Skip to Content

"nemizi"

37 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 15:23

Zonke ezinye izindaba zika -Asa, nawo onke amandla akhe , nakho konke akwenzayo, nemizi ayakhayo , angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na ? Ngesikhathi sobudala bakhe wayenesifo ezinyaweni zakhe.

1 AmaKhosi 9:19

nayo yonke imizi yokubekelela uSolomoni ayenayo , nemizi yezinqola zakhe, nemizi yabamahhashi bakhe , nalokhu uSolomoni ayefisa ukwakha khona eJerusalema, naseLebanoni, nasezweni lonke lapho ebusa khona.

1 iziKronike 2:23

OGeshuri no-Aramu babaphuca imiz i kaJayirem, kanye neKhenati nemizi yalo, imizi engamashumi ayisithupha . Bonke labo babe ngamadodana kaMakiri uyise kaGileyadi.

1 kuThimothewu 3:12

Amadiyakoni mawabe ngamadoda amfazi munye , abusa kahle abantwana bawo nemizi yawo.

2 AmaKhosi 18:8

Wachitha amaFilisti kwaze kwaba seGaza nemikhawulo yalo , imibhoshongo yabalindi nemizi ebiyelweyo. IJerusalema lihlaselwa ngoShalimaneseri noSaneheribi

2 iziKronike 17:12

UJehoshafati wayelokhu ekhula njalo , waze waba mkhulu kakhulu ; wakha izinqaba nemizi yokubekelela kwaJuda.

2 iziKronike 21:3

Uyise wabanika izipho ezinkulu zesiliva nezegolide, namagugu kanye nemizi ebiyelweyo kwaJuda , kepha umbuso wawunika uJehoramu , ngokuba wayeyizibulo.

2 iziKronike 32:1

Emva kwalezo zinto naleso sibonelo sokuthembeka kwafika uSaneheribi inkosi yase -Asiriya, wangena kwaJuda , wamisa malungana nemizi ebiyelweyo, wathi uyakuzifohlela yona.

2 iziKronike 32:29

Wazenzela nemizi , nemfuyo yezimvu , nezinkomo eziningi , ngokuba uNkulunkulu wayemnike impahla eningi kakhulu.

2 iziKronike 8:6

kanye neBalati nayo yonke imizi yokubekelela uSolomoni ayenayo, nayo yonke imizi yezinqola zakhe , nemizi yabamahhashi bakhe , nakho konke uSolomoni ayefisa uku kwakha eJerusalema, naseLebanoni, nasezweni lonke lokubusa kwakhe.

2 kaPetru 2:6

nemizi yaseSodoma neGomora wayahlulela wayichitha ngokuyiphendula umlotha, eyenza ibe yisiboniso kubo abangayikumesaba uNkulunkulu;

AmaHubo 49:11

Ukucabanga kwabo kuthi izindlu zabo zizakuma kuze kube phakade, nemizi yabo ezizukulwaneni ngezizukulwane ; amazwe abo bawabiza ngamagama abo.

EkaJuda 1:7

njengokuba iSodoma neGomora nemizi yangakhona yenza ubufebe ngendlela efana neyayo, yalandela inyama imbe imisiwe ibe yisiboniso , izwa isijeziso somlilo omiyo njalo.

IsAmbulo 16:19

Umuzi omkhulu waba yizinqamu ezintathu , nemizi yabezizwe ya wa. NeBabiloni elikhulu lakhunjulwa phambi kukaNkulunkulu ukuba alinike isitsha sewayini lolaka lwakhe oluvuthayo.

U-Isaya 42:11

Ihlane nemizi y alo makujabul e nemizana abakhileyo kuyo abakwaKedari , bahube abakhile emadwaleni, benanele beseziqongweni zezintaba.

UDuteronomi 2:37

izwe labantwana bakwa -Amoni nokho awusondelanga kulo , uhlangothi lomfula iJakobi , nemizi esezintabeni, nakuphi lapho uNkulunkulu wasenqabela khona.

UDuteronomi 3:12

Lelo zwe salidla ngaleso sik hathi; izwe elisukela e -Aroweri elisesigodini sase-Arinoni, nenxenye yezintaba zakwaGileyadi , nemizi yalo , sabanika khona abakwaRubeni nabakwaGadi;

UDuteronomi 6:10

Kuyakuthi lapho uJehova uNkulunkulu wakho eyakukungenisa ezweni alifungela oyihlo , o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ukukunika lona kanye nemizi emikhulu nemihle ongayakhanga,

UGenesise 45:18

nithathe uyihlo nemizi yenu , nize kimi , nginiphe okuhle kwezwe laseGibithe, nize nidle amanoni ezwe.

