Skip to Content

"nensimbi"

8 occurrences in ZUL

1 iziKronike 22:14

Bheka, ekuhluphekeni kwami ngilungisele indlu kaJehova amatalenta ayizinkulungwane eziyikhulu egolide , namatalenta ayizinkulungwane eziyinkulungwane esiliva, nethusi nensimbi okungenakulinganiswa, ngokuba kuningi; ngilungisile nemithi namatshe; uyakwenezela kukho.

1 iziKronike 29:2

Sengilungisele indlu kaNkulunkulu wami nga mandla ami onke igolide lokwegolide, nesiliva lokwesiliva, nethusi lokwethusi, nensimbi yokwensimbi, nemithi yokwemithi, namatshe amashohamu nawokufakwa , namatshe ahlobisayo nanemibala eyahlukeneyo , nezinhlobo zonke zamatshe ayigugu , namatshe amhlophe amaningi.

1 kwabaseKorinte 13:1

Noma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi , kepha ngingenalo uthando, ngiyithusi elikhencezayo nensimbi encencethayo.

UHezekeli 22:18

Ndodana yomuntu, indlu yakwa-Israyeli isingamanyela kimi ; bonke babo bayithusi nethini nensimbi nomthofu phakathi kwesithando ; bangamanyela esiliva.

UHezekeli 22:20

Njengokuqoqwa kwesiliva nethusi nensimbi nomthofu nethini phakathi kwesithando ukuba kufuthwe umlilo phezu kwakho ukukuncibilikisa, kanjalo ngiyakunibutha ngentukuthelo yami nangokufutheka kwami , nginibeke khona, nginincibilikise.

UJeremiya 6:28

Bahlubukile bonke nokuhlubuka , behamba behleba ; bayithusi nensimbi , bangabachithi bonke.

UJoshuwa 22:8

Buyelani ematendeni enu nemfuyo eningi : izinkomo eziningi kakhulu , nesiliva, negolide, nethusi, nensimbi, nezingubo eziningi, nabelane impango yezitha zenu nabafowenu.

UNumeri 31:22

kuphela igolide, nesiliva, nethusi, nensimbi, nethini, nomthofu,