29

zokuthi niyeke okuhlatshelwe i zithombe, negazi, nokuqumbeleneyo, nobufebe; uma nizilinda kulezo zinto, noba nenza kahle. Salani kahle.

IzEnzo 21:25

Kepha maqondana nabezizwe abakholwayo sesilobile sanquma ngokuthi mabazilonde kokuhlatshelwe izithombe , negazi, nokuqumbeleneyo, nobufebe.

Kwabase-Efesu 6:12

ngokuba asibambene negazi nen yama, kodwa sibambene nemibuso , namandla, nababusi bezwe balobu bumnyama , nabawomoya bobubi emkhathini.

KwabaseGalathiya 1:16

ukuba ayambule i Ndodana yakhe kimi , ukuze ngiyishumayele phakathi kwabezizwe, khona lapho angibuzananga nenyama negazi,

NgokukaJohane 6:55

Ngokuba inyama yami ingukudla isibili, negazi lami lingukuphuza isibili.

NgokukaMathewu 16:17

UJesu waphendula, wathi kuye: Ubusisiwe wena Simoni kaJona, ngokuba inyama negazi akukwambulelanga lokhu kodwa uBaba osezulwini.

U-Isaya 1:11

Iyini kimi imihlatshelo yenu eminingi na ? usho uJehova ; ngisuthile ngeminikelo yokushiswa yezinqama nangeyamanoni amathole akhuluphalisiweyo; negazi lezinkunzi nelamawundlu nelezimpong o angithokozi ngalo.

U-Isaya 63:3

Isikhamo sewayini ngisinyathele ngingedwa; kwakungekho nami noyedwa kubantu; ngabanyathela ngentukuthelo yami , ngabaciphiza ngokufutheka kwami, negazi labo lasaphazeka ezingutsheni zami , ngazingcolisa zonke izambatho zami.

UDuteronomi 12:27

unikele ngeminikelo yakho yokushiswa, inyama negazi, e-altare likaJehova uNkulunkulu wakho, igazi lemihlatshelo yakho lithululwe phe zu kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wakho, wena uyidle inyama.

UDuteronomi 17:8

Uma kuvela indaba ekwahlulayo , ekwahluleleni phakathi kwegazi negazi , naphakathi kwecala necala , naphakathi kokushaya nokushaya , kuyizindaba zokuphikisana phakathi kwamasango akho , wosuka, uye endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha,

UHezekeli 23:37

Ngokuba baphingile, negazi lisezandleni zabo; baphingile nezithombe zabo, badabulise emlilweni amadodana abo abangizalela wona , abe ngukudla kwazo.

UHezekeli 23:45

Abantu abalungileyo bayakubahlulela ngokwahlulelwa kweziphingikazi nangokwahlulelwa kwabesifazane abachitha igazi, ngokuba bayiziphingikazi, negazi lisezandleni zabo.

UHezekeli 28:23

Ngiyakuthuma kulo isifo negazi ezitaladini zalo ; abagwaziweyo bayakuwa phakathi kwal o ngenkemba ephezu kwalo nxazonke , bazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 5:17

ngithumele kini indlala nezilwane ezimbi, zikwaphuce abantwana, kudlule phezu kwakho isifo negazi , ngehlisele inkemba phezu kwakho . Mina Jehova ngikhulumile.

ULevitikusi 8:30

UMose wayesethatha amafutha okugcoba , negazi elalise -altare, wafafaza ngalo u-Aroni nezambatho zakhe, namadodana akhe kanye naye, nezambatho zamadodana akhe , wangcwelisa u -Aroni nezambatho zakhe , namadodana akhe kanye naye, nezambatho zamadodana akhe.

UNumeri 19:5

isithole sishiswe phambi kwakhe , isikhumba saso , nenyama yaso , negazi laso, kanye nomswani waso kushiswe;