Skip to Content

"nenyama"

31 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 17:6

Amagwababa amlethela isinkwa nenyama ekuseni , nesinkwa nenyama kusihlwa, waphuza emfudlaneni.

1 iziKronike 11:1

Wonke u -Israyeli wabuthana kuDavide , wathi: Bheka, thina siyithambo lakho nenyama yakho.

2 uSamuweli 19:12

Ningabafowethu, niyithambo lami nenyama yami; ngalokho kungani ukuba nibe ngabokugcina ukuyibuyisa inkosi na?

2 uSamuweli 19:13

Yishoni ku -Amasa ukuthi : Angithi uyithambo lami nenyama yami na ? Makenze njalo kimi uNkulunkulu , enezele futhi , uma ungayikuba yinduna yempi ngaphambi kwami njalo esikhundleni sikaJowabe.

2 uSamuweli 5:1

Izizwe zonke zakwa-Israyeli zafika kuDavide eHebroni , zasho zathi: Bheka, thina siyithambo lakho nenyama yakho.

AbAhluleli 9:2

Ake nikhulume ezindlebeni zabo bonke abantu baseShekemi, nithi: Yikuphi okuhle kini ukuba onke amadodana kaJerubali angabantu abangamashumi ayisikhombisa anibuse nokuba nibuswe n gumuntu munye na ? Khumbulani ukuthi mina ngiyithambo lenu nenyama yenu.

AmaHubo 16:9

Ngakho-ke inhliziyo yami iyajabula , nomphefumulo wami uyethaba , nenyama yami iyakuhlala ngokwethemba.

IsAmbulo 19:18

ukuba nidle inyama yamakhosi, nenyama yezinduna, nenyama yamaqhawe, nenyama yamahhashi neyabakhwele kuwo , nenyama yabo bonke abakhululekileyo nabayizigqila, abancane nabakhulu.

IzAga 5:11

uze ububule ekugcineni, lapho umzimba wakho nenyama yakho kuqediwe,

IzEnzo 2:26

Ngalokho inhliziyo yami iyajabula , nolimi lwami luyethaba ; ngisho nenyama yami iyakuhlala ngokwethemba.

IzEnzo 2:31

ebona kuse phambili , wakhuluma ngokuvuka kukaKristu ukuthi akashiywanga eHayidese, nenyama yakhe ayibonanga ukubola.

KumaHeberu 2:14

Ngakho-ke njengokuba abantwana bahlanganyela igazi nenyama , naye uqobo wahlanganyela khona lokho , ukuze ngokufa amchithe obe nawo amandla okufa onguSathane,

KwabaseGalathiya 1:16

ukuba ayambule i Ndodana yakhe kimi , ukuze ngiyishumayele phakathi kwabezizwe, khona lapho angibuzananga nenyama negazi,

KwabaseGalathiya 5:17

Ngokuba inyama ikhanuka okuphambene noMoya, kepha uMoya ukhanuka okuphambene nenyama ; ngokuba lezi zinto ziyamelana , ukuze ningenzi lokho enikuthandayo.

KwabaseRoma 8:3

Ngokuba lokho okwehlula umthetho , ngokuba ungenamandla ngenxa yenyama, wakwenza uNkulunkulu ngokuthuma iNdodana yakhe ifana nenyama yesono, nangenxa yesono walahla isono enyameni,

UDaniyeli 10:3

Ngangingadli isinkwa es ithandiweyo, nenyama newayini akungenanga emlonyeni wami, futhi angizigcobanga nakanye kwaze kwaphelela amasonto amathathu.

UDaniyeli 4:12

Amaqabunga awo ayemahle , nezithelo zawo zaziziningi , kukhona kuwo ukudla kubo bonke; izilwane zasendle zazinomthunzi phansi kwawo, izinyoni zezulu zazihlala emagatsheni awo, nenyama yonke yondliwa kuwo.

UDuteronomi 12:23

Qaphela kuphela ukuba ungalidli igazi , ngokuba igazi lingumphefumulo ; awuyikuwudla umphefumulo kanye nenyama.

UGenesise 29:14

ULabani wathi kuye: Impela uyithambo lami nenyama yami. Wahlala kuye inyanga yonke. UJakobe uqala ukusebenza kuLabani

UGenesise 2:23

Wayesethi umuntu : Lo useyithambo lamathambo ami nenyama yenyam a yami; uyakubizwa ngokuthi indodakazi, ngokuba uthathwe endodeni.

UHezekeli 37:8

Ngase ngibona; bheka, kwakukhona imisipha phezu kwawo , kwahluma nenyama, nesikhumba sawasibekela ngaphezulu, kepha umoya wawungekho kuwo.

UHezekeli 4:14

Ngase ngithi : O Nkosi Jehova , bheka, umphefumulo wami awuzange ungcoliswe, ngokuba kusukela ebusheni bami kuze kub e manje angidlanga okuzifeleyo nokudweshuliweyo , nenyama enengekayo ayingenanga emlonyeni wami.

UJeremiya 12:12

Abaphangi bafikele onke amaduli angenalutho, ngokuba inkemba kaJehova iyadla, kusukela komunye umkhawulo womhlab a kuze kufike komunye , nenyama enokuthula ayikho.

UJobe 10:11

Awungembathisanga isikhumba nenyama , wangiphica ngamathambo nangemisipha, na?

UJobe 2:5

Kepha ake welule isandla sakho , uthinte amathambo ak he nenyama yakhe , impela uyakukuthuka ebusweni bakho.

ULevitikusi 16:27

Inkunzi yomnikelo wesono nempongo yomnikelo wesono , elangeniswa igazi lazo ukwenza ukubuyisana endaweni engcwele , ziyakukhishelwa ngaphandle kwekamu , kushiswe ngomlilo izikhumba zazo nenyama yazo nomswani wazo.

ULevitikusi 26:29

Niyakudla inyama yamadodana enu , nenyama yamadodakazi enu niyakuyidla.

ULevitikusi 8:17

Kepha inkunzi nesikhumba sayo , nenyama yayo , nomswani wayo , wakushisa ngomlilo ngaphandle kwekamu , njengalokho uJehova emyalile uMose.

UMika 3:2

nina enizonda okuhle , nithanda okubi , enebula kubo isikhumba sabo , nenyama yabo emathanjeni abo,

UNumeri 19:5

isithole sishiswe phambi kwakhe , isikhumba saso , nenyama yaso , negazi laso, kanye nomswani waso kushiswe;

UZefaniya 1:17

Ngiyakucindezela abantu , bahambe njengezimpumputhe, ngokuba bonile kuJehova; igazi labo liyakuthululwa njengothuli , nenyama yabo njengomquba.