UHezekeli 25:9

bheka, ngalokho ngiyakuvula umthambeka kaMowabi angabe esaba nemizi , kusukela emizini yasemikhawulweni, ubukhosi bezwe: iBeti Jeshimoti, neBali Mehoni, neKiriyatayimi,

UHezekeli 36:35

Bayakuthi: Leli zwe ekade laliyize selinjengensimu yase -Edene, nemizi echithekileyo neyayiyincithakalo nediliziweyo isibiyelwe, iyahlalwa.

UJeremiya 22:6

Ngokuba usho kanje uJehova ngendlu yenkosi yakwaJuda, uthi: UyiGileyadi kimi, nekhanda laseLebanoni ; impela ngiyakukwenza ube yihlane nemizi engahlalwa muntu.

UJeremiya 25:18

iJerusalema nemizi yakwaJuda , namakhosi alo , nezikhulu zalo , ukuba ngikwenze kube yincithakalo , nesimangaliso, nento encimfelwayo , nesiqalekiso njenganamuhla;

UJeremiya 48:15

Umchithi kaMowabi nemizi yakhe bakhuphukile , izinsizwa zakhe ezikhethekileyo zehlele ukuyobulawa , isho iNkosi egama layo linguJehova Sebawoti.

UJeremiya 48:24

neKeriyote, neBosira, nemizi yonke yezwe lakwaMowab i ekude noma eseduze.

UJeremiya 49:18

Njengasekuchithweni kweSodoma neGomor a nemizi yangakhona , usho uJehova, akuyikuhlala muntu khona , nendodana yomuntu ayiyikugogobala khona.

UJeremiya 4:26

Ngabuka; bheka, izwe elivundileyo laliyihlane , nemizi yalo yonke yayidiliziwe ebusweni bukaJehova naphambi kolaka lwakhe oluvuthayo.

UJeremiya 50:40

Njengalokho uNkulunkulu wachitha iSodoma neGomor a nemizi yawo eyakheleneyo, usho uJehova , kanjalo akuy ikuhlala muntu khona , kungagogobali khona indodana yomuntu.

UJoshuwa 11:21

UJoshuwa wafika ngaleso sikhathi , wanquma ama -Anaki ezintabeni eHebroni, naseDebiri, nase-Anabi, nasezintabeni zakwaJuda , nasezintabeni zakwa-Israyeli, uJoshuwa wawaqothula kanye nemizi yawo.

UJoshuwa 15:45

I-Ekroni nemizi yalo nemizana yalo;

UJoshuwa 15:47

I-Ashidodi nemizi yalo nemizana yal o; iGaza nemizi yalo nemizana yalo , kuze kufike emfuleni waseGibithe, naseLwandle Olukhulu nogu lwalo.

UJoshuwa 16:9

kanye nemizi eyahlukaniselwa abantwana bakwa -Efrayimi phakathi kwefa labantwana bakwaManase, yonke imizi nemizana yayo.

UJoshuwa 24:13

Nganinika izwe eningakhandlekanga kulo, nemizi eningayakhanga nihlala nokho kuyo; niyadla ezivinini naseminqumeni eningakutshalanga.

ULevitikusi 26:33

Nina-ke ngiyakunihlakazela ezizweni , ngihoshe inkemba emva kwenu , izwe lakini libe yincithakalo, nemizi yenu ibe yizwekufa.

UNumeri 21:3

UJehova walilalela izwi lika -Israyeli, wanikela amaKhanani; bawaqothula kanye nemizi yawo; igama laleyo ndawo lathiwa iHorma. Inyoka yethusi

UNumeri 32:33

UMose wayesebanika abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni nenxenye yesizwe sakwaManase indodana kaJosefa umbuso kaSihoni inkosi yama-Amori nombuso ka -Ogi inkosi yaseBashani , izwe nemizi yalo namaphethelo ayo, imizi yezwe nxazonke.

UNumeri 35:8

Mayelana nemizi eniyakuyinika nithathe kulo izwe labantwana bakwa - Israyeli, kwabaningi nithathe eminingi , kwabayingcosana nithathe eyingcosana, yilowo nalowo anike amaLevi ngokuthatha kuyo imizi yakhe njengefa lakhe alidlayo.