Skip to Content

"nejerusalema"

34 occurrences in ZUL

1 iziKronike 6:15

kepha uJehosadaki wamuka lapho uJehova ethumba uJuda neJerusalema ngesandla sikaNebukadinesari.

2 iziKronike 20:17

Akusikho okwenu ukulwa kule mpi ; zihleleni, nime, nibone ukunisindisa kukaJehova, nina Juda neJerusalema ; ningesabi, ningapheli amandla ; phumelani kubo kusasa, ngokuba uJehova unani.

2 iziKronike 24:18

Bayishiya indlu kaJehov a uNkulunkulu wawoyise , bakhonza o -Ashera nezithombe; uJuda neJerusalema kwehlelwa yintukuthelo ngaleli cala labo.

2 iziKronike 29:8

Intukuthelo kaJehova yayisiba phezu kukaJuda neJerusalema , wabanikela baba yisibon elo esibi , nesimangaliso, nento enximfelwayo , njengalokhu nibona ngamehlo enu.

2 iziKronike 32:12

Yena lowo Hezekiya akasusanga yini izindawo eziphakemeyo nama -altare akhe, wayala uJuda neJerusalema, wathi: Niyakukhuleka phambi kwe-altare linye, nishise impepho, na?

2 iziKronike 32:2

Lapho uHezekiya esebona ukuthi uSaneheribi ufikile nokuthi uqonda ukulwa neJerusalema,

2 iziKronike 34:3

Ngomnyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe esengumfana waqal a ukufuna uNkulunkulu kaDavide uyise ; ngomnyaka weshumi nambili waqala ukuhlambulula uJuda neJerusalema , wasusa izindawo eziphakemeyo , nawo- Ashera, nezithombe ezibaziweyo, nezithombe ezibunjiweyo.

2 iziKronike 34:5

Wawashisa amathambo abapristi ema -altare abo , wahlambulula uJuda neJerusalema.

2 iziKronike 35:24

Izinceku zayo zayikhipha enqoleni , zayikhwelisa enqoleni yesibili eyayinayo, zayiyisa eJerusalema ; yafa, yembelwa emathuneni awoyise . Wonke uJuda neJerusalema bamlilela uJosiya.

AbAhluleli 1:8

Abantwana bakwaJuda balwa neJerusalema , balithatha, balichitha ngosiko lwenkemba, bathungela umuzi ngomlilo.

IzEnzo 1:12

Khona babuyela eJerusalema bevela entabeni ethiwa eyemiNqumo eseduze neJerusalema, ibanga lohambo lwesabatha.

KwabaseGalathiya 4:25

Kepha uHagari lo uyintaba yaseSinayi e -Arabiya, eqondene neJerusalema lakalokhu, ngokuba lisebugqileni nabantwana balo.

NgokukaJohane 11:18

IBethaniya laliseduze neJerusalema , kungaba ngamastadiyu ayishumi nanhlanu.

NgokukaLuka 19:11

Kuthe ukuba bakuzwe lokho , weleka walandisa umfanekiso , ngokuba ebeseduze neJerusalema nangokuba bebethi umbuso kaNkulunkulu uzakubonakala masinyane.

NgokukaLuka 24:13

Bheka-ke, ababili babo babehamba ngalona lolo suk u, beya emzaneni othiwa i -Emawuse, ukude neJerusalema amastadiyu angamashumi ayisithupha.

NgokukaLuka 5:17

Kwathi ngolunye lwalezo zinsuku yena esafundisa , kwakuhlezi khona abaFarisi nabafundisi bomthetho ababephuma emizini yonke yaseGalile neJudiya neJerusalema. Namandla eNkosi ayekuye ukuba aphulukise.

NgokukaMathewu 2:3

UHerode inkosi esekuzwile lokho wakhathazeka neJerusalema lonke kanye naye.

U-Ezra 7:14

njengokuba uthunyiwe yinkosi nabeluleki bayo abayisikhombisa ukubuza ngelakwaJuda neJerusalema njengokomthetho kaNkulunkulu wakho osesandleni sakho,

U-Isaya 1:1

Umbono ka-Isaya, indodana ka-Amose, awubonayo ngoJuda neJerusalema emihleni ka-Uziya, noJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda.

U-Isaya 2:1

Indaba ayibonayo u-Isaya indodana ka-Amose ngoJuda neJerusalema.

U-Isaya 64:10

Imizi yakho engcwele iphendukile ihlane ; iSiyoni liphendukile ihlane , neJerusalema liyincithakalo.

U-Isaya 66:10

Thokozani kanye neJerusalema , nilethabele nina nonke enilithandayo ; jabulani ngenjabulo kanye nalo nina nonke enilililelayo,

UHezekeli 23:4

Amagama abo ayengu -Ohola, omkhulu, no-Oholiba udadewabo ; baba ngabami, bazala amadodana namadodakazi. Amagama abo: iSamariya lingu- Ohola, neJerusalema lingu-Oholiba.

UJeremiya 33:16

Ngalezo zinsuku uJuda uyakusindiswa, neJerusalema liyakuhlala lilondekile; yileli gama eliyakubizwa ngalo , elithi: UJEHOVA UNGUKULUNGA KWETHU.

UJeremiya 34:1

Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova , lapho uNebukadinesari , inkosi yaseBabele, nayo yonke impi yakhe , nayo yonke imibuso yomhlaba ebuswa yisandla sakhe, nabantu bonke belwa neJerusalema nayo yonke imizi yalo , lathi:

UJeremiya 34:7

lapho impi yenkosi yaseBabele ilwa neJerusalema nayo yonk e imizi yakwaJuda eseleyo , iLakishi ne -Azeka, ngokuba yiyo eyayisele phakathi kwemizi yakwaJuda iyimizi ebiyelweyo.

UJeremiya 4:10

Ngase ngithi: Awu, Nkosi Jehova, ubakhohlisile nokubakhohlisa laba bantu neJerusalema ngokuthi : Niyakuba nokuthula ; nokho inkemba ifinyelele emphefumulweni.

UJoweli 3:1

Ngokuba ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi , lapho ngiyakubuyisa ukuthunjwa kukaJuda neJerusalema,

UJoweli 3:20

Kepha uJuda uyakuhlala kuze kube phakade, neJerusalema ezizukulwaneni ngezizukulwane.

UMika 1:1

Izwi likaJehova elafika kuMika waseMoresheti ezinsukwini zikaJothamu , no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda , owalibona ngeSamariya neJerusalema.

UMika 3:10

enakha iSiyoni ngegazi neJerusalema ngobubi,

UNehemiya 4:8

benza ugobe ukuba baye ukulwa neJerusalema, balilimaze.

UZakariya 14:12

Yikho okuyakuba ngukushaya uJehova ayakushaya ngakho bonke abantu abalwe neJerusalema : inyama yab o iyakudleka besemi ngezinyawo zabo , namehlo abo ayakuphelela ezikhoxeni zawo , ulimi lwabo ludleke emlonyeni wabo.

UZakariya 1:19

Ngathi kuyo ingelosi eyayikhuluma nami : Ziyini lezi ? Yathi kimi : Lezi ziyizimpondo ezihlakazile oJuda, no-Israyeli, neJerusalema.