Skip to Content

"nesifo"

11 occurrences in ZUL

1 iziKronike 21:12

Zikhethele noma indlala yeminyaka emithathu , noma ukuchithwa yizitha zakho iz inyanga ezintathu uficwa yinkemba yezitha zakho , noma izinsuku ezintathu zenkemba kaJehova nesifo ezweni , ingelosi kaJehova ichithe emikhawulweni yonke yakwa -Israyeli. Manje zibonele izwi engiyakulibuyisela kongithumileyo.

2 iziKronike 16:12

Ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalolunye wokubusa kwakhe u-Asa waba nesifo ezinyaweni zakhe ; isifo sakhe sasinzima kakhulu ; kepha akafunanga uJehova esifweni sakhe, izinyanga zodwa.

2 iziKronike 20:9

Uma sehlelwa ngokubi, inkemba, nokwahlulelwa, nesifo, nendlala, siyakuma phambi kwale ndlu naphambi kwakho, ngokuba igama lakho likule ndlu, sikhale kuwe ekuhluphekeni kwethu, uyakuzwa, usisindise.

AmaHubo 91:10

Awuyikwehlelwa ngokubi, nesifo asiyikusondela etendeni lakho.

AmaHubo 91:6

nobhadane oluhamba ebumnyameni, nesifo esibhubhisayo emini enkulu.

UHezekeli 14:21

Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Kakhulu kangakanani , lapho ngithuma eJerusalema izahlulelo zami ezine ezimbi, inkemba, nendlala, nezilwane ezesabekayo, nesifo ukuba nginqume kulo abantu nezilwane, na?

UHezekeli 7:15

Yinkemba ngaphandle, yisifo nendlala ngaphakathi ; osensimini uyakufa ngenkemba, osemzini uyakuqedwa yindlala nesifo.

UJeremiya 24:10

Ngiyakuthuma kubo inkemba , nendlala, nesifo, baze baphele ezweni engalinika bona nawoyise.

UJeremiya 29:17

yebo, usho uJehova Sebawoti, uthi: Bhekani, ngiyakuthuma kubo inkemba, nendlala, nesifo, ngibenze babe njengamakhiwane amabi angenakudliwa ngobubi bawo.

UJeremiya 32:24

Bheka, amaduli asefike emzini ukuba umuzi uthathwe ; ngenxa yenkemba nendlala nesifo umuzi unikelwe esandleni samaKaledi alwa nawo; kwenzekile owakukhulumayo; bheka, usuyakubona.

UJeremiya 34:17

Ngalokho usho kanje uJehova , uthi: Nina aningilalelanga u kuba nimemezele ukukhululeka, kube yilowo nalowo kumfowabo , yilowo nalowo kumakhelwane wakhe ; bhekani, sengiyanimemezela ukukhululeka , usho uJehova, nginikhululele inkemba , nesifo, nendlala, nginenze ukuba nihlupheke emibusweni yonke yomhlaba.