Skip to Content

"nesiliva"

34 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 10:22

Ngokuba inkosi yayinemikhumbi yaseTharishishi elwandle kanye nemikhumbi kaHiramu ; kanye ngeminyaka emithathu yafika imikhumbi yaseTharishishi iletha igolide , nesiliva, nezimpondo zendlovu , nezimfene, namapikoko.

1 iziKronike 18:11

Nalezo inkosi uDavide yayizingcwelisela uJehova kanye nesiliva negolide alisusa ezizweni zonke : ku-Edomi, nakuMowabi, nakubantwana bakwa - Amoni, nakumaFilisti, nakuma-Amaleki.

1 iziKronike 29:2

Sengilungisele indlu kaNkulunkulu wami nga mandla ami onke igolide lokwegolide, nesiliva lokwesiliva, nethusi lokwethusi, nensimbi yokwensimbi, nemithi yokwemithi, namatshe amashohamu nawokufakwa , namatshe ahlobisayo nanemibala eyahlukeneyo , nezinhlobo zonke zamatshe ayigugu , namatshe amhlophe amaningi.

1 iziKronike 29:3

Futhi njengokuba ngiyenamela indlu kaNkulunkulu wami , nginengcebo yegolide nesiliva, ngiyanika indlu kaNkulunkulu wami yona phezu kwakho konke engikulungisele indlu engcwele,

1 kwabaseKorinte 3:12

Kepha uma umuntu akha phezu kwaleso sisekelo ngegolide , nesiliva, namatshe anenani, nemithi, notshani, nenhlanga,

2 AmaKhosi 14:14

Wathatha lonke igolide nesiliva , nazo zonke izitsha ezafunyanwa endlini kaJehova nasengcebeni endlini yenkosi , nabayisibambiso, wabuyela eSamariya.

2 AmaKhosi 25:15

Nemicengezi yomlilo, nezitsha, okwegolide lodwa nesiliva lodwa , nalokho induna yabalindi yakuthatha.

2 iziKronike 17:11

AmaFilisti athile aletha izipho kuJehoshafati , nesiliva lentela ; nabase- Arabiya baletha kuye imihlambi , izinqama eziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisikhombisa nezimpongo eziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisikhombisa.

2 iziKronike 25:24

Wathatha lonke igolide nesiliva , nazo zonke izitsha ezafunyanwa end lini kaJehova ku -Obede Edomi , nengcebo yendlu yenkosi , nabayisibambiso, wabuyela eSamariya.

2 iziKronike 5:1

Wawusuphela-ke wonke umsebenzi uSolomoni awenzela indlu kaJehova . USolomoni wangenisa izinto ezazingcweliswe nguDavide uyise , kanye nesiliva negolide , nazo zonke izitsha , wakubeka engcebeni yendlu kaNkulunkulu.

2 iziKronike 9:14

ngaphandle kokuvela kubahwebi nabathengisi ; onke amakhosi ase-Arabiya nababusi bezwe baletha igolide nesiliva kuSolomoni.

2 iziKronike 9:21

Ngokuba inko si yayinemikhumbi eyaya eTharishishi kanye nezinceku zikaHiramu; kanye ngeminyaka emithathu yafika imikhumbi yaseTharishishi iletha igolide, nesiliva, nezimpondo zendlovu, nezimfene, namapikoko.

2 uSamuweli 8:11

Nalezo inkosi uDavide yazingcwelisela uJehova kanye nesiliva negolide eyayilingcwelisile livela ezizweni zonke eyayizahlulile:

EkaJakobe 5:3

igolide lenu nesiliva kugwalile , nokugwala kwakho kuyakuba ngufakazi ngakini, kudle inyama yenu njengomlilo . Niqongelele ingcebo ezinsukwini zokuphela.

U-Eksodusi 25:3

Yilo umnikelo eniyakuwuthabatha kubo: igolide, nesiliva, nethusi,

U-Eksodusi 35:5

Thabathani phakathi kwenu umn ikelo ube ngokaJehova ; bonke abanenhliziyo ethandayo mabawulethe , ube ngumnikelo kaJehova : igolide, nesiliva, nethusi,

U-Esteri 1:6

Kwakukhona izilenge ezimhlophe neziluhlaza , ziboshelwe ngezintambo zelineni elicolekileyo nezibubende emasongweni esiliva nasezinsiken i zamatshe amhlophe ; imibhede yayiyigolide nesiliva phezu kwendawo egandaywe ngamatshe abomvu, nangamaparele, nangamatshe amnyama.

