Skip to Content

"nemikhonto"

8 occurrences in ZUL

1 iziKronike 12:24

Abantwana bakwaJuda ababepheth e izihlangu nemikhonto babeyizinkulungwane eziyisithupha namakhulu ayisishiyagalombili , behlomele ukulwa.

1 uSamuweli 13:19

Kwakungekho mkhandi ezweni lonke lakwa -Israyeli, ngokuba amaFilisti athi: Funa amaHeberu azenzele izinkemba nemikhonto.

2 iziKronike 11:12

Emizini yonke , yileyo naleyo , wabeka izihlangu nemikhonto , wayiqinisa kakhulu impela. ElakwaJuda nelakwaBenjamini lalingelakhe. Abapristi namaLevi baya kwaJuda

2 iziKronike 14:8

U-Asa wayenempi ephethe izihlangu nemikhonto , evela kwaJuda , iyizinkulungwane ezingamakhulu amathathu, nevela kwaBenjamini, ephethe amahawu nensala iminsalo , iyizinkulungwane ezingamakhulu amabili namashumi ayisishiyagalombili; bonke labo babe ngamaqhawe anamandla.

2 iziKronike 26:14

U-Uziya walungisela impi yonke izihlangu , nemikhonto, nezigqoko, namabhantshi, neminsalo, namatshe endwayimana.

U-Isaya 2:4

Uyakwahlulela phakathi kwezizwe , anqume phakathi kwabantu abaningi ; bayakukhanda izinkemba zabo zibe ngamakhuba , nemikhonto yabo ibe ngocelemba; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba , zingabe zisafunda ukulwa.

UHezekeli 39:9

Abahlala emizini yakwa -Israyeli bayakuphuma , baphembe umlilo ngezikhali, bazishise, izihlangu namahawu , iminsalo nemicibisholo , nezinduku, nemikhonto, benze umlilo ngakho iminyaka eyisikhombisa.

UNehemiya 4:13

Ngase ngimisa ngenzansi ezindaweni ezisemva kogange nakwezisobala abantu ngemindeni yabo, benezinkemba zabo, nemikhonto yabo, neminsalo yabo.