Skip to Content

"nenyanga"

22 occurrences in ZUL

AmaHubo 121:6

Ilanga aliyikukushaya emini nenyanga ebusuku.

AmaHubo 148:3

Mdumiseni nina langa nenyanga , nimdumise nina zinkanyezi zonk e ezikhanyayo.

AmaHubo 72:5

Bayakwesaba wena , kusekhona ilanga nenyanga , izizukulwane ngezizukulwane.

IsAmbulo 12:1

Kwaba khona ezulwini isibonakaliso esikhulu: owesifazane embethe ilanga , nenyanga iphansi kwezinyawo zakhe , nasekhanda lakhe kukhona umqhele wezinkanyezi eziyishumi nambili,

IsAmbulo 21:23

Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuba kukhanye kuwo , ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo siyiWundlu.

IsAmbulo 6:12

Ngase ngibona lapho livula uphawu lwesithupha , kwaba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba , nelanga laba mnyama njengendwangu yesaka loboya, nenyanga yonke yaba njengegazi,

IsAmbulo 9:15

Zase zithukululwa izingelosi ezine ezilungiselwe ihora , nosuku, nenyanga, nomnyaka, ukuba zibulale okwesithathu kwabantu.

NgokukaMarku 13:24

Kodwa ngalezo zinsuku emva kwalolo sizi ilanga liyakufiphazwa, nenyanga ayiyikukhanya,

NgokukaMathewu 24:29

Kepha masinyane emva kosizi lwalezo zinsuk u ilanga liyakufiphazwa , nenyanga ayiyikukhanya, nezinkanyezi ziyakuwa ezulwini , namandla ezulu ayakuzanyazanyiswa.

U-Esteri 9:22

njengezinsuku abaJuda abathola ngazo ukuphumula ezitheni zabo nenyanga eyaguqulwa kubo osizini yaba ngeyokuthokoza nasekulilen i kwaba lusuku oluhle, bazenze zibe yizinsuku zedili nezokuthokoza nezokuthumelana izipho omunye komunye, kanye nezipho kwabampofu.

U-Isaya 13:10

Ngokuba izinkanyezi zezulu nawondwenjana baz o akuyikukhanya; ilanga liyakuba mnyama ekuphumeni kwalo , nenyanga ayisayikukhipa ukukhanya kwayo.

U-Isaya 60:19

Ilanga alisayikuba ngukukhanya kuwe emini , nenyanga ayisayikukukhanyisela ngokukh azimula ebusuku ; uJehova uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe, uNkulunkulu wakho abe ludumo lwakho.

U-Isaya 60:20

Ilanga lakho alisayikushona , nenyanga yakho ayisayikuncipha , ngokuba uJehova uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe , nezinsuku zokulila kwakho ziyakuphela.

UDuteronomi 4:19

funa uphakamisele amehlo akho ezulwini, nalapho ubona ilanga nenyanga nezinkanyezi, lonke ibandla lezulu , uyengwe, uze ukhuleke kukho , ukukhonze, okwabelwe izizwe zonke eziphansi kwezulu nguJehova uNkulunkulu wakho.

UGenesise 37:9

Waphupha nelinye iphupho, wabalandisa lona abafowabo , wathi: Bhekani, ngiphuphe nelinye iphupho ; bhekani-ke ilanga nenyanga nezinkanyezi eziyishumi nanye kwangikhothamela.

UHabakuki 3:11

Ilanga nenyanga kwema endaweni yakh o ngokukhanya kwemicibisholo yakho egijimayo nangokubengezela kwemikhonto yakho ecwebezelayo.

UJobe 25:5

Bheka, nenyanga ayinankazimulo, nezinkanyezi azihlambulukile emehlweni akhe.

UJobe 31:26

uma ngibone ukukhanya ukuthi kuyakhazimula , nenyanga ukuthi ihamba ngencwazimulo,

UJoshuwa 10:13

Lase lima ilanga , nenyanga yahlala , abantu baze baziphindisela ezitheni zabo. Akulotshiwe yini lokho eNcwadini Yolungileyo na ? Ilanga lema phakathi nomkhathi, alisheshanga ukushona kungathi usuku lonke.

UJoweli 2:10

Umhlaba uyazamazama phambi kwabo, amazulu ayathuthumela ; ilanga nenyanga kuphenduka ubumnyama, nezinkanyezi zisusa ukukhanya kwazo.

UJoweli 3:15

Ilanga nenyanga kuba mnyama, izinkanyezi zisusa ukukhanya kwazo.

UmShumayeli 12:2

yebo, lingakabi mnyama ilanga , nokukhanya, nenyanga, nezinkanyezi, namafu engakabuyi emva kwemvula,