UDaniyeli 11:43

Iyakubusa phezu kwengcebo yegolide nesiliva , naphezu kwakho konke okuthandiweyo kwaseGibithe; amaLubi namaKushe ayakuba sezinyathelweni zayo.

UDaniyeli 2:35

Kwase kuchotshozwa kanyekanye insimbi , nebumba, nethusi, nesiliva, negolide, kwaba njengamakhoba ezibuya zasehlobo , kwasuswa ngumoya , akutholwanga ndawo ; itshe elalisishay a isithombe laba yintaba enkulu , lawugcwalisa umhlaba wonke.

UDaniyeli 2:45

Njengalokho wabona itshe ukuthi laqheshulwa entabeni kungengazandla , nokuthi lachoboza insimbi , nethusi, nebumba, nesiliva, negolide, uNkulunkulu omkhulu uyazisil e inkosi okuyakuba khona emva kwalokhu ; iphupho liqinisile, nencazo yalo iyiqiniso.

UDuteronomi 29:17

nizibonile izinengiso zazo , nezithombe zazo , imithi, namatshe, nesiliva, negolide, okwakuphakathi kwazo

UDuteronomi 8:13

kwandile izinkomo zakho nezimvu zakho, kwandile nesiliva lakho negolide lakho, kwandile konke onakho,

UGenesise 13:2

U-Abrama wayefuyile kakhulu izinkomo, nesiliva, negolide.

UGenesise 24:35

UJehova ubusisile kakhulu inkosi yami , yaze yaba nkulu ; uyinike izimvu, nezinkomo, nesiliva, negolide, nezinceku, nezincekukazi, namakamela, nezimbongolo.

UHezekeli 28:4

ngokuhlakanipha kwakho nangokuqonda kwakh o uzizuzele imfuyo, wafaka igolide nesiliva engcebeni yakho;

UJeremiya 52:19

Izindebe, nemicengezi yomlilo , nezitsha, namakhanzi, nezinti zezibani , nezinkezo, nezinkamba, okwegolide lodwa nesiliva lodwa , nalokho induna yabalindi yakuthatha.

UJobe 22:25

USomandla uyakuba yigugu lakho, nesiliva elikhazimulayo kuwe,

UJobe 28:15

Akunakuzuzwa ngegolide; intengo yakho ayinakulinganiswa nesiliva.

UJoshuwa 22:8

Buyelani ematendeni enu nemfuyo eningi : izinkomo eziningi kakhulu , nesiliva, negolide, nethusi, nensimbi, nezingubo eziningi, nabelane impango yezitha zenu nabafowenu.

UJoshuwa 7:21

Ngabona empangweni ingubo enhle yaseShineyari , namashekeli angamakhulu amabili esiliva, nesigaxa segolide esinesisindo esing amashekeli angamashumi ayisihlanu , ngakufisa, ngakuthatha; bheka, kuthukusiwe emhlabathini phakathi kwetende lami, nesiliva liphansi kwakho.

UJoshuwa 7:24

UJoshuwa nabo bonke abakwa -Israyeli benaye bamthatha u -Akani indodana kaZera, nesiliva, nengubo, nesigaxa segolide , namadodana akhe , namadodakazi akhe, nezinkabi zakhe, nezimbongolo zakhe, nezimvu zakhe, netende lakhe, nakho konke anakho, bakukhuphulela esigodini sase-Akori.

UMalaki 3:3

Siyakuhlala sicwengisisa sihlanza isiliva , sihlambulule amadodana kaLevi , siwahluze njengegolide nesiliva , aze anikele ngeminikelo kuJehova ngokulunga.

UNumeri 31:22

kuphela igolide, nesiliva, nethusi, nensimbi, nethini, nomthofu,

UZakariya 14:14

NoJuda uyakulwa eJerusalema , kubuthwe ingcebo yazo zonke izizwe ezizungezileyo, igolide, nesiliva, nezambatho, kube kuningi kakhulu.