Skip to Content

"nensika"

9 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 7:21

Wazimisa izinsika ngasemphemeni wethempeli ; wayimisa insika yokunene, waqamba igama layo ngokuthi uJakini , wayimisa nensika yasokhohlo , waqamba igama layo ngokuthi uBowazi.

U-Eksodusi 13:22

Insika yefu emini nensika yomlilo ebusuku ayisukanga ebusweni babantu.

U-Eksodusi 14:19

Ingelosi kaNkulunkulu eyayihambile phambi kwempi ka -Israyeli yasuka yahamba emva kwabo , nensika yefu yasuka phambi kwabo , yema emva kwabo.

U-Isaya 19:19

Ngalolo suku kuyakuba khona i -altare kuJehova phakathi kwezwe laseGibithe, nensika kuJehova emkhawulweni walo.

UGenesise 31:51

Wathi uLabani kuJakobe : Bheka, le nqwaba nensika engikumise phakathi kwami nawe,

UGenesise 31:52

le nqwaba ayibe ngufakazi, nensika ibe ngufakazi ukuthi angiyikudlula kule nqwaba, ngiye kuwe, nokuthi wena awuyikudlula kule nqwaba nakule nsika, uze kimi, ngokubi.

UHezekeli 43:8

bebeka umbundu wabo ngasembundwi ni wami , nensika yabo yomnyango eceleni kwensika yami , kube ludo nga kuphela phakathi kwami nabo , belingcolisa igama lami elingcwele ngezinengiso zabo abazenzileyo , okungalokho ngabaqeda ngolaka lwami.

UJeremiya 1:18

Ngokuba bheka , ngikubekile namuhla ube ngumuzi obiyelweyo , nensika yensimbi, nezingange zethusi ngakulo izwe lonke , nangawo amakhosi akwaJuda nezikhulu zalo, nangakubo abapristi balo nabantu bezwe.

UNehemiya 9:19

nokho wena ngomusa wakho omkhulu awubashiyanga ehlane ; insika yefu ayisukanga phezu kwabo emini ukubahola endleleni , nensika yomlilo ebusuku ukubakhanyisela endleleni ababeyakuhamba ngayo.