Skip to Content

"neminqumo"

10 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 8:14

Iyakuthatha amasimu enu, nezivini zenu, neminqumo yenu emihle, ikunike izinceku zayo.

2 AmaKhosi 5:26

Wayesethi: Ayiyanga yini inhliziyo yami , lapho lowo muntu ephenduka enqoleni yakhe ukukuhlangabeza, na? Sekuyisikhathi sokwamukela izingubo, neminqumo, nezivini, nezimvu, nezinkabi, nezinceku, nezincekukazi, na?

AbAhluleli 15:5

Wazithungela izikhuni ngomlilo , wazivumela ukuba zingene phakathi kwamabele amaFilisti engakavunwa , washisa am aqhinqa nezinhlanga zamabele kanye nezivini neminqumo.

U-Amose 4:9

Nganishaya ngokuhamuka nesikhutha ; izivande zenu , nezivini zenu , nemikhiwane yenu , neminqumo yenu emining i kwadliwa yisibotho , kepha nokho anibuyelanga kimi, usho uJehova.

UDuteronomi 28:40

Uyakuba neminqumo phakathi kwemikhawulo yakho yonke , ungazigcobi nokho ngamafutha, ngokuba izithelo zeminqumo yakho ziyakuvuthuluka.

UDuteronomi 6:11

nezindlu ezigcwele zonke izinto ezinhle ongazigcwalisanga , nemithombo embiweyo ongayimbanga , nezivini neminqumo ongakutshalanga , nalapho udla usuthe,

UHagayi 2:19

Imbewu isesibuyeni na ? Qha, imivini, nemikhiwane, namapomegranati, neminqumo akuthelanga; kepha kusukela kulolu suku ngiyakukubusisa.

UNehemiya 5:11

Ake nibuyisele namhlanje amasimu abo , nezivini zabo, neminqumo yabo, nezindlu zabo , nenxenye yekhulu yemali , neyamabele, neyewayini, neyamafutha enikubiza kubo kube yinzalo.

UNehemiya 9:25

Bathatha imizi ebiyelweyo nezwe elivundileyo , badla izindlu ezigcwele okuhle konke: imithombo embiweyo, nezivini, neminqumo, nemithi eminingi yokudliwa; badla-ke, basutha, bakhuluphala, benama ngobuhle bakho obukhulu.

UZakariya 4:3

neminqumo emibili eseceleni kwalo , omunye ungakwesokunene sembizana, nomunye ungakwesokhohlo sayo.