Skip to Content

"nehlazo"

18 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 20:30

Intukuthelo kaSawule yayisimvuthela uJonathani , wathi kuye : Wena ndodana yowesifazane owonakeleyo nohlubukileyo , angazi yini ukuthi ukhethile indoda na kaJese kube yihlazo lakho nehlazo lobunqunu bukanyoko, na?

2 uSamuweli 13:13

Mina-ke ngingayaphi nehlazo lami na ? Nawe uyakuba njengomunye weziwula zakwa -Israyeli. Ngalokho ake ukhulume nenkosi , ngokuba ayiyikunginqabela nawe.

IzAga 11:2

Lapho kufika ukuziqhenya , kufika nehlazo ; kepha k wabathobekileyo kukhona ukuhlakanipha.

IzAga 13:18

Ubumpofu nehlazo kukuye onqaba ukulaywa , kepha onaka ukusolwa uyadunyiswa.

IzAga 18:13

Obuyisa izwi engakezwa, kungubuwula nehlazo kuye.

IzAga 18:3

Lapho kufika omubi, kufika nokudelela; kanye nehlazo kukhona inhlamba.

IzAga 22:10

Xosha isideleli, besekuphuma ukuxabana, kuphele ukuphikisana nehlazo.

IzAga 6:33

Uyakuthola imivimbo nehlazo, nenhlamba yakhe ayiyikwesulwa.

Kwabase-Efesu 5:4

nehlazo, nokubheda, nokulawula, okuyizinto ezingafanele, kepha kunalokho makube ngukubonga.

U-Isaya 30:5

bonke bayakuba namahloni ngabantu abangenakubasiza , abangenansizakalo nanzuzo, kepha bengamahloni nehlazo kuphela.

UGenesise 38:23

Wathi uJuda: Masizithathele sona, funa sibe nehlazo ; bheka, ngithume leli zinyane, kepha awusifumananga.

UHezekeli 5:14

Ngiyakukwenza ube yincithakalo nehlazo phakathi kwezizwe ezikuhaqayo emehlweni abo bonke abadlulayo.

UJeremiya 20:11

Kepha uJehova unami njengeqhawe elesabisayo; ngalokho abangizingelayo bayakukhubeka, bangangahluli; bayakuba namahloni kakhulu , ngokuba abenzanga ngokuhlakanipha, nehlazo labo eliphakade aliyikukhohlakala.

UJeremiya 29:18

Ngiyakubalandela ngenkemba , nangendlala, nangesifo, ngibenze babe yingebhe emibusweni yonke yomhlaba , babe yisiqalekiso , nesimangaliso, nento encimfelwayo, nehlazo ezizweni zonke engibaxoshele kuzo,

UJeremiya 42:18

Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Njengalokhu intukuthelo yami nokufutheka kwami kuthululelwe phezu kwabakhileyo eJerusalema , kanjalo ukufutheka kwami kuyakuthululelwa phezu kwenu , nxa nin gena eGibithe , nibe yisithuko , nesimangaliso nesiqalekiso, nehlazo, ningabe nisayibona le ndawo.

UJeremiya 44:12

Ngiyakuthatha insali yakwaJuda ebhekise ubuso bayo ukuba ingene ezweni laseGibithe ukuba igogobale khona , baphele bonke , bawe ez weni laseGibithe, baphele ngenkemba nangendlala , abakhulu nabancane bafe ngenkemba nangendlala , babe yisithuko , nesimangaliso, nesiqalekiso, nehlazo.

UJeremiya 44:8

ngokungicunula ngemisebenzi yezandla zenu, nishisela abanye onkulunkulu impepho ezweni laseGibithe , lapho niyile khona ukugogobala , ukuba ninqunywe, nibe yisiqalekiso nehlazo phakathi kwezizwe zonke zomhlaba , na?

UJeremiya 49:13

Ngokuba ngizifungile, usho uJehova, ukuthi iBosira liyakuba yisimangaliso, nehlazo, nencithakalo, nesiqalekiso, yonke imizi yalo ibe yizincithakalo eziphakade.